Ngo-2017
Ungesabi Ukwenza Okuhle
NgoNovemba 2017


UMyalezo WobuMongameli BokuQala, ngoNovemba 2017

Ungesabi Ukwenza Okuhle

INkosi isitshela ukuthi uma sima ngokholo phezu kwedwala Lakhe, ukungabaza kanye nokwesaba kuzoncipha; bese isifiso sokwenza okuhle sikhule.

Bafowethu kanye nodadewethu abathandekayo, ngiyakhuleka ngokuzithoba ukuthi uMoya weNkosi ube nathi uma ngikhuluma namhlanje. Inhliziyo yami igcwele ukubonga eNkosini, ekuyiBandla lakhe leli, ngogqozi esilizwile emikhulekweni eqotho, izintshumayelo ezivusa ugqozi, kanye nokucula njengezingelosi kulomhlangano.

Ngo-Apreli odlule, uMongameli uThomas S. Monson wanikeza umlayezo owathinta izinhliziyo zomhlaba wonke, kanye neyami. Wakhuluma ngamandla atholakala kwiNcwadi kaMormoni. Wasinxusa ukuba sifunde, sicabangisise ebese sisebenzisa izimfundiso zayo. Wathembisa ukuthi uma sinikela ngesikhathi usuku ngalunye ekufundeni nasekucabangeni kanye nasekugcineni imiyalelo equkethwe iNcwadi kaMormoni, siyothola ubufakazi obubalulekile beqiniso layo, futhi kuyoholela ekutheni ubufakazi bukaKristu ophilayo busihambise ekuphepheni ngezikhathi zezinkinga. (Bona “Amandla eNcwadi kaMormoni,” Liahona, Meyi 2017, 86–87.)

Njengabaningi benu, ngezwa amazwi omphrofethi ngathi izwi leNkosi kimi. Futhi, njengabaningi benu, ngathatha isinqumo sokulalela lawo mazwi. Manje, kusukela ngiwumfana omncane, ngezwa ubufakazi bokuthi iNcwadi kaMormoni iyizwi likaNkulunkulu, ukuthi uBaba neNdodana bavela futhi bakhuluma noJoseph Smith, futhi Abaphostoli basendulo beza kumPhrofethi uJoseph Smith ukuzobuyisela izikhiye zobuphristi eBandleni leNkosi.

Nginalobo bufakazi sengafunda iNcwadi kaMormoni nsuku zonke isikhathi esingaphezu kweminyaka engu-50. Ngakho-ke, mhlawumbe ngangingacabanga ukuthi amazwi kaMongameli uMonson ayeqondiswe komunye umuntu. Kepha, njengabaningi benu, sengasizwa isikhuthazo somphrofethi kanye nesethembiso sakhe kungimema ukuba ngenze imizamo emikhulu. Abaningi benu sebenze lokhu engakwenza: bakhuleka kakhulu ngenhloso, bacabangisisa imibhalo engcwele ngenhloso, futhi bazama kakhulu ukusebenzela iNkosi kanye nabanye benzela Yena.

Imiphumela ejabulisayo kimi, futhi njengabaningi benu, ilokhu umphrofethi akuthembisa. Labo bethu abathatha iseluleko sakhe ngenhliziyo bavuselelwa ugqozi bezwa uMoya ngokugqamile. Sesathola amandla amakhulu okumelana nezilingo futhi sazizwa sinokholo olukhulu kuJesu Kristu owavuka kwabafileyo, ivangeli Lakhe, kanye neBandla Lakhe eliphilayo.

Ezikhathini zokuqina kokuxakazeka emhlabeni, ukukhula kobufakazi kuxosha ukungabaza kanye nokwesaba kulethele imizwa yokuthula. Ukulalela izeluleko zikaMongameli uMonson sekube nemiphumela eminye emibili emangalisayo kimi: Okokuqala, uMoya awethembisa sewakhiqhiza umqondo wokulindela okuhle ngokungilindile phambili, noma ngabe iziyaluyalu zomhlaba zikhula. Futhi, okwesibili, iNkosi isinginikeze—kanye nawe—imizwa emikhulu yothando Lwakhe kulabo abanosizi. Sesizwe ukukhula kwesifiso sokuhamba siyosindisa abanye. Leso sifiso besikade sisenhliziyweni yezintshumayelo kanye nezimfundiso zikaMongameli uMonson.

Inkosi ithembisa uthando lwabanye kanye nesibindi kumphrofethi uJoseph Smith kanye no-Oliver Cowdery uma imisebenzi ebalindele ngaphambili ibukeka sengathi izobasingatha. Inkosi ithi lesibindi esidingekayo sizoqhamuka okholweni labo olusezandleni Zakhe njengedwala labo.

“Ningesabi ukwenza okuhle, madodana ami, ngokuba noma yikuphi enikutshalayo yikho futhi eniyokuvuna; ngakho-ke, uma nitshala okuhle niyovuna umvuzo omuhle.

“Ngakho-ke, ningesabi, mhlambi omncane; yenzani okuhle; umhlaba nesihogo makuhlangane kumelane nani, ngokuba uma nakhele edwaleni lami, ngeke banqobe.

“Bhekani, anginibeki cala, hambani futhi ningabe nisona; nenze ngesizotha umsebenzi enginiyalele wona.

“Bhekani kimi ngayo yonke imicabango yenu; ningangabazi, ningesabi.

“Bhekani amanxeba ahlaba uhlangothi lwami, kanye nezibazi ezenziwa yizipikili ezandleni nasezinyaweni zami; thembekani, nigcine imiyalelo yami, niyokudla ifa lombuso wasezulwini” (iMf&V 6:33-37).

INkosi yatshela abaholi bokuBuyisela, futhi watshela nathi, ukuthi uma sima ngokholo edwaleni Lakhe, ukungabaza nokwesaba kuzoncipha; ebese isifiso sokwenza okuhle sikhule. Uma samukela isimemo sikaMongameli uMonson sokutshala ezinhliziyweni zethu ubufakazi bukaJesu Kristu, siba namandla, isifiso, kanye nesibindi sokuhamba siyosiza abadinga usizo ngaphandle kokuxakeka ngezethu izidingo.

Sengalubona lolo kholo kanye nesibindi ezikhathini eziningi uma amalunga eBandla labaNgcwele beziNsuku zokuGcina abakholwayo bebhekene nezilingo ezisabisayo. Isibonelo esisodwa, ukuthi ngangise-Idaho ngesikhathi iDamu ekuthiwa iTeton libhidlika ngomhlaka 5 Juni, 1976. Udonga lwamanzi lawela phansi. Izinkulungwane zabantu zabaleka emakhaya azo. Izinkulungwane zamakhaya kanye namabhizinisi abhubha. Okuyisimangaliso ukuthi kwafa abantu abambalwa kuneshumi nanhlanu.

Engakubona lapho, engihlala ngikubona noma inini uma amalunga eBandla labaNgcwele beziNsuku zokuGcina bema beqina edwaleni lobufakazi bukaJesu Kristu. Ngoba abakungabazi ukuthi Uyabanakekela, bathola isibindi. Bashiya ezabo izinkinga bahambe bayosiza abanye abantu, futhi benza njalo ngothando abanalo.

Isibonelo, ngenkathi iDamu ekuthiwa iTeton libhodloka, bekunezithandani zeBandla labaNgcwele leziNsuku zokuGcina, ezazihambele ebangeni elikude nasekhaya. Ngesikhathi zizwa lezindaba emsakazweni, zashesha zabuyela emuva eRexburg. Kunokuthi zibuyele kwelabo ikhaya ukuyohlola ukuthi limoshakele yini nalo, zahamba zayobheka umbhishobhi wabo. Wayesesakhiweni esasisetshenziswa njengesikhungo sokutakula. Wayesiza ukuqondisa izinkulungwane zamavolontiya ezazifike ngamabhasi esikole aphuzi.

Lezi zithandani zahamba zaya kumbhishobhi zase zithi, “Siqeda kubuya mbhishobhi, singaya kuphi ukuyosiza?” Wazinikeza amagama omndeni owodwa. Lezo zithandani zahlala zakhipha udaka kanye namanzi ikhaya nekhaya. Basebenza izinsuku ekuseni lize liyoshona. Ekugcineni bathatha ikhefu bahamba bayobona elabo ikhaya. Balifica lingasekho selimuke nezikhukhula, kwangasala lutho edinga ukuqoqwa. Ngakho-ke bajika ngokushesha babuyela emuva kumbhishobhi wabo. Babuza bathi, “Mbhishobhi, unaye yini na umuntu esingamusiza?”

Leso simangaliso sesibindi esithule kanye nesihe—uthando olumsulwa lukaKristu—seluphindaphindiwe emva kweminyaka umhlaba wonke jikelele. Kwenzeka ezinsukwini ezimbi zoshushiso nezilingo ngesikhathi somphrofethi uJoseph Smith eMissouri. Kwenzeka ngesikhathi uBrigham Young ehola uphumo lwaseNauvoo wase ebiza abaNgcwele ukuba bashiye zonke izindawo ezazisentshonalanga naseMelika, ukuzosiza bakhe iSiyoni seNkosi.

Uma ufunda imibhalo yenzincwadi zokuloba izigigaba zosuku zawo amaphayona, uzobona isimangaliso sokholo esasixosha ukungabaza kanye nokwesaba. Futhi uyafunda ngabaNgcwele beshiya izinto abazithandayo ukuyosiza omunye umuntu benzela iNkosi, ngaphambi kokubuyela emuva ezimvini zabo noma ezinsimini zabo ezingalinyiwe.

Ngasibona leso simangaliso ezinsukwini ezimfishane ezidlulile emva kweSiphepho u-Irma ePuerto Rico, eSaint Thomas, kanye naseFlorida, lapho abaNgcwele beziNsuku zokuGcina bahlangana namanye amabandla, amaqembu emiphakathi yasendaweni kanye nezinhlangano zazwelonke ukuqala imizamo yokuqoqa.

Njengabangani bami eRexburg, ababeyizithandani ezingewona amalunga ebandla eFlorida bagxila ekusizeni umphakathi kunokuba bashikisheke kweyabo indawo. Ngesikhathi abanye omakhelwane abaNgcwele beziNsuku zokuGcina befuna ukubasiza ngezihlahla ezimbili ezinkulu ezazivale indlela yokungena, lezi zithandani zachaza ukuthi bebekhungathekile futhi bebejikile basiza abanye, benokholo lokuthi iNkosi iyobanikeza usizo obeludingeka kwelabo ikhaya. Umkhwenyana wase exoxa ethi ngaphambi kokuba kufike amalunga eBandla lethu befuna ukubasiza, bebekade bekhuleka. Bathola impendulo yokuthi usizo luzofika. Lwafika emahoreni ambalwa emva kwalesiqiniseko.

Sengizwe umbiko wokuthi abanye sebeqale ukubiza amakholwa eBandla labaNgcwele leziNsuku zokuGcina abagqoke izikibha eziphuzi zeZandla eziSizayo “ngeziNgelosi eziPhuzi.” Oyedwa weBandla labaNgcwele leziNsuku zokuGcina wathatha imoto yakhe yayolungiswa, indoda eyamyimsiza yachaza ispiliyoni sokugxila okholweni” wathi ngesikhathi abantu abagqoke izikibha eziphuzi besusa izihlahla egcekeni lakhe futhi, wase ethi, “bamuculela elinye iculo elikhuluma ngokuba umtwana kaNkulunkulu.”

Omunye umhlali waseFlorida—naye ongasilo ilunga lebandla lethu—waxoxa ukuthi amakholwa eBandla labaNgcwele beziNsuku zokuGcina bafika ekhaya lakhe ngesikhathi esebenza egcekeni lakhe elalimoshekile ezizwa esingathekile, eshiselwa kakhulu, futhi eseduze nokukhala. Amavolontiya enza, emagameni akhe, “isimangaliso esimsulwa.” Basiza ayi kuphela ngokukhuthala kodwa nangokuhleka kanye nokumamatheka, bengalindele lutho olutheni.

Ngakubona lokho kukhuthala ngaluzwa lolo hleko ngesikhathi, sekuhlwa kuwuMgqibelo, ngivakashele iqembu leBandla labaNgcwele leziNsuku zokuGcina eFlorida. Amavolontiya ayeka ukuqoqa isikhashana ukuze ngikwazi ukubaxhawula izandla. Bathi amalunga angu-90 esikhonkwane saseGeorgia baqhamuka neqhinga lokuhlanganyela nabasizayo eFlorida ngobusuku obudlule.

Basuka eGeorgia ngo4:00 ekuseni, bashayela amahora, basebenza usuku lonke kwaze kwahlwa, base befika neqhinga lokuthi bazosebenza futhi ngosuku oluzayo.

Bangichazela bemamatheka nangamahlaya. Incindezelo engagiyizwa eyokuthi babefuna ukuthi bayeke ukubongwa khona bezobuyela emsebenzini. Umongameli wesikhonkwane waqala phansi ukusahha futhi wayesebenza esihlahleni esasiwile, umbhishobhi wayesusa amalunga esihlahla ngesikhathi singena emotweni yethu siya eqembini elisizayo elilandelayo.

Ekuqaleni kosuku, ngesikhathi sihamba kwenye indawo, khona indoda eyeza emotweni, yakhumula isigqoko, yase isibonga ngamavolontiya. Wathi, “Angilona ilunga leBandla lenu. Angikholwa ukuthi nisenzeleni, iNkosi inibusise.” Ivolontiya leBandla elalime eduze kwakhe egqoke isikibha sakhe esiphuzi wamamatheka wanyusa amahlombe esho ukuthi akadinge kubonga.

Ngesikhathi amavolontiya aseGeorgia eze ukuzosiza lona owesilisa owayengakholwa, amalunga eBandla labaNgcwele leziNsuku zokuGcina angamakhulu asuka khona lapho endaweni yaseFlorida eyayimoshakele babehambe amabanga amakhulu ukuya eningizimu neFlorida lapho babezwe ukuthi abantu bakhona balahlekelwe kakhulu.

Ngalelo langa ngiyakhumbula futhi ngawazwisisa kangcono amazwi angokwesiphrofethi omphrofethi uJoseph Smith: “ Indoda egcwele uthando lwaNkulunkulu, akaneliseki ngokubusisa umndeni wakhe kuphela, kepha wenzela umhlaba wonke, akhathazelele ukubusisa uhlanga lonke lwesintu” ( Izimfundiso zoMongameli beBandla: uJoseph Smith [2007], 426).

Sibona olukhulu uthando ezimpilweni zamalunga eBandla labaNgcwele leziNsuku zokuGcina yonke indawo. Ngaso sonke isikhathi kubakhona isimo esidabukisayo noma ngabe yikuphi emhlabeni, amalunga eBandla labaNgcwele leziNsuku zokuGcina bayaphisana futhi bavolontiye emizamweni yezenhlalakahle yeBandla. Kuyathukela kudingeka isikhalazo. Ngezinye izikhathi, bekumele sicele labo abafuna ukuba ngamavolontiya ukuba balinde ngaphambi kokuba bahambe baye esayithini lokutakula ukuze labo abazobanikeze umsebenzi bazolungiselela ukufika kwabo.

Lesi sifiso sokubusisa siyimvuzo yabantu bethola ubufakazi ngoJesu Kristu, ivangeli Lakhe, iBandla Lakhe elubuyisiwe, kanye nomphrofethi Wakhe. Yingakho abantu beNkosi bengangabazi futhi bengasabi. Yingakho abafundisi bevangeli bevolontiyela ukusenbenza kuwo wonke amakhona omhlaba. Yingakho abazali kanye nabantwana babo bekhulekela abanye. Yingakho abaholi bekhuthaza intsha yabo ukuba bathathe isicelo saMongameli uMonson sokuba bazinikele nangenhliziyo eNcwadini kaMormoni. Imvuzo ayifiki ngokuthi sinxuswe abaholi kepha ifika ngokuthi intsha namalunga enze izinto ngokukholwa. Lolokholo, malusetshenzisiwe, ludinga ukuzinikela nokungabi nobugovu, okuletha ushintsho lwenhliziyo olubavumela ukuba bezwe uthando lukaNkulunkulu.

Izinhliziyo zethu, nokho, zihlala zishintshile kuphela uma siqhubeka silandela imiyalelo yomphrofethi. Uma siyeka ukuzama emva kwemizamo emincane, ushintsho luzophela.

Amalunga eBandla labaNgcwele leziNsuku zokuGcina abathembekile sebekhulise ukholo lwabo eNkosini uJesu Kristu, eNcwadini kaMormoni njengezwi likaNkulunkulu, kanye nokubuyiswa kwezihluthulelo zobuphristi eBandleni Lakhe leqiniso. Lokho kukhula bokufakazi sekusinike isibindi kanye nokukhathalela abanye abantwana bakaNkulunkulu. Kepha izilingo kanye namathuba azayo azodinga okukhulu kakhulu.

Asikwazi ukubona yonke imininingwane, kepha siyayazi into efunakalayo. Siyazi ukuthi ezinsukwini zokugcina, umhlaba uyobe uyisiyaluyalu. Siyazi ukuthi phakathi kwanoma yiziphi izinkinga ezizayo, iNkosi iyohola amalunga eBandla labaNgcwele leziNsuku zokuGcina abathembekile ukuba bathathe ivangeli likaJesu Kristu balihambise kuzo zonke izizwe, imindeni, ulimi, kanye nabantu. Futhi siyazi ukuthi abafundi beNkosi beqiniso bazobe befanelekile futhi bezilungiselele ukumamukela uma efika futhi. Akumele sesabe.

Ngakho-ke, njengoba sesakhe ukholo kanye nesibindi ezinhliziyweni zethu, iNkosi ilindele okukhulu kithina—kanye nesizukulwane esisilandelayo. Bazodinga ukuba namandla kanye nesibindi ngoba bazokwenza izinto ezinkulu kanye nezinzima kakhulu kunesakwenza kuqala. Futhi bazobhekana nokukhula kokuphikisana okuvela esitheni somphefumulo wethu.

Indlela eya ethembeni uma siqhubekela phambili sanikezwa iNkosi: “Bheka kimi kumcabango wonke; ungangabazi, ungesabi” (iMf&V 6:36). UMongameli uMonson wasitshela ukuthi sikwenze kanjani lokho. Kumele sicabangisise, futhi sisebenzise iNcwadi kaMormoni kanye namazwi abaphrofethi. Thandaza njalo. Ube nokukholwa. Kumele sisebenzele iNkosi ngayo yonke inhliziyo, ukuqina, kanye namandla. Kumele sikhuleke isipho sesihe, uthando olumsulwa lwaKristu ngalo lwonke ugqozi lwezinhliziyo zethu (Bona uMoroni 7:47–48). Ngaphezu kwakho konke, kumele ufane njalo futhi uphikelele ekulandeleni imiyalelo evela kumphrofethi .

Uma indlela inzima, singathembela kwi sithembiso seNkosi —uMongameli uThomas S. Monson usikhumbuzile esikhathini esiningi ngesithembiso seNkosi ezincekwini Zakhe ezinokholo: “Futhi loyo ozwa nina, nami futhi ngizakuba lapho, Ngokuba ngizakuba nani. “Ngizoba kwesokudla senu nakwesobunxele senu, futhi uMoya wami uyoba sezinhliziyweni zenu, futhi izingelosi zami zinizungeze, ukuze zinithwale.”(iMf&V 84:88).

Ngiyafakaza ukuthi iNkosi ihamba phambi Kwakho ngasonke isikhathi uma usemsebenzini wakhe. Ngesinye isikhathi uyoba ingelosi iNkosi eyithuma ukuthi iyothwala abanye. Ngesinye isikhathi kuyoba uwena ozungezwe izingelosi zithwele wena. Kepha njalo uyohlezi unoMoya Wakhe enhliziyweni yakho, njengoba uthembisiwe kuyo yonke imihlangano yesidlo esingcwele. Uphinde wethembise ukugcina imiyalelo Yakhe.

Kunezinsuku ezinhle kakhulu phambili ngombuso kaNkulunkulu emhlabeni. Ukuphikisana kuyoqinisa ukholo lwethu kuJesu Kristu, njengoba kwakwenzeka kusukela ngesikhathi somphrofethi uJoseph Smith. Ukholo luhlezi lunqoba ukwesaba. Ukubambisana kuletha ubumbano . Imikhuleko yethu yalabo abahluphekile iyazwakala futhi iphendulwe nguNkulunkulu othandekayo. UNkulunkulu akawozile futhi akalali.

Ngiyafakaza ukuthi uBaba uNkulunkulu uyaphila futhi ufuna wena ukuthi uze ekhaya kuYena. Leli iBandla leqiniso leNkosi uJesu uKristu. Uyakwazi; Uyakuthanda; Uyakunakekela. Wahlawulela izono zakho kanye nezami kanye nezono zabo bonke abantwana bakaBaba oseZulwini. Ukumlandela empilweni yakho kanye nasekusebenzeleni abanye kwakho iyona yodwa indlela eya ekuphileni kwaphakade.

Ngokunjalo ngiyafakaza nginishiya nesibusiso kanye nothando lwami. Egameni elingcwele likaJesu Kristu, ameni.

Shicilela