Ngo-2018
Khombisa Ukuthi Uyanakekelana
Imigomo Yokusebenzela Abanye, ngoDisemba 2018


Isithombe
ministering

Imigomo Yokusebenzela Abanye, ngoDisemba 2018

Khombisa Ukuthi Uyanakekelana

Ziningi kabi izindlela esingakhombisa ngazo ukuthi singanakekelana, kakhulukazi esikhathini sikaKhisimusi. Singakusho, sikubhale, sikunikeze, sikukhulekele, sikubhake, sikucule, sibambane, sikudlale, sikutshale, noma sikuhlanze. Vele ukuzame.

Ukukhombisa uthando kwabanye kusemqoko uma sibasiza. UMongameli weNhlangano yokuSiza yabeSifazane uJean B. Bingham wathi: “Ukusizana ngokweqiniso kufezeka ngakunye uma uthando lusigqugquzela. … Ngothando elisigqugquzelayo, izimangaliso zizokwenzeka, futhi siyothola izindlela zokubuyisa odadewethu kanye nabafowethu ‘abalahlekile’ ekwamukeleni kwevangeli likaJesu Kristu elisihlanganisa sonke.”1

Ukwazisa abanye ukuthi sibakhathalele into ebalulekile ekwakheni ubuhlobo nabo siqu. Kodwa abantu abahlukahlukene bawuthola ngezindlela ezahlukene umlayezo. Ngakho-ke singalukhombisa kanjani uthando lwethu lwabanye ngezindlela ezifanelekile abazokwazi ukuziqondisisa futhi bazamukele? Nazi ezinye zezindlela esingakhombisa ngazo ukuthi sibakhathalele, kanye nemibono embalwa engakwenza uqale ucabange nawe.

Kusho

Ngesinye isikhathi akukho okudlula ukutshela omunye indlela ozizwa ngayo ngaye. Lokhu kungachaza ukuthi kumele utshele umuntu ukuthi uyamuthanda, kepha kuhambisana nokwabelana nabo izinto ozithandayo ngabo noma ukubancoma ngendlela eqotho. Le ndlela yokuqinisekiswa iyasiza ekuqiniseni ubudlelwano. (Bona abase-Efesu 3:19.)

  • Thola ithuba lokwazisa loyo muntu ukuthi uwathanda kangakanani amandla akhe okwenza into ethize.

  • Dlula kuyena, mufonele, noma hambisa i-imeyili, umlayezo, noma ikhadi elitshela loyo muntu ukuthi ucabanga ngaye.

Vakasha

Ukuthatha isikhathi sokukhuluma kanye nokulalela umuntu indlela enamandla kakhulu yokukhombisa ukuthi ubaluleke kanganani loyo muntu kuwena. Kungaba ukuthi uvakasha ekhaya, noma esontweni, noma kwenye indawo, baningi abantu abadinga umuntu abangakhuluma naye. (Bona uMosiya 4:26; iMf&V 20:47.)

  • Ngokubheka izidingo zomuntu ngamunye, hlela isikhathi sokuvakasha. Thatha isikhathi sokulalelisisa futhi uqondisise izimo zabo.

  • Lapho kungaba lukhuni khona ukuvakashela amakhaya ngenxa yebanga, amasiko asendaweni, noma ezinye izinto, cabanga ukuthola isikhathi ndawonye emva kwemihlangano yeSonto.

Sebenza ngeNhloso

Cabangela izidngo zaloyo muntu noma zalowo mndeni. Ukuhlinzeka ngensizakalo nenzuzo kukhombisa ukuthi uyabakhathalela. Kuhlanganisa izipho ezibalulekile zesikhathi kanye nemizamo ecatshangeliwe. “Izenzo zokusebenza ezilula zingaba nemthelela ejulile kwabanye,” kwasho uDadewethu uBingham.2

  • Nikeza usizo oluqinisa umuntu noma imindeni yabo, njengokugada izingane khona abazali bezokwazi ukuya ethempelini.

  • Bheka izindlela zokunciphisa imithwalo uma impilo iba inzinyana, njengokuhlanza amafasitela, ukuhamba nenja, noma ukusiza egcekeni.

Yenzani Izinto Ndawonye

Kunabantu abangakwazi ukuxhumana nabanye ngengxoxo ejulile. Abanye abantu, ukuxhumana bakwenza ngokuthola izinto abazithandayo ezifana nezabanye ebese bechitha isikhathi ndawonye benza lezo zinto. Inkosi iyasinxusa ukuba “sibe nabo futhi sibaqinise” (IM&V 20:53) abafowethu kanye nodadewethu.

  • Thatha uhambo, hlela ubusuku bokudlala, noma hlela isikhathi esivamile sokizivocavoca ndawonye.

  • Sebenzani ndawonye kwiphrojekthi yomphakathi noma yeBandla.

Nikeza Isipho

Ngesinye isikhathi, isikhathi noma amathuba okuhlangana mancane. Emasikweni amaningi, ukuphana izipho kubonakalisa ukukhathalelana kanye nokuzwelana. Ngesinye isikhathi, ngisho isipho esingatheni singakhombisa intshisekelo ekwakheni ubudlelwano obungconywana. (Bona Izaga 21:14.)

  • Bahambisele into abayithanda kakhulu.

  • Yabelana ngesilinganiso, umbhalo ongcwele, noma umlayezo ozwa ngathi bangasizakala ngawo.

Umsebenzi Wothando

Uma wazana kahle nalabo obasizayo futhi labo obafunela ugqozi, uzofunda okuningi kakhulu ikakhulukazi ukwazi ukukhombisa uthando lwakho kanye nokubakhathalela umuntu ngamunye.

UKimberly Seyboldt wase Oregon, eMelika, uxoxa indaba yokuthola ugqozi kanye nokuphana ngezipho ukukhombisa uthando:

“Uma ngibona ukuthi impilo iyangehlisa, ngiyavuka ebese ngenza isinkwa sezucchini, ngokujwayelekile ngenza olofu abayisishagalombili. Isithako sami esikhethelekile umkhuleko engiwushoyo uma ngibhaka ukwazi ukuthi obani abawudingayo lowo lofu wesinkwa. Sengakwazi ukwazi kangcono omakhelwane bami abaseduze njengoba isinkwa esifudumele se-zucchini siyindlela yami yokumenywa ezindlini kanye nasezimpilweni zabo.

“Ngosuku thizeni lwasehlobo, ngama eceleni komndeni owawudayisa amapayinti amajikijolo eceleni komgwaqo. Ngangingawadingi amanye amajikijolo, kodwa lomfana omncane, owayemncane ngomzimba estendeni wayejabule ukungibona, ecabanga ukuthi ngangiyikhasimende lakhe elilandelayo. Ngathenga amajikijolo, kodwa kwakukhona isipho engangimuphathele sona. Nganika umfana olofu ababili bezinkwa. Waphendukela kubaba wakhe efuna isivumelwano sakhe, wase ethi, ‛Buka, Baba, manje sinento esingayidla namhlanje.’ Ngangigcwele ukubonga ngalelithuba lokukhombisa uthando ngendlela elula.”

“Umkhuleko wethu namhlanje,” kusho uJeffrey R Holland woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili, “wukuthi amadoda nabesifazane—ngokunjalo nabafana namantombazane asekhulile—bazozinikela ngezinhliziyo zabo zonke ukuthi banakekelane, beqhutshwa kuphela wuthando olumsulwa lukaKristu. … Masisebenzisane maduzane kanye neNkosi yesivini, sinikeza uNkulunkulu uBaba wethu sonke isandla ekusizeni ngomsebenzi wakhe omningi wokuphendula imithandazo, ukuletha ukududuzeka, ukusula izinyembezi, kanye nokuqinisa amadolo abuthaka.”3

UJesu Kristu Uyanakekelana

Emva kokuba uJesu Kristu avuse uLazaro kwabafileyo, “uJesu wakhala.

“Bathi abaseJuda, Bukani ukuthi umthande kanjani (uJohane 13:34-36)

“Nginobubele kinina,” uKrestu washo kumaNefi. Wabiza abagulayo kanye nabahlukumezekile, abaxhugayo kanye nabayizimpuphuthe, “wase ebalapha” (Bona 3 Nefi 17:7―9).

UKrestu wenza isibonelo kithina ngokuba anakekele abanye. Wasifundisa:

“Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.

“Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala.

“Owesibili ofana nawo uthi, Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (uMatewu 22:37―39)

Ubani odinga ukunakekelwa nguwe? Ungabakhombisa kanjani abanye ukuthi ubakhathalele?

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  1. UJean B. Bingham, “Ukusebenzelana njengoba UmSindisi Enza,” Liyahona, embhalweni wango Meyi 2018, 106.

  2. UJean B. Bingham, “Ukusebenzelana njengoba UmSindisi Enza,” 104

  3. Jeffrey R. Holland, “Be With and Strengthen Them,”Liahona May 2018, 103.

Shicilela