Ngo-2018
Bonisanani Ngezidingo Zabo
Septhemba 2018


Isithombe
ministering

Imigomo Yokusebenzela Abanye, Septhemba 2018

Bonisanani Ngezidingo Zabo

Akudingeki ukuba usebenze uwedwa. Ukubonisana kungakunika usizo oludingayo ukuze usize abanye

UNkulunkulu Ukumeme ukuba usebenzele umuntu noma umndeni ewadini noma egatsheni lakho ngokwezi dingo zabo. Uthola kanjani ukuthi yikuphi abakudingayo? Umgomo wokubonisana, okuyinto ibandla eligxile kuyo, usemqoka.

Emuva kokuxoxa ngesingabonisana ngakho, sizobheka:

  1. Ukubonisana noBaba oseZulwini.

  2. Ukubonisana nomuntu noma nomndeni esibizelwe ukuwusebenzela.

  3. Ukubonisana nesisebenza naye.

  4. Nokubonisana nabanye abasebenzela umuntu noma umndeni ofanayo.

Ukubonisana nabaholi bethu nakho kubalulekile. Imigomo yokusebenzela Abanye elandelayo kwi Liahona izokhuluma ngokuxoxisana nabaholi nokubaluleka kwengxoxo emayelana nokusebenzela abanye.

Esibonisana Ngakho

Ukuqondisisa izidingo kusemqoka ekusebenzeleni umuntu ngamunye. Kodwa-ke lezo zidingo zingaba yini, futhi kungabe kukhona okungaphezulu kwezidingo okumele sikuthole na?

Izidingo zingaba nhlobonhlobo. Labo esibasebenzelayo bengabhekana nezinkinga ezithinta imizwa, ukungabi bikho kwemali, izinkinga eziqondene nezinto ezibonakalayo, izinkinga eziqondene nokufunda, nokunye okuningi. Ezinye izidingo zibalulekile kakhulu kunezinye. Ezinye sizokwazi ukuzixazulula; ezinye zingadinga ukuba sicele usizo kwabanye. Emizamweni yethu yokusiza ngezinto zesikhashana, singakhohlwa ukuthi ubizo lwethu lokusebenzela abanye ludinga sibasize nangokuthi bakhule endleleni yesivumelwano, belungiselele futhi bethole izimiso zobuphristi ezidingekayo ukuze baphakanyiswe.

Ngaphezu kokuba sibonisane ngezidingo zomuntu noma zomndeni, kufanele sifunde ngokuhle abanakho. Yikephi lapho bengaludingi khona usizo? Yimaphi amakhono neziphiwo abanazo abangabusisa ngazo abanye? Bakulungele kanjani ngokwabo ukusiza ekwakheni umbuso kaNkulunkulu? Ukwazi okuhle komuntu kungabaluleka njengokwazi izidingo zakhe.

Ukubonisana noBaba oseZulwini

Enye yezimfundiso ezisemqoka enkolweni yethu ukuthi uBaba oseZulwini uyakhuluma nabantwana Bakhe (bheka ImiBhalo yoKholo 1:9). Uma sinikwa umsebenzi omusha wokusebenzela omunye, kufanele sibonisane noBaba oseZulwini ngomthandazo, sicele ulwazi nokuqondisisa izidingo zabo kanye nokuhle kwabo. Ukubonisana ngomthandazo kufanele kube yinto eyenzeka njalo ngenkathi sisebenzela abanye.

Ukubonisana noMuntu kanye nemiNdeni

Indlela esizisondeza ngayo kumuntu ngamunye nasemindenini esibizelwe ukuba siyisebenzele ingahluka ngokwezimo, kepha ukubonisana nalowo muntu noma nalowo mndeni uqobo kubalulekile ekwakheni ubudlelwane nasekuqondisiseni izidingo zabo, nendlela abafisa ukusizwa ngayo. Eminye imibuzo kungakuhle ime kuze kube ukuthi sekukhona ubudlelwane obuhle. Ayikho indlela eyodwa elungile yokukwenza lokhu, kepha ake ucabange ngalokhu okulandelayo:

  • Thola ukuthi bathanda ukuthintwa nini nakanjani.

  • Zinike isikhathi sokwazi ngabakuthandayo nemvelaphi yabo.

  • Fika nemibono emayelana nendlela ongasiza ngayo, futhi ucele imibono yabo.

Ngenkathi sekukhona ukwethembana, cabanga ngokuxoxisana ngezidingo zalowo muntu noma zalowo mndeni. Buza imibuzo efika kuwe ngoMoya Ongcwele.1 Njengalena:

  • Yiziphi izinkinga ababhekana nazo?

  • Yiziphi izinjongo abanazo njengomndeni noma umuntu eyedwa? Isibonelo, bayafuna na ukwenza kangcono ekubeni nobusuku bomndeni ngenjwayelo, noma ekuzimeleni kangcono?

  • Singabasiza kanjani ngezinjongo nezinkinga zabo?

  • Yiziphi izimiso zevangeli ezizayo ezimpilweni zabo? Singabasiza kanjani bazilungiselele na?

Khumbula ukunikeza usizo olucacile, njengokuthi. “Singakuletha ngaluphi usuku ukudla kuleli sonto?” Usizo olungacacile, njengokuthi, “Sicela usazise uma kukhona esingakwenza,” alusizi kakhulu.

Ukubonisana Nesisebenza Naye

Ngoba kungenzeka ukuthi wena nosebenza naye anihlezi nindawonye ngesikhathi nixoxa nomuntu noma nomndeni, kubalulekile ukuba nisizane futhi nixoxisane ndawonye ngesikhathi nifuna imiyalelo njengabalingani. Nansi imibuzo eningayicabanga:

  • Nizoxhumana kanjani futhi kangaki njengabantu abasebenza ndawonye na?

  • Ningawasebenzisa kanjani amakhono enu ahlukene ukusiza ngezidingo zomndeni noma zamuntu ngamunye?

  • Yikuphi enikufundile, yikuphi esenikubonile nesenikuzwile, futhi yimiphi imiyalelo evela kuMoya oNgcwele eniyitholile selokhu nakhuluma ngalowo mndeni noma ngalowo muntu na?

Ukubonisana Nabanye Abanikezwe lo Msebenzi

Kungaba kuhle ukuthi ubuye ukhulume nabanye abasebenzela lo muntu noma lo mndeni owusebenzelayo.

Xhumanani Ukuze Kuxazululeke Izinkinga

IGosa uChi Hong (Sam) Wong owabangamaShumi ayisiKhombisa usebenzisa indaba ecashunwe kuMarku 2 ukusitshengisa ukuthi singabonisana kanjani ezinsukwini zethu njengoba abantu abane endabeni babonisana ukuze bathole indlela yokuba indoda efe uhlangothi ibe seduze noJesu Kristu.

“Kungenzeka kanje,” kwasho iGosa uWong. “Abantu abane babenza umsebenzi abawunikezwe umbhishobhi ukuba bayovakashela indoda eyayife uhlangothi ekhaya layo. … Ethubeni elidlule lokubonisana njengewadi, umbhishobhi wayebanikeze umsebenzi woku ’sindisa’ abanye. Laba abane bathunywa ukuba basize le ndoda. …

“[Uma sebefika esakhiweni lapho uJesu ayekhona,] indlu yayiminyene kakhulu. Babengakwazi ukungena ngomyango. Ngiqinisekile ukuthi bazama konke abebengakucabanga, kepha babengakwazi ukudlula. … Babonisana ngokunye abangakuzama―indlela ababengaletha ngayo lendoda kuJesu Kristu ukuze ithole ukwelashwa. … Benza isu—elalingelula nokho kodwa balizama.

“… ‘baqaqa uphahla lapho ekhona, bathi sebebhobozile behlisa uhlaka alele kulo ofe uhlangothi’ (uMarku 2:4). …

“… ‘UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi, Ndodana, uthethelelwe izono zakho.” (uMarku 2:5).”2

Isimemo Sokusebenza

IGosa uDieter F. Uchtdorf womGwamanda wabaPhostoli abayiShumi namBili wasikhuthaza wathi, “Bonisanani ndawonye, sebenzisani konke eninakho, funani ukuyalwa nguMoya oNgcwele, bese nigoqa imikhono niyosebenza.

Nasi isethembiso engininika sona: uma nilandele lendlela, nizoyalwa ngokuthi nisize bani, ngani, nini, futhi nakuphiemsebenzini wokusiza ngendlela yeNkosi.”3

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  1. Bheka ku Preach My Gospel: A Guide to Missionary Service (2004), 183.

  2. Chi Hong (Sam) Wong, “Rescue in Unity,” Liahona, Nov. 2014, 14–15.

  3. Dieter F. Uchtdorf, “Providing in the Lord’s way,” Liahona, Nov 2011, 55.

Shicilela