Ngo-2018
Thatha Isinqumo Sokuphenduka
NgoJanuwari 2018


Intsha

Thatha Isinqumo Sokuphenduka

UMongameli uMonson uyachaza ukuthi “kungumthwalo wethu ukuthi singakuvumeli ukufana neningi kodwa kufanele siwacije amakhono ethu, singakuvumeli ukwehluleka kodwa siphumelele. Umsebenzi wethu ukuba sibe ngcono kakhulu kunalokhu kade siyikhoKufanele sakhe isimilo esihle kakhulu kithi.” Kuvamisile ukuthi abantu ngenyanga ka Januwari bathathe izinqumo zokwenza okungcono ezimpilweni zabo: njengoku mamatheka njalo, ukudla ukudla okunempilo, noma ukufunda ikhono elisha. Nakuba ukuthatha izinqumo ezinjena kungamsiza umuntu ukuba enze kangcono empilweni, kodwa singenza ushintsho oluhle kakhulu ngokuphenduka.

Nakuba ukuphenduka kungaba nzima, kodwa kuyisipho! Singakwazi ukuphenduka ngempumelelo uma sibeka ithemba ku Jesu Kristu. UMongameli uMonson wathi: “Obaluleke kakhulu kulelisu [lensindiso] nguMsindisi wethu, uJesu Kristu. Ngaphandle komnikelo Wakhe ohlawulayo, kwakuyo lahleka konke.” Ngokuphenduka, ungahlanzwa zisuswe zonke izono zakho futhi ukwazi ukukhula uze ufane Naye.

Ake ucabange ngalokho okukuvimbelayo ukuthi ufane noMsindisi. Ngabe wulimi lwakho na? Ubaphethe kanjani abangani noma abomndeni wakho na? Uma usucabangile ngalokho ongakulungisa, khuleka kuBaba oseZulwini umazise ngesifiso sakho sokwenza ushintsho. Ukhumbule ukuthi ngamandla eNhlawulo Yakhe, uJesu Kristu angakusiza ukunqobe bonke ubuthakathaka bakho. Njengoba uMongameli uMonson asifundisa, “Isipho sokuphenduka, esisilethelwe nguMsindisi wethu, sisiza thina ukuba sikwazi ukulungisa isimo sendlela yethu.”

Shicilela