Ngo-2019
Injongo Ezoshintsha Ukusizana Kwethu
ngoJanuwari 2019


Isithombe
ministering

Imigomo Yokusiza Abanye, ngoJanuwari 2019

Injongo Ezoshintsha Ukusizana Kwethu

Yize ziningi izinjongo zokusizana, eyethu imizamo kumele ilulekwe isifiso sokusiza abanye ukufeza ngamunye ukuguquka okujulile bafane kaningana nomSindisi.

Uma sibathanda abanye njengoba UmSindisi enza, sifuna ukubasiza njengoba enza Naye. NjengoMalusi oMuhle, Uyisibonelo esihle sokusizana okunenjongo.

Ekulinganiseni ukusizana kwethu ngendlela Yakhe, kubalulekile ukuthi sikhumbule imizamo Yakhe yokuthanda, ukuphakamisa, ukusebenzela, kanye nokubusisa okwakunenhloso ephakeme kunokuhlangabezana nesidingo esiseduze. Ngempela Wayezazi izidingo zabo zansuku zonke futhi waba nesihawu ekuhluphekeni ababebhekene nakho ngaleso sikhathi. Ngakho-ke Walapha, wondla, waxolela, futhi wafundisa. Kodwa Wayefuna ukwenza okuningi kunokunaka ukoma kwanamuhla (bona uJohane 4:13‒14). Wayefuna labo abebemzungezile ukuthi bamulandele (bona uLuka 18:22; uJohane 21:22), Bamazi (bona uJohane 10:14; Imfundiso neziVumelwano 132:22‒24), futhi bafinyelele emandleni abo angcwele (bona uMathewu 5:48). Kunjalo nanamuhla (bona IMfundiso neZivumelwano 67:13).

Ziningi izindlela esingasiza ngazo ukubusisa abanye, kodwa uma inhloso yethu ekugcineni kwakho konke ukusizana kungukusiza abanye bazane nomSindisi futhi bafane kakhudlwana Naye, siyobe sisebenzela usuku lapho siyobe singasekho isizathu sokufundisa umakhelwane wethu ukuthi ayazi iNkosi ngoba sobe Siyazi sonke (bona uJeremiya 31:34).

Ukugxila komSindisi Kwadlula Izidingo Zamanje.

  • Abantu abambalwa basebenza kakhuluu ukuletha umngani wabo kuJesu azolashwa ekukhubazekeni. Ekugcineni umSindisi wayilapha leyo ndoda, kodwa wayegxile ekuxoleleni izono zayo (bona uLuka 5:12‒26).

  • Uma abantu beletha kumSindisi owesifazane othathwe ngokuphinga, ukugwema Kwakhe ukumlahla kwasindisa impilo yakhe ngokwenyama. Kodwa Wayefuna ukusindisa impilo yakhe nangokomoya, emtshela ukuthi “makahambe, angasoni” (bona uJohane 8:2‒11).

  • UMariya kanye noMarta bathumela umlayezo kuJesu bemucela ukuthi afike azolapha umngani Wakhe, uLazaru. UJesu, owayeselaphe abanye ezikhathini eziningi wakubambezela ukufika Kwakhe kwaze kwaba yilapho uLazaru wayesefile khona. UJesu wayazi ukuthi umndeni ufunani, kodwa ekuvuseni uLazaru kwabafileyo, Waqinisa ubufakazi babo ngobuNkulunkulu Bakhe (bona uJohane 11:21‒27).

Yiziphi ezinye izibonelo ongazifaka kuloluhla?

Singenzenjani?

Uma inhloso yethu kungukusiza abanye bafane kakhudlwana nomSindisi, kuzoshintsha indlela esisizana ngayo. Nazi ezinye izindlela zokuba lokhu kuqondisisa kuhole imizamo yethu yokusizana.

Umbono 1: Xhumanisa ukusebenzelana nomSindisi.

Yonke imizamo yethu yokwenza okuhle ifanelekile, kodwa singakwazi ukubheka amathuba okuthuthukisa ukusebenzelana kwethu ngokukuxhumanisa nomSindisi. Ngokwesibonelo, uma umndeni owusizayo ugula, ukudla kungaba usizo, kodwa indlela elula yothando kungakhuliswa ubufakazi bakho bothando umSindisi analo lwabo. Usizo lwakho ngomsebenzi wegceke luyokwaziswa, kodwa kungenzeka mhlawumbe lubaluleke kakhulu uma luhlangene nokunikeza kwesibusiso sobuphristi.

Igosa uNeil L. Andersen womgwamanda wabaphostoli abayiShumi namBili wafundisa: “Umuntu onenhliziyo elungile angakwazi ukusiza omunye alungise ithaya, ahambise umuntu ahlala naye kwadokotela, adle isidlo sasemini nomunye ongaphathekile kahle, noma amoyizele futhi abingelele ukuze akhanyise usuku.

“Kodwa umlandeli womyalelo wokuqala uzofaka ngokwemvelo kulezi zenzo ezibalulekile zokusebenzelana.”1

Umbono 2: Gxila eNdleleni yesiVumelwano

Ngenkathi ekhuluma namalunga okokuqala njengoMongameli weBandla, uMongameli Russell M. Nelson wathi, “Hlalani endleleni yesivumelwano.” Ukwenza nokugcina izivumelwano “kuzovula iminyango yazo zonke izibusiso zomoya kanye namalungelo atholakalayo.”2

NjengabaNgcwele beziNsuku zokuGcina siyabhabhadiswa, siqiniswe futhi sithole isipho sikaMoya oyiNgcwele. Abesilisa abangamalunga afanelekile bathola ubuphristi. Siya ethempelini ukuyothola izipho zomoya kanye nokuyoboshwa ndawonye njengemindeni ingunaphakade. Lezi zimiso ezisindisayo kanye nezivumelwano ezihlanganiswe nazo zibalulekile kithina ukuze sikwazi ukufana Naye khona sizokwazi ukuba Naye.

Singadlala indima ebalulekile ekusizeni abanye endleleni uma sibasiza bagcine izivumelwano zabo futhi balungiselele ukwenza izivumelwano kusasa.3 Ungabasiza kanjani abanye noma imindeni oyisizayo ukuthola izimiso ezilandelayo abazidingayo? Lokhu kungachaza ukusiza ukulungiselela ubaba ukuthi abhabhadise indodakazi yakhe, ukuchaza ngezibusiso zesivumelwano esilandelayo esizokwenziwa, noma ukwabelana ngezindlela zokuba nesipiliyoni esinenjongo ekuvuseleleni izivumelwano zethu ngesikhathi sidla isiDlo esiNgcwele.

Umbono 3: Mema bese uyaGqugquzela

Uma kulungile, luleka nalabo obakhathalelayo ngoguquka kwabo kanye nemizamo yokufana noKristu. Bazise ngamandla owabonayo kubo kanye nowakhonzile kubona. Thola ukuthi yikuphi lapho bebona ngathi bangenza kangcono khona bese nikhuluma ngokuthi wena ungasiza kanjani. (Ukuze uthole okuningi ngokubonisana nalabo obasizayo, bona “Bonisanani Ngezidingo Zabo,” Liahona, Sept. 2018, 6–9.)

Ungasabi ukubamema ukuthi balandele umSindisi futhi bamuvumele ukuthi abasize bafinyelele emandleni abo angcwele. Lesimemo singadala inguquko empilweni, uma sihlanganiswe nokuveza ukubathemba kwakho kanye nokholo lwakho Kuye.

Izindlela eziyisiThupha zokuSiza Abanye bathuthukele kuKristu

Okulandelayo imibono yokusekela abanye ekwenzeni impilo yabo ibengcono futhi bathuthuke endleleni yesivumelwano. (See Preach My Gospel, chapter 11, for more ideas.)

  1. Yabelana. Iba oqinisekile futhi ube nesibindi uma wabelana ngokuthi umSindisi ukusize kanjani emizameni yakho yokusondela maduzane Naye ngokuphila ivangeli yize kunezinselelo.

  2. Izibusiso ezithenjisiswe. Abantu badinga isizathu esiphoqayo ukushintsha kakhulu kunezizathu zokungashintshi. Ukuchaza izibusiso ezihlangene nokwenza kunikeza isisusa esinamandla (bona IMf&V 130:20–21).

  3. Mema Ukuphila imigomo yevangeli kuletha ubufakazi obuyiqiniso (bona uJohane 7:17) futhi kuholela ekuguqukeni okujulile.4 Cishe konke ukusebenzisana kungahambisana nesimemo esilula sokwenza into engabasiza bathuthuke.

  4. Bonisanani. Yini edinga ukwenzeka ukuze baphumelele ekugcineni izibophezelo zabo zokushintsha? Ungasiza kanjani? Ukhona yini umzila wesikhathi obandakanyiwe?

  5. Sekela. Uma kusiza, yakha inethiwekhi yesisekelo sabantu abangasiza loyo muntu ahlale egqugquzekile futhi aphumelele. Sonke sidinga umgqugquzeli.

  6. Landelela. Yabelana ngempumelelo njalo. Hlala ugxile ohlelweni kodwa ulihlunge uma kudingeka. Iba nesineke, uphikelele, futhi ukhuthaze. Ushintsho lungathatha isikhathi.

Isimemo sokwenza okuthile

Cabanga izindlela imizamo yakho yokusiza—emikhulu kanye nemincane—ingasiza abanye bajulise inguquko yabo futhi bafane kakhudlwana nomSindisi.

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  1. uNeil L. Andersen, “A Holier Approach to Ministering” (Brigham Young University devotional, Apr. 10, 2018), 3, speeches.byu.edu

  2. uRussell M. Nelson, “As We Go Forward Together,” Liahona, Apr. 2018, 7.

  3. uHenry B. Eyring, “Daughters in the Covernant,” Liahona, May 2014, 125–28.

  4. uDavid A. Bednar, “Converted unto the Lord,” Liahona, uNov. 2012, -109.

Shicilela