Ngo-2018
Ukuhlanganyela Kodadewethu Ekuqoqeni u-Israyeli
UNovemba 2018


Isithombe
ministering

UMyalezo WobuMongameli BokuQala, ngoNovemba 2018

Ukuhlanganyela Kodadewethu Ekuqoqeni u-Israyeli

Ngelula isicelo somphrofethi kini, abasifazane beBandla, ukuba nilungise ikusasa ngokusiza kuqoqwe u-Israyeli.

Kumnandi ukuba nani, bodadewethu abathandekile futhi abayigugu. Mhlawumbe okusanda kungenzekela kuzonibonisa kancane ukuthi ngizizwa kanjani ngani kanye namandla amakhulu eniwaphiwe.

Ngolunye usuku ngenkathi ngikhuluma nebandla eNingizimu yaseMelika, ngazithola nginomfutho omkhulu ngesihloko sami, kwathi ngesikhathi esibalulekile, ngathi “njengo mama wabantwana abayi-10, nginganitshela ukuthi …” Ngase ngaqedelela umusho wami.

Anginakanga ukuthi ngasebenzisa igama elithi mama. Umhumushi wami, ezicabangela ukuthi ngangikhulume iphutha, walishintsha igama elithi mama wasebenzisa elithi baba, ngakho-ke, ibandla alazanga ukuthi ngangizibize ngomama. Kepha, unkosikazi wami uWendy wezwa, wakuthokozela ukuphunyuka kwami.

Ngaleso sikhathi, isifiso sami sokwenza umehluko emhlabeni―ngendlela kwenza ngayo umama kuphela―sakhuphuka savela enhlizwyeni yami. Eminyakeni esidlulile, uma ngibuzwa ukuthi ngakhethelani ukuba ngudokotela, impendulo yami yayihlezi ifana: “Yingoba ngangingakwazi ukukhetha ukuba ngumama.”

Ngicela niqaphele ukuthi uma ngisebenzisa igama elithi mama, angikhulumi kuphela ngabesifazane abazele noma abathole abantwana kulempilo. Ngikhuluma ngawo wonke amadodakazi aBazali bethu baseZulwini asekhulile. Bonke abesifazane bangomama ngenxa yisimilo sabo esingcwele esingunaphakade.

Ngakho-ke, ngalobusuku, njengobaba wabantwana abayi-10―amadodakazi ayisishiyagololunye nendodana eyodwa―futhi njengoMongameli weBandla, ngithandazela ukuthi nizozwa ukuthi nginikhathalele kanjani―ukuthi ningobani nakho konke okuhle eningakwenza. Akekho ongenza okwenziwa owesifazane olungile. Akekho ongalingisela umthelela kamama.

Abesilisa bayakwazi futhi bajwayele ukuxoxisana nabanye ngothando lukaBaba oseZulwini kanye noMsindisi. Kepha abesifazane banesipho esikhethekile sokwenza lokhu―isipho esingcwele. Ninekhono lokuzwa ukuthi omunye udingani―futhi ukudinga nini. Nikwazi ukufinyelela, niduduze, nifundise, futhi niqinise omunye esikhathini sakhe sokuswela.

Abesifazane babona izinto ngokuhlukile kunabesilisa, futhi, ave siyidinga imibone yenu! Isimilo senu siniholela ekucabangeni ngabanye kuqala, ukuze nibone umthelela wokuthile.

Njengoba uMongameli Eyring achaza, kwakungumama wethu ongcwele u-Eva―kanye nombono wakhe obona kahle uhlelo likaBaba wethu oseZulwini―owangenisa esikubiza ngo ‘‘kuWa.” Isinqumo sakhe esikhaliphile futhi esitshengisa isibindi kanye nesinqumo sika-Adamu esimusekelayo saqhubeza uhlelo lenjabulo likaNkulunkulu. Badala ukuthi sikwazi sonke ukuza emhlabeni, sithole umzimba, futhi sikhombise ukuthi sikhetha ukumela uJesu Kristu manje, njengoba senzile sisaphila impilo eyandulela eyasemhlabeni.

Bodadewethu abathandekile, ninezipho zomoya ezikhethekile futhi namakhono. Namuhla ngiyaninxusa, ngethemba lonke lenhliziyo yami, ukuba nithandazele ukuqondisisa izipho zenu zomoya―nizinakekele, nizisebenzise, futhi nizikhulise, kakhulu kunalokhu ebenikwenza. Nizoguqula umhlaba uma nenza njalo.

Njengabesifazane, nikhuthaza abanye futhi nakha izinga elifanele ukulandelwa. Mangininikeze umsuka wezimemezelo ezimbili ezinkulu ezenziwa kumhlangano omkhulu odlule. Nina, bodadewethu abathandekile, nanibalulekile kuzo zombili.

Esokuqala, ukusizana. Izinga elikhulu kakhulu lokusizana yilelo likaMsindisi wethu, uJesu Kristu. Ngenjwayelo, abesifazane baseduzane, futhi babehlezi beseduzana kwaleli zinga kunabesilisa. Ngesikhathi usiza omunye ngempela, ulandela imizwa yakho ukuze umsize omunye ezwe uthando lukaJesu Kristu. Ukusiza omunye kungaphakathi kwabesifazane abalungile. Ngazi abesifazane abathandaza nsuku zonke, “Ubani Ofuna ngimusize namhlanje?”

Ngaphambi kwesimemezelo sango-Ephreli 2018 sendlela engcono futhi engcwele yokunakekela abanye, abanye besilisa babejwayele ukumaka ukuthi umsebenzi wabo wokufundisa ngokuvakashelana “bawenzile” bese beqhubekele kokulandelayo.

Kepha, ngenkathi nina nibona ukuthi udade enimfundisayo udinga usizo, nanisukuma masisha futhi nimuvakashele inyanga yonke. Ngakho-ke, kwakuyindlela enanifundisa ngayo eyagqugquzela lokhu kukhula okuyele ekusizeni abanye.

Ngomhlangano omkhulu odlule saphinda sahlela kabusha imigwamanda yobuPhristi bukaMelkisedeki. Ngesikhathi sicabanga ukuthi singasiza kanjani amadoda eBandla azimisele kangconyana emisebenzini wabo, sacabanga ngesibonelo seNhlangano yokuSiza yabesiFazane.

KwiNhlangano yokuSiza yabesiFazane, abesifazane beminyaka ehlukene nezikhathi ezihlukene zempilo, bayahlangana. Yonke iminyaka iletha izinkinga ezihlukile, kepha, nanikhona, isonto nesonto, nihlangana, nikhula futhi nifundisa ivangeli ndawonye, futhi nenza umehluko wangempela emhlabeni.

Manje, ukulandela isibonelo senu, abanikezwe ubuPhristi bukaMelkisedeki bangamalunga omgwamanda wamagosa. Lawa madoda aneminyaka ehlukahlukene kusukela eminyakeni ewu-18 kuya eminyakeni ewu-98 (mhlawumbe nengaphezulu kwalokhu), futhi anolwazi lwempilo kanye nolwazi lobuphristi oluhlukahlukene nalo. Labafowethu sebengakha ubudlelwane obungcono, befunde ndawonye, futhi babusise abanye kangcono.

Niyakhumbula ngoJuni odlule, udadewethu uNelson nami sakhuluma nentsha yeBandla. Sayimema ukuba izinikele kwamabutho abantu abasha beNkosi ukuze isize ekuqoqeni u-Israyeli emacaleni womabili esihenqo. Lokhu kuqoqa “kuyimbangela enkulu,isizathu esikhulu, futhi umsebenzi omkhulu emhlabeni namhlanje”!1

Imbangela edinga ngempela abesifazane, ngoba abesifazane babumba ikusasa. Ngakho-ke namuhla, nginixusa njengomprofethi, nina abesifazane beBandla, ukuba nibumbe ikusasa ngokuqoqa u-Israyeli.

Ningaqalaphi?

Mangininikeze izimemo ezine:

Okukuqala, ngiyanimema ukuba nizile imithombo yezokuxhumana izinsuku eziyi-10 kanye nakho konke okwezindaba okuletha imicabango emibi futhi engcolile emqondweni wenu. Thandazani ukuba nazi ukuthi yikuphi okumele nikususe ngenkathi nizila okwezindaba. Okuzokwenzeka uma senizile okwezindaba izinsuku eziyi-10 kunganimangaza. Nibonani uma senithathe ikhefu kwimibono yomhlaba elimaza imoya yenu? Ngabe sekukhona ushintsho manje ngalapho ofisa ukuchitha isikhathi namandla akho? Kukhona okubalulekile kini osekushintshile―noma yikancane nje? Ngiyaninxusa ukuba nibhale futhi nikulandele konke enikuzwayo.

Okwesibili, ngiyanimema ukuba nifunde iNcwadi kaMormoni phakathi kwamanje nasekupheleni konyaka. Noma ngabe kubonakala kunzima kanjani lokhu uma uhlanganisa nokwenzayo manje, uma uzokwamukela lesimemo ngenhliziyo yakho yonke, iNkosi izokusiza uthole indlela yokukwenza. Futhi, ngenkathi ufunda ube uthandaza, ngiyanithembisa ukuthi amazulu azonivulekela. INkosi izonibusisa ngokuboniswa nezambulo eziningi.

Ngenkathi nifunda, nginganigqugquzela ukuba nidwebele ivesi ngalinye elikhuluma ngoMsindisi. Bese niyazimisela ngokukhuluma ngoKristu, ukujabula kuKristu, ukufundisa ngoKrsitu kanye nemndeni nabangani benu.2 Nina nabo nizozisondeza kuKristu ngale ndlela. Futhi ushintsho, kanye nezimangaliso, kuzoqala kwenzeke.

Namhlanje ekuseni kumemezelwe ngohlelo olusha lwangeSonto kanye nokufundisa okusha okugxilwa kukho ekhaya bese kusekelwa yiBandla. Nina, bodadewethu abathandekile, ningukhiye ekuphumeleleni kwalendlela entsha, esekeliwe futhi ehleliwe yokufundisa ivangeli. Ngicela nifundise labo enibathandayo ngenikufundayo emibhalweni engcwele. Bafundiseni indlela yokuya kuMsindisi ukuze bethole amandla Akhe okupholiswa nokugezwa uma bona. Futhi nibafundise indlela yokuthola amandla Akhe aqinisayo izinsuku zonke zempilo yabo.

Okwesithathu, yakhani indlela yokuya ethempelini ngokujwayelekile. Lokhu kungadinga ukuzinikela okuningana ezimpilweni zenu. Isikhathi esiningi ethempelini sizonika iNkosi ithuba lokuba Inifundise indlela yokusebenzisa amandla obuphristi eniphiwe wona ethempelini Lakhe. Nina eningahlali eduzane nethempeli, ngiyanimema ukuba nifunde ngomoya womthandazo ngamathempeli emibhalweni engcwele kanye nasemazwini abaprofethi abaphilayo. Funani ukwazi kangcono, niqonde kangcono, nizwe kangcono ngamathempeli ngaphezulu kwalokho enike nakwenza ngaphambilini.

Kwingxoxo nentsha ngoJuni odlule, ngakhuluma ngomlisa osamncane owashintshelwa yimpilo ngesikhathi abazali bakhe bethatha ucingo lwakhe lwesimanjemanje bese bemnikeza olwakudala. Umama walomlisa osemncane wayengowesifazane onokholo. Wabona indodana yakhe isondelana nezinqumo ezingayenza ingayi ukuyofundisa ivangeli. Wahambisa ethempelini izicelo zakhe zokwazi indlela enhle kakhulu angasiza ngayo indodana yakhe. Wase walandela yonke imizwa yakhe.

Wathi: “Ngezwa uMoya ungiyalela ukuba ngibheke ucingo lendodana yami ngezikhathi ezithile ukuze ngithole okuthile. Angikwazi ukuzisebenzisa izincingo zesimanjemanje, kepha uMoya oNgcwele wangisiza ngakwazi ukusebenzisa yonke imithombo yokuxhumana engingayisebenzisi kwamina! Ngiyazi uMoya oNgcwele usiza abazali abafuna usizo ekuvikeleni izingane zabo. [Ekuqaleni] indodana yami yangidinelwa kakhulu. … Kepha emva kwezinsuku ezintathu nje, yangibonga! Yawuzwa umehluko.”

Ukuziphatha kwendodana yakhe kwashintsha kakhulu. Yaqala yasiza kakhudlwana ekhaya, yamoyizela kakhudlwana, futhi yalalela kangcono esontweni. Yakuthanda ukusiza endaweni yokubhabhadiswa ethempelini nokulungiselela ukuyofundisa ivangeli.

Isimemo sami sesine, kunina esinikhulile, ukuba nizinikele ngokuphelele kwiNhlangano yokuSiza yabesiFazane. Ngiyaninxusa ukuba nifunde istatimende senhloso seNhlangano yokuSiza yabesiFazane. Siyakhuthaza. Singakusiza wakhe istatimende senhloso sempilo yakho. Ngiyanicela futhi ukuba nifunde amaqiniso kumbhalo weNhlangano yokuSiza yabesiFazane owashicilelwa eminyakeni engama-20 edlule.3 Ikhopi yalombhalo isedongweni lehhovisi lobuMongameli bokuQala. Ngiyajabula njalo uma ngiwufunda. Uchaza ukuthi ningobani nokuthi iNkosi ifisa nibe ngobani kulesi sikhathi njengoba nidlala indima yenu ekuqoqeni u-Israyeli.

Bodadewethu, siyanidinga! “Sidinga amandla enu, ukuguquka kwenu, ukuzethemba kwenu, ukuhola kwenu, inhlakanipho yenu, namazwi enu.”4 Asikwazi ukuqoqa u-Israyeli ningekho.

Ngiyanithanda futhi ngiyanibonga futhi nginibusisa ngekhono lokushiya umhlaba ngenkathi nisiza kulomsebenzi obalulekile futhi ophuthumayo. Kanye-kanye singenza konke uBaba oseZulwini adinga sikwenze ukulungiselela umhlaba mayelana nokuBuya kwesiBili kweNdodana Yakhe Ayithandayo.

UJesu unguKristu. Leli yiBandla Lakhe. Ngalokhu ngiyafakaza egameni likaJesu Kristu, ameni.

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  1. Russell M. Nelson, “Hope of Israel” (worldwide youth devotional, Juni 3, 2018), HopeofIsrael.lds.org.

  2. Bona 2 Nefi 25:26.

  3. Ukuthola ismemezelo seNhlangano yokuSiza yabesiFazane, bona uMary Ellen Smoot, “Rejoice, Daughters of Zion,” Liahona, Jan. 2000, 111–14.

  4. Russell M. Nelson, “A Plea to My Sisters,” Liahona, Nov. 2015, 96; kugcizelelwe.

Shicilela