Ngo-2018
Isipho sokuPhenduka
NgoJanuwari 2018


UMyalezo WobuMongameli BokuQala, ngo Januwari 2018

Isipho sokuPhenduka

UMongameli uThomas S. Monson wafundisa wathi: “Kungumthwalo wethu ukuthi singakuvumeli ukufana neningi kodwa kufanele siwacije amakhono ethu, singakuvumeli ukwehluleka kodwa siphumelele,” “Umsebenzi wethu ukuthi sibe ngcono kakhulu kunalokhu kade siyikho. Esinye sezipho ezinkulu kakhulu zika Nkulunkulu yinjabulo esiyithola ngenxa yethuba lokuphinde sizame futhi, ngokuba ukwehluleka empilweni akufanele kube yisiphetho.”1

Kuvamisile ukuthi uma kuqala unyaka omusha sizibekele izinto esifisa ukuzifeza empilweni. Sivamise ukufuna ukwenza kangcono, senze okusha, sizame futhi. Mhlawumbe okuyiyona ndlela ebalulekile kakhulu esinga phinde sizame ngayo wukuthi samukele ezinhliziyweni zethu lokho uMongameli uMonson akubiza ngokuthi “yisipho sokuphenduka.”2

Kulokhu okulandelayo okucashunwe ezimfundisweni zakhe selokhu aba nguMongameli weBandla, uMongameli uMonson useluleka ngokuthi “senze igazi elihlawulayo likaKristu lisebenze ukuze sithole ukuthethelelwa kwezono zethu, futhi nezinhliziyo zethu zicwebiswe.”3

IsiMangaliso sokuThethelelwa

“Sonke siwenzile amaphutha. Uma kungenzeka ukuthi asikawalungisi lawo maphutha, ngiyaniqinisekisa ukuthi ikhona indlela yokukwenza lokho. Leyondlela ibizwa ngokuthi wukuphenduka. Ngiyaninxusa ukuba niwalungise amaphutha enu. UMsindisi wethu wafela ukuthi asiphe leso sipho. Nakuba indlela ingelula, kodwa isethembiso sikhona ngempela: ‘Noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba-mhlophe njengeqhwa’ [Isaya 1:18]. ‘Futhi mina, iNkosi, angibe ngisazikhumbula’ [iMf&V 58:42]. Musa ukubeka ukuphila kwakho kwaphakade engcupheni. Uma wonile, uzosheshe ukuthole ukuthula nenjabulo elethwa yisimangaliso sokuthethelelwa, uma ubuyela emuva masinyane.”4

Buyela Endleleni

“Nakuba kubalulekile ukuthi sikhethe ngokuhlakanipha, kukhona izikhathi lapho sizokwenza khona ubuwula. Isipho sokuphenduka, esisilethelwe nguMsindisi wethu, sisiza thina ukuba sikwazi ukulungisa isimo sendlela yethu, ukuze sikwazi ukubuyela endleleni ezosiholela kuleyo nkazimulo yesilestiyali esiyifunayo.”5

Indlela Ebuyela Emuva

“Uma ekhona kini okhubekile endleleni yakhe, ngiyaniqinisekisa ukuthi ikhona indlela ebuyela emuva. Leyondlela ibizwa ngokuthi wukuphenduka. Nakuba lendlela inzima, insindiso yakho yaphakade incike kuyo. Kungebe kuhle yini ukuthi uyenze imizamo ngalokhu? Ngiyakunxusa ukuba njengamanje uthathe izinyathelo ezidingekayo ukuze uphenduke ngokuphelele. Uma ukwenza lokho masinyane, uzosheshe ukuzwe ukuthula nesiqiniseko u-Isaya akhuluma ngakho [bheka kuIsaya 1:18].”6

Abantu Bangaguquka

“Kufanele sikhumbule ukuthi abantu bayakwazi ukuguquka. Bayakwazi ukushiya ngemuva imikhuba emibi. Bayakwazi ukuphenduka uma bonile. Bayakwazi ukuzigcina befanelekile ebuphristini. Futhi bayakwazi ukuyisebenzela iNkosi ngokuzinikela.”7

Yiba Ngohlanzekile Futhi

“Uma kukhona okungalungile empilweni yakho, ikhona indlela yokuphuma.” Pheza kukho konke ukungalungi. Khuluma nombhishobhi wakho. Zonke izinkinga zingalungiseka ngokuphenduka okufanele. Ungaba ngohlanzekile futhi.”8

Indima Ebalulekile Edlalwa NguMsindisi

“Obaluleke kakhulu kulelisu [lensindiso] nguMsindisi wethu, uJesu Kristu. Ngaphandle komnikelo Wakhe ohlawulayo, kwakuyo lahleka konke. Kodwa-ke akwanele ukukholwa Kuye nokuthunywa Kwakhe kuphela nje. Kufanele sisebenze futhi sifunde, sifune futhi sikhuleke, siphenduke futhi senze kangcono. Kufanele siyazi imithetho kaNkulunkulu futhi siyiphile. Kufanele sithole izimiso Zakhe ezisindisayo. Siyozuza injabulo yangempela kuphela uma senza lezi zinto.” 9

Imithombo okuthathwe kuyo le mfundiso

  1. “The Will Within,”Ensign,ngo Meyi 1987, 68.

  2. “Choices,”Liyahona, ngo Meyi 2016, 86.

  3. Mosiya 4:2

  4. “The Three Rs of Choice,”Liyahona,Nov. 2010, 69.

  5. “Choices,” 86.

  6. “Keep the Commandments,” Liyahona, Nov. 2015, 85.

  7. “See Others as They May Become,”Liyahona, Nov. 2012, 68.

  8. “Priesthood Power,”Liyahona, Meyi 2011, 67.

  9. “The Perfect Path to Happiness,”Liyahona,Nov. 2016, 80–81.

Shicilela