Ngo-2018
Thandazela Odade Ngamunye Ngokubabiza Ngegama
NgoMashi 2018


Imiyalelo Efundiswa Ngokuvakashelana, uMashi 2018

Thandazela Odade Ngamunye Ngokubabiza Ngegama

Uthando kanye nogqozu kulabo esibafundisayo luzokhula uma sithandazela udade ngamunye ngokuzithoba ikakhulukazi uma sibabiza ngegama.

Ukholo, Umndeni, Inkululeko

Isithombe
Isiqubulo Senhlangano Yabesimame Yenkululeko

Imibhalo engcwele yabelana ngezibonelo eziningi mayelana nabesilisa kanye nabesimame abathandazela abanye ngokubabiza ngamagama abo. Amanye balabo abagqamile kwakungu baba ka-Alima omNcane. Ingelosi yakhuluma kuAlima oMncane, imutshela ukuthi ubaba wakhe“wathandazela yena ngokholo olukhulu … ; ngakho-ke, ngaloludaba ngize lana ukuzoshintsha umgqondo wakho ngalamandla kanye nemvumo kaNkulunkulu, ukuthi imithandazo yezinceku zakhe ingaphenduleka ngokholo abanalo” (uMosiya 27:14).

Ukuthandazela abanye kuvula izinhliziyo zethu ukuze sithole izibusiso lezo iNkosi efisa ukuba sizithole. “Inhloso yomthandazo ayikona ukuthi ishintshe isifiso sikaNkulunkulu, kepha ukuba sizigcinele thina kanye nabanye izibusiso lezo uNkulunkulu azimisele ukuba asinikeze zona, kepha kumele sizicele ukuze sizithole.”1

Omunye udade wakhuluma ngesikhathi esinzima sempilo yakhe, ucingo noma umyalezo omcane esikhathini esiningi wawuvela kuthisha wokuvakasha wakhe “ikakhulukazi ezinsukwini ezinzima.” Babebukeka sengathi bebazi uma wayedinga usizo. Wayazi ukuthi babemthandazela, ngenkathi bemvakashela futhi bebodwa.

“Cabanga ngamandla abuthene ndawonye uma omunye nomunye udade wayethandaza ngokuzimisela njalo ekuseni kanye nasebusuku noma, kakhulu, bethandaza bengayekeli njengoba iNkosi yakhuluma,” wakhuluma uJulie B. Beck,Owayengu Mongameli weNhlangano Yabesimame Yenkululeko Jikelele.2 Ukuthandazela labo esibavakashelayo kuyasiqinisa thina futhi njengabesifazane abaNgcwele bezinsuku-Zokugcina

UMongameli Henry B. Eyring, iKhansela lokuQala kubuMongameli bokuQala, wathi: “ Thandazela indlela yokwazi izinhliziyo zabo… Uzokwazi ukuthola ukuthi uNkulunkulu ufuna wenzeni ukuze usize bona futhi ukwenze konke okusemandleni akho , uzwe uthando lukaNkulunkulu kubona.”3

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  1. Indlela Ekhomba Umbhalo Ongcwele, “Umthandazo”

  2. Julie B. Beck,Yini le Abasifazane Abangcwele bezinsuku-Zokugcina abayenza kangcono: Hlala Uqinile futhi Unganyakazi,” Liahona, Nov. 2007, 110.

  3. Henry B. Eyring, “Priesthood and Personal Prayer,” Liahona, uMeyi 2015, 85

Shicilela