Ngo-2017
Ukuze Babemunye
NgoJulayi 2017


UMlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uJulayi 2017

Ukuze Babemunye

Ngomkhuleko funda lemibhalo ngenhloso yokufuna ukwazi ngalokho ongakhuluma ngakho. Ukuqonda injongo yeNhlangano Yabesimame Yenkululeko kuwalungiselela kanjani amadodakazi kaNkunkulu ukuba athole izibusiso zempilo engunaphakade?

Isithombe
Relief Society seal

Ukholo Umndeni Inkululeko

“UJesu wathola ubunye obuphelele kanye noBaba ngenkathi ezinikela, ngenyama kanye nangokomoya, kwintando kaBaba,” lafundisa iGosa uTodd Christofferson womGwamanda wabaPhostoli abayiShumi namBili.

“…Eqinisweni angeke saba munye noNkulunkulu kanye noKristu ngaphambi kokuba senze intando Yabo kanye nabakufunayo kube isifiso sethu esikhulu. Ukuzinikela okunjalo akuvele kwenzeke ngosuku olulodwa, kepha ngoMoya oNgcwele, iNkosi izosifundisa uma sifisa kuze kufike, ekuhambeni kwesikhathi, kungashiwo ngokuqiniseka ukuthi Yena Ukithi njengoba uBaba Ekuye.”1

ULinda K Burton, onguMongameli Jikelele weNhlangano Yenkululeko Yabesimame, wafundisa ngokusebenzela ukuze umuntu afinyelele kulolu bumbano: “Ukwenza futhi nokugcina izivumelwano zethu kuwukuzibonakalisa kwethu ukuthi sizimisele ukuba njengoMsindisi. Okulindekile ukuba sisebenze kanzima ukuba sibe nesimilo esikhonjiswa emigqeni elandelayo yeculo engilikhonze kakhulu: ‘Ngizoya lapho wena ofuna ngiye khona. … Ngizosho lokho wena ofuna ngikusho. … Ngizoba yilokho wena ofuna ngibe yikhona.’”2

IGosa uChristofferson waphinda wasikhumbuza ukuthi “njengoba sizama usuku nosuku nesonto nesonto ukulandela indlela kaJesu Kristu, umoya wethu utshengisa amandla wawo, impi ngaphakathi iyehla, nezilingo ziyeka ukusiphazamisa.”3

UNeill F. Marriott, uMeluleki wesiBili kubuMongameli Jikelele wabesiMame abaseBasha, ubeka ubufakazi bakhe mayelana nezibusiso esizithola uma sisebenza kanzima ukuba siqondise intando yethu kanye nentando kaNkulunkulu: “Ngizamile ukulwa nesifiso senyama sokwenza izinto ngendlela yami, ekugcineni ngithole ukuthi indlela yami iyashoda, iyaphela, kanti futhi ayilungile ukwedlula ekaJesu Kristu. ‘Indlela ka[Baba wethu oseZulwini] iyindlela eholela enjabulweni kulempilo kanye nempilo engunaphakade emhlabeni ozayo’”4 Make sisebenze kanzima ukuba sibe munye kanye noBaba wethu oseZulwini futhi neNdodana Yakhe, uJesu Kristu.

Imibhalo eNgcwele kanye nolwazi olwengeziwe

uJohane 17:20–21; AbaseEfesu 4:13; Imfundiso kanye Nezivumelwano 38:27; reliefsociety.lds.org

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. D. Todd Christofferson, “That They May Be One in Us,” Liahona, Nov. 2002, 72, 73.

  2. ULinda K. Burton, “Amandla, Injabulo, kanye noThando lokugcina isiVumelwano,” Liahona, Nov. 2013, 111.

  3. D. Todd Christofferson, “Ukuze Babemunye Kithina,” 71.

  4. Neill F. Marriott, “Yielding Our Hearts to God,” Liahona, Nov. 2015, 32.

Shicilela