Ngo-2017
Ukufuna uKristu ngoKhisimusi
NgoDisemba 2017


UMlayezo WobuMongameli Bokuqala, uDesemba 2017

Ukufuna uKristu ngoKhisimusi

Kulabo abafisa ukuqonda kahle ukuthi singobani njengamalunga eBandla lika Jesu Kristu, labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, ngizothanda ukunika incazelo ngalendlela: Sifuna uKristu

Sifuna ukufunda Ngaye. Simlandele. Sifane Naye

Ezinsukwini zonke zonyaka, sifuna Yena. Kepha ikakhulukazi ngalesikhathi sonyaka—ngoKhisimusi, ngenkathi sibhiyozela ukugubha usuku lokuzalwa koMsindisi wethu othandekayo—izinhliziyo zethu zihlezi zikuYena ngaso sonke isikhathi.

Njengengxenye yamalungiselelo okugubha uKhisimusi, make sicabange ngalabo abaphile ngesikhathi sasemandulo ukuthi bazilungiselela kanjani ukwamukela kokufika kukaMsindisi.

Abelusi

Asazi kabanzi mayelana nabelusi, kuphela nje ukuthi babe “ngabalimi, beqaphe imfuyo yabo ebusuku.”1 Kunokwenzeka ukuthi abelusi kwakungabantu abajwayelekile, njengabo bonke abantu abaningi abalungile abachitha izinsuku zabo besebenza ukuze baziphilise.

Bafana nabantu, ngesinye isikhathi ababengamfuni uKristu, kepha izinhliziyo zabo ezashintsha ngenkathi amazulu evuleka futhi kwaziswa ngokuza kukaKristu kubo.

Yibo laba okwathi, emva kokuzwa amazwi ezithunywa zase zulwini, masinyane baya eBetlehema befuna ukuyozibonela.2

Amadoda Ahlakaniphileyo

Amadoda ahlakaniphileyo kwaku yizifundiswa ezazikade zifunda ngokuza kukaMesiya, iNdodana kaNkulunkulu. Ngokufunda kwabo, bazithola izimpawu ezazikhombisa ukuzalwa Kwakhe. Kwathi uma sebezitholile, bashiya amakhaya abo bahamba baya eJerusalema, bebuza bethi, “Uphi loyo ozelwe eyiNkosi yamaJuda na?”3

Abagcinanga nje ngokwazi ngoKristu ezincwadini kuphela. Kwathi uma bezibona izimpawu zokuzalwa Kwakhe kwaba khona abakwenzayo. Bahamba bayomfuna uKristu.

Amadoda Ahlakaniphileyo kungaba yilabo abamfunayo uKristu ngokufunda nangokucwaninga izincwadi. Ukuzibophezelela kwabo ekutholeni iqiniso ekugcineni kubaholeleka ekutheni bamthole uKristu futhi bamkhonze njengeNkosi yamaKhosi, uMsindisi wabantu bonke.4

USimeyoni no-Ana

USimeon no-Anna kungaba yilabo abafuna uKristu ngosizo lukaMoya. Lemiphefumulo yabantu babengamakholwa azinikele futhi, ngokuzila ukudla kanye nangomkhuleko futhi ngokuphila izimpilo ngokuzinikela kanye nokuthembeka, balinda ngokuzimisela ukuze babone usuku lokufika kweNdodana kaNkulunkulu.

Ngokuthembeka, ngokuzithoba, kanye nangokholo, balindela ukuza kukaMsindisi ngokubekezela ngesineke.

Ekugcineni, bathola inzuzo ngenxa yokuthembeka kwabo ngenkathi uMariya noJosefa bebakhombisa ingane leyo ngolunye usuku yayizofela izono zabantu.5

Amakholwa phakathi kwamaNefi namaLamani.

Indaba ethinthayo yamakholwa aseZweni Elisha ekhuluma ngokuthi azilindela kanjani izimphawu zokuzalwa kukaMsindisi itholakala eNcwadini kaMomoni.

Niyakhumbula ukuthi labo ababenokholo kuKristu babehlushwa futhi benziwa inhlekisa. Izazi zangaleso sikhathi amakholwa zaziwasola ngokubambelela ezintweni okungezona ezangempela. Eqinisweni, abahedeni babehlekisa ngamakholwa kangangoba benza “isiyaluyalu esikhulu” ezweni (3 Nefi 1:7). Babeba gcona uka labo ababekholwa ukuthi uMsindisi wayezozalwa.

Bathukuthela Intukuthelo yabo yakhula kangangoba bafuna kakhulu ukubathulisa du bonke labo ababekholelwa kuMsindisi. Incwadi kaMormoni isikhombisa indlela.6

Amakholwa ayephila ngalesi sikhathi kungaba yilabo abafuna uKristu ngisho abanye bebahleka, bebagcona, futhi bebahlupha. Bafuna uKristu ngisho abanye bebabuka njengabangahluzekile ngokomgqondo, noma abangathembekile.

Kepha inzondo yabantu ayisoze yenza abakholwa ngokweqiniso badikibale ekutheni bafune uKristu.

Sifuna uKristu

Onyakeni, futhi mhlawumbe ikakhulukazi ngaso lesikhathi sikaKhisimusi, kungasisiza kakhulu uma nje singazibuza umbuzo othi “Mina ngimufuna kanjani uKristu na?”

Ngesikhathi esinzima sempilo yakhe, inkosi enkulu uDavide wabhala wathi, “O Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami; masishane ngizokufuna Wena: umphefumulo wami ufuna wena, inyama yami ifisa wena.”7

Mhlawumbe lomoya wokufuna uNkulunkulu ngalendlela kungesinye sezizathu uDavide wayechazwe njengendoda eyayifuna inhliziyo kaNkulunkulu.8

Ngalesikhathi sikaKhisimusi futhi nakunyaka wonke, make sifune ngezinhliziyo kanye nemiphefumulo yethu uMsindisi wethu othandekayo, Inkosana Yokuthula, oNgcwele ka-Israyeli. Ngenxa yalesi sifiso sethu, iyavela incazelo yokuthi singobani njengamalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele Bezinsuku Zokugcina kodwa futhi lencazelo ikhombisa kabanzi ukuthi thina njengabalandeli bakaJesu Kristu ngempela singobani .

Shicilela