Ngo-2018
Igama Elilungile Lebandla
UNovemba 2018


Igama Elilungile Lebandla

UJesu Kristu wasiyala ukuthi sibize iBandla ngegama Lakhe ngoba yiBandla Lakhe, eligcwele amandla Akhe.

Bafowethu nodadewthu abathandekile, ngalolu suku lweSabatha sijabula ndawonye ngezibusiso eziningi ezivela eNkosini. Siyakubonga ubufakazi benu bevangeli likaJesu Kristu elibuyisiwe, ngeninikela ngakho ukuze nihlale noma nibuyela endleleni Yakhe yesivumelwano, kanye nemisebenzi eninikela ngayo eBandleni.

Namhlanje ngizwa kumele ngixoxe nani ngodaba olubaluleke kakhulu. Emasontweni adlule, ngakhipha istatimende esimayelana nokulungisa igama leBandla.1 Ngakwenza lokhu ngoba iNkosi yangitshengisa ukubaluleka kwegama ayelikhethile leBandla Lakhe, iBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. 2

Njengoba kwakulindelekile, izimpendulo mayelana nalesi sitatimende kanye nebhuku lokuhola lolu shintsho3 zixubene. Amalunga amaningi alungisa ngokuphuthuma igama leBandla emibhalweni yabo kwi-intanethi kanye namakhasi ezindaba. Abaningi bazibuza ukuthi yindaba, njengoba kuningi kangaka okwenzeka emhlabeni, kudingeka sigcizelele into “enganamthelela” kangako. Abanye bathi ngeke kwenzeke, pho sizozamelani? Mangichaze ukuthi yindaba sikhathazeke kangaka ngaloludaba. Kodwa kuqala mangisho lokho okungekhona:

  • Akukhona ukushintshwa kwegama.

  • Akukhona ukuzakha kabusha.

  • Akukhona okokubukwa.

  • Akukhona ukushintsha umqondo.

  • Futhi akukhona ukuthi akunamthelela.

Kunalokho, ukulungisa. Umyalo ovela eNkosini. UJoseph Smith akaliqambanga iBandla elabuyiswa ngaye; noMormoni akakwenzanga lokho. Msindisi uqobo owathi, “Ngokuba liyobizwa kanjena ibandla lami ngezinsuku zokugcina, ngisho IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.”4

Ngaphambilini, ngo AD 34, iNkosi yethu evuke kwabafileyo yanikeza imiyalo ecishe ifane kwamalunga eBandla Lakhe ngenkathi ivakashele eMelika. Ngaleso sikhathi Wathi:

“ngakho-ke niyolibiza ibandla ngegama lami. …

“Futhi lingaba yibandla lami kanjani ngaphandle kokuthi libizwe ngegama lami na? Ngokuba uma ibandla lingabizwa ngegama likaMose uma kunjalo liyibandla likaMose; noma uma lingabizwa ngegama lomuntu uma kunjalo liyibandla lomuntu; kepha uma lingabizwa ngegama lami uma kunjalo liyibandla lami.”5

Ngakho-ke, igama leBandla kwakungeyona into okungaxoxiswana ngayo. Ngenkathi uMsindisi ecacisa ukuthi igama leBandla Lakhe fanele kube yiliphi Uze aqale isimemezelo Sakhe ngokuthi “Ngokuba liyobizwa kanjena ibandla lami,” Uqinisile. Futhi uma semukela ukuthi kusetshenziswe amagama ayisidlaliso noma siwasebenzisa thina imbala, Uyaphoxeka.

Yini esegameni, noma, egameni eliyisidlaliso? Emagameni ayisidlaliso eBandla, anjengokuthi “iBandla le-LDS,” “iBandla likaMormon,” noma “iBandla labaNgcwele beziNsuku zokuGcina,” okubalulekile kulawo magama ukungabibikho kwegama likaMsindisi. Ukususa igama leNkosi eBandleni leNkosi ukunqoba okukhulu kwaSathane. Uma sisusa igama likaMsindisi, siyakulahla konke uJesu Kristu asenzele kona―ngisho neNhlawulo Yakhe.

Cabanga ngalokhu ngendlela Abona ngayo: Empilweni eyandulela eyasemhlabeni, wayenguJehova, uNkulunkulu weTestamente eliDala. Ngaphansi kokuyalelwa nguBaba Wakhe, wayenguMdali walomhlaba neminye.6 Wakhetha ukuzinikela kwintando kaBaba oseZulwini enzele bonke abantwana baNkulunkulu into omunye angeke akwazi ukuyenza! Wehlela emhlabeni njengoZelwe Yedwa kuBaba enyameni, wazondwa kakhulu, waba yinhlekiso, wathifelwa futhi washawa. Ensimini yaseGetsemane, uMsindisi wethu wathwala bonke ubuhlungu, konke ukona, futhi bonke ubunzima nokuhlupheka esike sakuzwa mina nawe nawo wonke umuntu oke waphila noma ozoke aphile. Ngaphansi kwesisindo salomthwalo owawubuhlungu, wopha.7 Konke lokhu kuhlupheka kwakhula ngesikhathi ebethelwa ngonya esiphambanweni.

Ngenxa yakho konke lobu buhlungu noVuko Kwabafileyo olwalandela―Inhlawulo Yakhe Engenakuphela―Wasinikeza sonke ukungafi wasisindisa emiphumelweni yokona uma ngabe siphenduka.

Emuva kokuVuka kwaMsindisi nokufa kwabaPhostoli Bakhe, umhlaba wangena eminyakeni yobumnyama. Kwathi ngonyaka ka-1820, uNkulunkulu uBaba kanye neNdodana Yakhe, uJesu Kristu, baziveza kumphrofethi uJoseph Smith ukuqala ukubuyiswa kweBandla leNkosi.

Emuva kwakho konke akubekezelela―nakho konke akwenzela abantu bonke―ngiyabona ngokuzisola okukhulu ukuthi sesiyekele iBandla elibuyisiwe likaJesu Kristu ukuba libizwe ngamanye amagama, wonke esusa igama likaJesu Kristu!

Wonke amaSonto ngenkathi sidla ngokufanele isidlo, senza kabusha isethembiso esingcwele kuBaba wethu oseZulwini esithi sizothatha igama leNdodana Yakhe, uJesu Kristu.8 Siyathembisa ukumlandela, ukuphenduka, ukugcina imiyalelo Yakhe, futhi nokuhlezi simkhumbula.

Ngenkathi sisusa igama Lakhe eBandleni Lakhe, sisuke sisusa Yena njengobalulekile ezimpilweni zethu.

Ukuvuma ukubizwa ngegama likaMsindisi kuchaza ukumemezela nokufakazela abanye―ngezenzo zethu namazwi ethu―ukuthi uJesu unguKristu. Kungabe ukuthi sesisabe ukuphoxa umuntu osibize ngegama elithi “Mormoni” kangangokuthi sesihlulekile nokuvikela uMsindisi uqobo, ukumela ngisho nangegama elibizwa iBandla Lakhe?

Uma thina singabantu futhi ngamunye ngamunye sizothola amandla eNhlawulo kaJesu Kristu―okusihlanza futhi asipholise, okusiqinisa futhi asikhulise, kakhulukazi ukusiphakamisa―Kuzomele simamukele njengomthombo walamandla. Siqala ngokubiza iBandla Lakhe ngegama alishilo.

Kubaningi emhlabeni, iBandla leNkosi njengamanje lifihleke njenge “Bandla lamaMormoni.” Kepha thina njengamalunga eBandla leNkosi siyazi ukuthi ubani ome enhloko lalo: uJesu Kristu Uqobo. Okubi, abaningi abezwa leligama elithi Mormoni bengacabanga ukuthi sikhonza uMormoni. Akukho njalo! Siyamhlonipha umphrofethi omkhulu owakudala eMelika.9 Kepha asibona abafundi bakaMormoni. Singabafundi beNkosi.

Ezinsukwini zokuqala zeBandla elibuyisiwe, amagama anjengaleli elithi iBandla lamaMormoni nelithi amaMormoni10 ayesetshenziswa njengamagama okudelela―amagama amabi, futhi ahlukumezayo―adalelwe ukususa isandla sikaNkulnkulu ekubuyiseni iBandla likaJesu Kristu kulezi zinsuku zokugcina.11

Bafowethu nodadewethu, kuningi ukuphikisana komhlaba ngokubuyisa igama elilungile leBandla. Ngenxa yomhlaba odijithali esiphila kuwo futhi nokusheshiswa kwenjini yokucinga esisiza sonke sithole imniningwane esiyidingayo ngokuphazima kweso―nakanjalo nemninigwane engeBandla leNkosi―abaphikisayo bathi ukulungisa manje akuhlakaniphile. Abanye babona ukuthi ngoba saziwa kakhulu ngokuba “amaMormoni” nange “Bandla lamaMormoni,” kumele sivele sikusebenzise kunjalo.

Ukuba le yingxoxo ngokwakha inhlangano eyakhiwa ngabantu, lokhu kuphikisana kunganqoba. Kepha kuloludaba olubaluleke kanje, sibheke kuYe okuyiBandla Lakhe leli futhi siyamukela ukuthi izindlela zeNkosi akuzona, futhi azisoze zibe, izindlela zabantu. Uma singaba nesineke futhi sidlale indima yethu kahle, iNkosi izosihola kulomsebenzi obalulekile. Ngoba siyazi ukuthi iNkosi isiza labo abafuna ukwenza intando Yakhe, njengoba asiza uNefi aqede umsebenzi wokwakha umkhumbi ukuze awele ulwandle.12

Sizodinga ukuba nenhlonipho futhi nesineke emizamweni yethu yokulungisa lamaphutha. Abezindaba abaqotho bazoba nozwelo ekuphenduleni isicelo sethu.

Kumhlangano omkhulu odlule, Igosa uBenjamín De Hoyos wakhuluma ngesehlakalo esikanje. Wathi:

“Eminyakeni edlule ngenkathi ngisebenza ehhovisi lokuthintana nomphakathi leBandla eMexico, [umlingani wami nami] sabizwa ukuzokhuluma emsakazweni. … [Omunye owayephethe uhlelo] wasibuza, ‘Yingani iBandla linegama elide kanje? …’

“Mina nomlingani wami samoyizela ukuzwa umbuzo omuhle kanje sasesaqhubeka ukuchaza ukuthi igama leBandla lalingakhethwanga umuntu. Lalinikezwe nguMsindisi. … Umphathi wohlelo waphendula ngokushesha futhi ngenhlonipho, ‘Kusho ukuthi sizoliphinda ngentokozo enkulu.’”13

Lowo mbiko usinikeza isibonelo. Imizamo yethu emikhulu njengabantu izodingeka ukuba silungise amaphutha angenile eminyakeni edlule.14 Umhlaba ungalandela noma ungalandeli isibonelo sethu sokuzibiza ngegama elilungile. Kepha akuhlakaniphile ukuthi thina sicikeke uma umhlaba ubiza iBandla namalunga alo ngamagama angalungile uma nathi senza njalo.

Ibhuku lokusisiza elishintshiwe liyasiza. Lithi: “Uma usho kokuqala, kuncamelwa igama eliphelele leBandla: ‘IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.’ Uma kudingeka usho elimfishane (okwesibili), amagama athi ‘iBandla’ noma ‘iBandla likaJesu Kristu’ ayakhuthazwa. Ukuthi ‘Ibandla likaJesu Kristu elibuyisiwe’ nakho kuyakhuthazwa.”15

Uma umuntu ebuza, “UyiMormoni?” ungaphendula uthi, “Uma ubuza ukuthi ngiyilunga leBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, yebo, ngiyilona!”

Uma umuntu ebuza ethi, “ungoNgcwele weziNsuku zokuGcina?”16 ungaphendula uthi, “Yebo, nginguye. Ngikholelwa kuJesu Kristu futhi ngiyilunga leBandla Lakhe elibuyisiwe.”

Bafowethu nodadewthu, ngiyanithembisa ukuthi uma singenza konke okusemandleni ethu ukubuyisa igama elilungile leBandla leNkosi, Loyo okuyiBandla Lakhe leli uzothela amandla akhe nezibusiso emakhanda abaNgcwele beziNsuku zokuGcina,17 esingakaze sizibone. Sizothola ulwazi namandla aNkulunkulu azosisiza sihambise izibusiso zevangeli elibuyisiwe likaJesu Kristu kuzo zonke izizwe, izihlobo, izilimi nabantu, nokuba silungiselele ukuBuya kwesiBili kweNkosi.

Ngakho-ke, yini esegameni? Uma sikhuluma ngegama leBandla likaNkulunkulu, impendulo ithi “Konke!” UJesu Kristu wasiyala ukuthi sibize iBandla ngegama Lakhe ngoba yiBandla Lakhe, eligcwele amandla Akhe.

Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uyaphila. UJesu unguKristu. Uhola iBandla Lakhe namhlanje. Ngiyafakaza egameni elingcwele likaJesu Kristu, ameni.

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  1. “INkosi ingitshengise ukubaluleka kwegama Alikhethile leBandla Lakhe, ngisho IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Sinomsebenzi ngaphambi kwethu ukuba sizihlanganise nentando Yakhe. Emasontweni asanda kudlula, abaholi beBandla neminyango eyahlukahlukene aseqale athatha izinyathelo zokwenza njalo. Eminye imininingwane ngaloludaba olubalulekile izotholakala ezinyangeni ezilandelayo” (Russell M. Nelson, ku “The Name of the Church” [official statement, Aug. 16, 2018], mormonnewsroom.org).

  2. Abaphrofethi abadlule beBandla nabo bake bafaka isicelo esicishe sifane. Isibonelo, nguMongameli uGeorge Albert Smith owathi: “Ningayiphoxi iNkosi ngokubiza leliBandla ngeBandla lamaMormoni. Akalibizanga ngokuthi iBandla lamaMormoni” (in Conference Report, Apr. 1948, 160).

  3. Bona “Style Guide—The Name of the Church,” mormonnewsroom.org.

  4. IMfundiso neziVumelwano 115:4.

  5. 3 Nefi 27:7–8.

  6. 1:33.

  7. Bona IMfundiso neziVumelwano 19:18.

  8. Bona uMoroni 4:3; IMfundiso neziVumelwano 20:37, 77.

  9. UMormoni wayengomunye wababhali abakhulu abane beNcwadi kaMormoni, abanye kwakunguNefi, uJakobe noMoroni. Bonke babeyibone ngamehlo iNkosi, kanjalo nomhumushi owayekhethiwe, uMphrofethi uJoseph Smith.

  10. Ngisho negama elithi Mormonites lalisetshenziswa njengegama elikhombisa ukudelela (bona History of the Church, 2:62–63, 126).

  11. Okunye ngathi kuvele kwiTestamente eliSha. Ngenkathi yecala likaMphostoli uPawulu ngaphambi kukaFeliksi, kwathiwa uPawulu “yinhloko yohlelo lamaNazaretha” (IzEnzo 24:5). Mayelana nokusetshenziswa kwemagama elithi “lamaNazaretha,” omunye umphawuli wabhala: “Leli yigama okwakujwayelwe ukunikezwa amaKristu ukuzama ukuthi awayilutho. Babebizwa kanjalo ngoba uJesu wayesuka eNazaretha” (Albert Barnes, Notes, Explanatory and Practical, on the Acts of the Apostles [1937], 313).

    Omunye umbhalo uthi: Njengoba iNkosi yethu yayibizwa ‘ngomNazaretha’ (Matt. xxvi. 71), ngakho amaJuda abiza abafundi bakhe ‘amaNazaretha.’ Ayengafuni ukuvuma ukuthi bangamaKristu, i.e.abafundi baMesiya” (The Pulpit Commentary: The Acts of the Apostles, ed. H. D. M. Spence and Joseph S. Exell [1884], 2:231).

    IGosa uNeal A. Maxwell naye wabona: “Kuwo wonke umlando wombhalo ongcwele, sibona imizamo ephindapindiwe yokwehlisa abaprofethi ukuze benganakwa―ukubaqamba ukuze benganakwa. Kakhulukazi, kodwa, babezitshwa ngababephila nabo nomlando wangaphandle kwenkonzo. AbaKristu babebizwa nje qha “ngohlelo lamaNazaretha,’ (IzEnzo 24:5.)” (“Out of Obscurity,” Ensign, Nov. 1984, 10).

  12. Bona 1 Nefi 18:1-2.

  13. Benjamín De Hoyos, “Called to Be Saints,” Liahona, May 2011, 106.

  14. Noma ngabe asinawo amandla okushintsha abantu abasibiza ngakho, sinawo wonke amandla okunaka ukuthi thina sizibiza kanjani. Singafuna kanjani abantu behloniphe igama elilungile leBandla uma thina njengamalunga singakwazi?

  15. Style Guide—The Name of the Church,” mormonnewsroom.org.

  16. Igama elithi ongcwele lisentshenziswe kakhulu eBhayibhelini eliNgcwele. Incwadini yaPawulu ebhalele abase-Efesu, njengesibonelo, wasebenzisa igama elithi ongcwele kanye noma ngaphezulu kuzo zonke izahluko. Ongcwele ngumuntu okholelwa kuJesu Kristu futhi ozama ukumlandela.

  17. Bona IMfundiso neziVumelwano 121:33.

Shicilela