Ngo-2017
Ukuba ngabaFundi Beqiniso
Ngo-Okhthoba 2017


UMyalezo WobuMongameli BokuQala, ngo-Okthoba 2017

Ukuba ngabaFundi Beqiniso

Kuyo yonke imihlangano yesidlo esingcwele, sinelungelo lokuthembisa uBaba oseZulwini ukuthi siyohlezi sikhumbula uMsindisi futhi sigcine imiyalelo Yakhe ukuze umoya Wakhe ube kanye nathi (bona uMoroni 4:3; 5:2; iMf&V 20:77, 79). Ukumkhubula kuzozifikela kalula kithina uma nje sicela ngegama lakhe. Sikwenza ngezindlela eziningi ikakhulukazi uma sisiza abanye egameni Lakhe, sifunda amazwi Akhe ayingcwele, futhi sithandaze ukuthi sazi ukuthi Yena ufuna senzeni.

Kwenzeka kimi ngesikhathi ngibhabhadisa umfana osemusha. Ngangazi ukuthi ngibizwe izinceku zomSindisi ezigcotshiwe njengesisebenzi esingumfundisi wevangeli, ukuba ngifundise ivangeli Lakhe, futhi ngithule ubufakazi Ngaye kanye nebandla Lakhe leqiniso. Umngani wami ongumfundisi wevangeli kanye nami sathembisa lomfana osemusha ukuthi uyohlanzeka ngamandla enhlawulo kaJesu Kristu uma ephenduka ngokukholelwa kuMsindisi wase ebhabhadiswa ilunga elilodwa lezinceku eligunyaziwe.

Ngenkathi ngikhipha lomfana osemusha emanzini ombhabhadiso, wangihlebela endlebeni wathi, “Ngihlanzekile, ngihlanzekile.” Ngalowomzuzu, ngakhumbula umbhabhadiso womSindisi ebhabhadiswa nguJohane umbhabhadisi emfuleni iJodani. Nangaphezu kwalokho, ngakhumbula ukuthi ngangenza umsebenzi wokusindisa kaMsindisi ovukile nophilayo — okwakukhona uMoya oNgcwele, njengoba kwenzeka nakuJohane.

Kimi futhi nakithi sonke, ukukhumbula uMsindisi kungaba ngaphezu kokwethembela enkumbulweni yolwazi lwethu kanye nesipilioni sethu Naye. Singathatha izinqumo nsuku zonke ezisisondeza eduzan Naye esikhathini samanje.

Isinqumo esilula kungaba ukufunda imibhalo engcwele. Ngokwenza lokhu, singathola imizwa yokuba seduzane Naye. Kimina, ukusondelana naye kuvame ukuza uma ngifunda iNcwadi kaMormoni. Emizuzwini yokuqala ngifunda amakhasi ka 2 Nefi, ngiyawezwa amazwi kaNefi noLehi emqondweni wami bechaza uMsindisi engathi bamazi mathupha. Imizwa yokusondelana naye ivele ize.

Kuwena, kungaba khona ezinye izindawo emiBhalweni eNgcwele kakhulukazi ezikusondeza kuye. Kodwa noma yikuphi nanoma inini lapho ofunda khona imibhalo kaNkulunkulu, ngokuzithoba kanye nangenhloso yangempela yokukhumbula uMsindisi, uyakukhuphula isifiso sakho sokuthatha igama lakhe ulisebenzise empilweni yakho yansuku zonke.

Leso sifiso sizoshintsha indlela okhonza ngayo eBandleni leNkosi. Uyothandaza kuBaba oseZulwini ukuthi akusize ukhulise ngisho lokho okubukeka sengathi kuwubizo olungathi shu. Usizo oyolucela elokuba nekhono lokuzikhohlwa wena ugxile kakhulu kulokho uMsindisi afuna ukwenze kulabo obizwe ukubasebenzela.

Sengike ngasizwa isandla Sakhe kanye nokuba seduze kwakhe ekukhonzeni kwami nabantwana bethu uma ngikhulekela ukwazi ukuthi ngibasize kanjani ukuthola ukuthula lokhu okulethwa yivangeli kuphela. Ezikhathini ezinjena, ngangingenandaba ngokubonwa njengomzali ophumelelayo, kodwa nganginendaba kakhulu ngokuphumelela kanye nokuba kahle kwabantwana bami.

Isifiso sokunika labo esibasebenzelayo lokhu uMsindisi engabanika kona kuholela emikhulekweni enxusayo kuBaba oseZulwini, ngeqiniso egameni likaJesu Kristu. Uma sikhuleka ngaleyondlela—ngegama loMsindisi, ngokukholelwa kuye—uBaba uyaphendula. Usilethela uMoya oNgcwele ukuba usihole, usiduduze, futhi usikhuthaze. Njengoba uMoya uhlezi usifakazela ngoMsindisi (bona 3 Nefi 11:32, 36; 28:11; Etere 12:41), amandla ethu okuthanda iNkosi ngezinhliziyo zethu zonke, umqondo, kanye namandla kuyanyuka (bona uMarku 12:30; uLuka 10:27; iMf&V 59:5).

Izibusiso zansuku zonke nezasesikhathini samanje zokukhumbula zizofika kancane kancane uma simkhonza, sifunda umbhalo Wakhe ngokudlinza, futhi sikhuleka ngokukholwa egameni Lakhe. Lenkumbulo izosiguqula ukuthi sibe abafundi beqiniso beNkosi uJesu Kristu embusweni Wakhe khona lapha kulomhlaba—bese ekuhambeni kwesikhathi kanye noBaba Wakhe emhlabeni okhazimulayo ozayo.

Shicilela