Ngo-2018
Ukuzilungiselela ukuzwa izwi likaNkulunkulu
NgoMashi 2018


Intsha

Ukuzilungiselela ukuzwa izwi likaNkulunkulu

UMongameli Uchtdorf usichazela lokho uNkulunkulu aqala ngakho ukukwenza emva kokuba adale umuntu wesilisa kanye nowesifazane wakhuluma nabo futhi wabanikeza ulwazi kanye nemiyalo eyigugu. Sithola izibusiso ezifanayo ngoEphreli kanye nango-Okthoba ngesikhathi somhlangano wenkomfa jikelele, ngesikhathi abaholi beBandla bekhuluma kanye nathi futhi besinikeza umyalo lowo iNkosi efuna ukuba siwuthole.

Uke wezwa izwi likaNkulunkulu elivela kwizinceku Zakhe ngesikhathi somhlangano wenkomfa jikelele? Uke wezwa umyalezo othize ukunikeza impendulo leyo okade uyifuna? Kwibhuku lakho lokuloba ngomlando ungabhala ngalesosifundo ositholile nokuthi sikusize kanjani. Bese uzilungiselela ukuzwa izwi leNkosi kulenkomfa ezobanjelwa maduzane ngokubhala imibuzo onayo kanye nokufunda yona ngesikhathi sokufunda kwakho imibhalo engcwele. Khuleka kuBaba waseZulwini, ucele ukuba akunikeze izimpendulo kanye nolwazi ngesikhathi somhlangano wenkomfa. Njengoba ulalela izincenku zeNkosi, bhekana nokuzwa okuqondene kanye nawe. Ufundeni? Uzwe ini enze ukuba ube nogqozi lokuba ushintshe? Bhala phansi lokho okuzwile ngoba uwona Moya ongcwele okhuluma kanye nawe.

Uhlale ukhumbula ukuthi uBaba waseZulwini uyakhuthanda futhi uzohlala ehlezi ekuholela endleleni yeqiniso. Njengoba uhlezi uzama ukuzwa izwi Lakhe elivela ngezinceku Zakhe, uzakubusiswa futhi ube oguqukileyo.

Shicilela