Ngo-2018
Izwi lika Nkulunkulu kuba Ntwana Bakhe
NgoMashi 2018


UMyalezo wobuMongameli BokuQala, uMashi 2018

Izwi likaNkulunkulu kubaNtwana Bakhe

Imibhalo engcwele isitshela ukuthi into yokuqala uNkulunkulu ayenza emva kokudala owesilisa kanye nowesifazane kwaba ukukhuluma kanye nabo.1 Wayenolwazi kanye nemiyalo ebalulekile kakhulu ayezobanikeza yona. Injongo Yakhe wayengathi wayebahlukumeza noma ebakhathaza kepha kwakubakhomba indlela eya enjabulweni kanye nasembusweni wangunaphakade.

Futhi lokho kwakuzoba isiqalo. Kusukela ngalolosuku ukuze kufike manje, uNkulunkulu uqhubekile ngokukhuluma kanye nabantwana Bakhe. Amazwi Akhe agcinwa, alondolozwa, futhi afundwa ngabalandeli bezizukulwane zonke. Agciniwe yilabo abafuna ukwazi inhloso kaNkulunkulu, futhi babeka ubufakazi babo ngeqiniso ukuthi “iNkosi uNkulunkulu akasoze enze lutho, ngaphandle kokuba aveze imfihlo yakhe kwizinceku zakhe ezingabaprofethi.”2

Lokhu kwiyiphatheni kusukela ekuqaleni kwesikhathi, futhi leliphatheni liyaqhubeka nanamuhla. Akuyona inganekwane yaseBhayibhelini emnandi nje kuphela; kuyindlela ephakeme yokuhambisa imiyalezo ebalulekile kubantwana Bakhe. Uphakamisa omunye nomonye phakathi kwethu, ababize njengabaprofethi, futhi abanikeze amazwi okumele bewakhulume, amazwi lawo thina esimenywe ukuba “siwezwe, sengathi aphuma emlonyeni [Wakhe].”3 Wamemezela wathi, “Noma ngezwi lami noma ngezwi lezinceku zami, kuyafana.”4

Lona umyalezo ongcwele, ogqugquzelisayo, futhi umyalezo Wokubuyiswa kwevangeli omkhulu—uNkulunkulu akathulile! Uyabathanda abantwana Bakhe. Akasishiyanga ukuba sidideke ebumnyameni.

Kabili onyakeni, ku-Ephreli kanye no-Okthoba, sithola ithuba lokuzwa izwi leNkosi elivela kwizinceku Zakhe kwizinhlangano zenkomfa jikelele.

Ngibeka ubufakazi bami ukuthi ngaphambi kokuba isikhulumi kwinhlangano yenkomfa jikelele ihamba iya kwindawo yokukhuluma, siziphe isikhathi esiningi kanye namandla, umthandazo, kanye nokufunda ngalokhu esizokhuluma ngakho. Wonke umyalezo wenkomfa jikelele utshengisa ukuzilungiselela kwamahora amaningi kanye nokucela ngenhliziyo ukuba azwisise kangcono ukuba iNkosi ifisa ukuthi Abangcwele Bakhe bezweni.

Kungenzekani uma thina abalaleli sizilungiselela inkulumo yabakhulumi kanye neyethu? Singayibuka kanjani inhlangano yenkomfa jikelele uma sibuke inhlangano njengethuba lokuthola imiyalezo evela eNkosini Yona uqobo. Ngamazwi kanye namaculo avele enhlanganweni yenkomfa jikelele, singazilungiselela ukuthola izimpendulo kunoma imiphi imibuzo noma izinkinga esihlangabezana nazo.

Uma ucabanga ukuba uBaba wethu waseZulwini angakhuluma nawe ngqo, ngizakukhumbuza amazwi alula nje kepha abalulekile atholakala eculwa izingane zeKilasi eliphansi: “[Uyi]ngane kaNkulunkulu, futhi [wena] ukuthumele lana.” Injongo Yakhe ukuba akusize ubuyele “uyohlala kanye naye ngolunye usuku.”

Uma uzicabanga njengengane kaBaba waseZulwini, ungacela Kuyena ngenhliziyo ezimisele, “Ngihole, ngikhombise, hamba eceleni kwami, ngisize ngithole indlela. Ngifundise konke okumele ngikwenze.” Uzokhuluma nawe ngoMoya Wakhe oNgcwele, bese kuphuma kuwena ukuba “wenze intando yakhe.” Ngiyathembisa ukuthi uma wenza lokho “izibusiso eziphakeme zizoza”5

Indlela yeNkosi ekhombayo iyadingeka kakhulu namuhla njengoba yayidingeka nakumlando wezwe. Njengoba sizilungiselela ukuzwa izwi leNkosi, make sifune ngokuzotha uMoya wangeqiniso ukuze uma iNkosi ikhuluma kanye nezinceku Zayo, singakwazi ukuzwisisa, sikwazi ukushintsha, futhi sijabule sonke.6

Ngibeka ubufakazi bami “ngokwenza lezi zinto amasango esihogo ngeke abuse phezu kwenu; yebo, futhi iNkosi uNkulunkulu izowachitha amandla obumnyama iwasuse phambi kwenu, futhi yenze amazulu azamazame ukuze nizuze, nokudumisa igama lakhe.”7

Shicilela