Ngo-2018
Finyelela Ngozwelo
uJulayi 2018


Isithombe
Ministering

Imigomo Yokusebenzela Abanye, uJulayi 2018

Finyelela Ngozwelo

Uma ngabe ulandela isibonelo somSindisi sokuba nozwelo, uzothola ukuthi uyakwazi ukwenza umehluko ezimpilweni zabanye.

Uzwelo ukuba nolwazi ngokuhlupheka kwabanye kanye nesifiso sokukudambisa noma ukukhulula. Isivumelwano sokulandela umSindisi isivumelwano sozwelo soku “thwalisana imithwalo omunye nomunye” (uMosiya 18:8). Isabelo sokugada abanye yithuba lokusebenzela abanye njengoba iNkosi ingenza: “ngozwelo, senze umehluko” (ekaJuda 1:22). INkosi yalayela, “Bonisa isihe kanye nozwelo yilowo nalowo kumfowabo” (uZakariya 7:9).

Uzwelo LomSindisi

Uzwelo lwalugqugquzelaumSindisi emisebenzini Yakhe. (Bona eceleni: “A Compassionate Savior”). Uzwelo Lwakhe kubantu bakhe lwamenza ukuthi afinyelele kulabo abamuzungezile ezimeni ezingenakubalwa. Ngokuqonda izidingo zabantu kanye nezifiso zabo, Wakwazi ukubabusisa kanye nokubafundisa ngezindlela ezazibaluleke kakhulu kubo. Isifiso somSindisi sokusiphakamisa phezu kosizi lwethu samuholela esenzweni esikhulu sokuhawukela: Inhlawulo Yakhe yezono kanye nokuhlupheka kwabantu bonke.

Amandla Akhe okuphendula izidingo zabantu into esingayizama uma sisebenzela abanye. Njengoba siphila ngokulunga kanye nokulalela imiyalelo yaMoya, sizogqugquzeleka ukuthi sifinyelele ngezindlela ezizwakalayo.

Isivumelwano Sethu Sozwelo

UBaba oseZulwini ufuna izingane Zakhe zibe nozwelo (bona1 KwabaseKhorinte 12:25-27). Ukuze sibe abafundi beqiniso, kuzomele sombulukise futhi sikhombise uzwelo kwabanye, ikakhulukazi kulabo abaswele (iMf&V 52:40).

Ngokuthatha kwethu igama likaJesu Kristu ngesivumelwano sethu sokubhabhadiswa, sifakaza ukuthi sizimisele ukutshengisa uzwelo. UMongameli uHenry B. Eyring, uMeluleki Wesibili kubuMongameli Bokuqala, wafundisa ukuthi isipho sikaMoya oNgcwele siyasisiza ukuthi senze njalo: “Wena uyilunga lesivumelwano leBandla likaJesu Kristu. …

“Yingakho unomuzwa wokufuna ukusiza umuntu ozama ukuqhubekela phambili ngaphansi komthwalo wosizi kanye nobunzima. Wethembisa ukuthi uzosiza iNkosi ekwenzeni izinkinga [zabanye] zibe lula nokuthi baduduzeke. Wanikezwa amandla okuba usize ekuthuleni leyo mithwalo ngenkathi uthola isipho sikaMoya oyiNgcwele.”1

Isibonelo, usisi eRussia wayenenkinga enzima emndenini wakhe eyayimuvimba ukuthi aye esontweni isikhathi esingaphezu konyaka. Omunye usisi egatsheni wayefinyelela kuyena ngozwelo njalo ngeSonto ngokuthi amufonele amuxoxele ngezinkulumo, izifundo, ubizo lwemishini, izingane ezizaliwe, kanye nezinye izindaba zegatsha. Ngenkathi isimo salosisi ovaleleke endlini sesixazululekile, wazizwa engathi wayeseyilunga legatsha ngenxa yamafoni kamngani wakhe asonto lonke.

Imithombo

  1. Henry B. Eyring, “The Comforter,” Liahona, Meyi 2015, 18.

Shicilela