Ngo-2018
Hlala Ubonana Naye Noma Kunini, Noma Kukuphi, Nanoma Yingayiphi Indlela
NgoJanuwari 2018


Imigomo Yokufundisa Ngokuvakashelana, ngo Januwari 2018

Hlala Ubonana Naye Noma Kunini, Noma Kuphi, Nanoma Yingayiphi Indlela

Ukufundisa ngokuvakashelana kuwuku sebenzela. UJesu wayeba sebenzela abanye noma kunini futhi noma kuphi. Nathi singakwenza lokho.

Uku “sebenzela” kuwuku nika usizo, noma ukunakekela okwenza umuntu ahlale ngokunethezeka noma ngenjabulo. Ukufundisa ngokuvakashelana kuwuku thola izindlela esingaba sebenzela ngazo labo esibavakashelayo. UJesu Kristu wayebasebenzela bonke––noma kunini futhi noma kuphi. Izinkulungwane ezinhlanu zabantu wazipha ukudla, waduduza uMariya no Marta ngesikhathi kufa umfowabo, waphinde wafundisa ivangeli Lakhe kowesifazane ngase mphongolweni wamanzi. Wakwenza konke lokhu ngenxa yothando Lwakhe lweqiniso.

Ngokulandela isibonela Sakhe, thina njengothisha abavakashelanayo singakwazi ukuthi sibazi kahle odade esibavakashelayo futhi sibathande, sikhumbula ukuthi uthando luyisi sekelo sakho konke esikwenzayo. Uma sikhulekela ukuthi sazi ukuthi singamsiza kanjani udade ukuthi luqine ukholo lwakhe, “izingelosi azisoze zivimbeleke ukuthi zihlanganyele nathi.”1

Selokhu kwaqala iNhlangano Yosizo ngonyaka ka 1842 kuze kube namhlanje, ukusetshenzelwa kwabesifazane sekwenze ukuba babusiseke kakhulu. Njengesibonelo salokhu, uJoan Johnson, ongumfelokazi oneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nambili ubudala, nomlekeleli wakhe, bavakashela umakhelwane wabo oneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalolunye ubudala noguliswa wumkhuhlane omubi phecelezi inyumoniya. Ngokubona ukuthi umakhelwane wabo wayengabadingi kanye nje ngenyanga, baqala ukumbona njalo ngesonto noma bamthinte ngocingo.

Abanye odade bangasizakala kakhulu uma bethunyelwa imiyalezo yokubakhuthaza nge-imeyili noma ngocingo ngaleyo nyanga yokubavakashela. Ukufundisa ngokuvakashelana kwenziwa kahle ngothando nangokuxhumana nalabo abafundiswayo. Lokho okusetshenziswayo namhlanje ukuxhumana nabanye kungasi siza ukuthi sibasebenzele odade noma kunini, noma kukuphi, nanoma yingayiphi indlela.2 Ukwenza njalo kuwuku sebenzela njengoba noJesu ayenza.

Imithombo okuthathwe kuyo le mfundiso

  1. Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith (2007), 454

  2. Bheka iHandbook 2: Administering the Church (2010), 9.5.1.

Shicilela