Ngo-2019
Singfakaza Kanjani Ngokuyikho
uMashi 2019


Isithombe
ministering

Imigomo Yokusiza Abanye, Mashi 2019

Singafakaza Kanjani Ngokuyikho

Ukusiza abanye kungukufakaza. Uma sizobasiza abanye ngezindlela ezahlukahlukene lokho kuzokwenza ukuthi abe maningi amathuba okufakaza ngazo zonke izikhathi.

Senze isivumelwano sokuthi “[sime] njengofakazi baNkulunkulu ngazo zonke izikhathi nakuzo zonke izinto, nakuzo zonke izindawo” (Mosiya 18:9). Ukuxoxela abanye ngobufakazi bethu kuyingxenye yokuba ngofakazi futhi kuyindlela enamandla yokumema uMoya oyiNgcwele ukuthi uthinte omunye umuntu ukuze ashintshe impilo yakhe.

“Ubufakazi—ubufakazi bangempela, obuvela kuMoya futhi obuqiniswe nguMoya oNgcwele—buyazishintsha izimpilo,” kwasho uMongameli M. Russell Ballard, obekwe njengoMongameli oyiBambela womGwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili. 1.

Kodwa ukuxoxelana ngobufakazi bethu kungenza abanye bethu besabe noma bengakhululeki kahle. Lokho kwenziwa wukuthi ukuxoxelana ngobufakazi bethu sikubona njengento esiyenza uma sihlangene ebandleni noma uma sifundisa isifundo ebandleni kuphela. Ezindaweni ezinjengalezo sivamise ukusebenzisa amagama athile esingavamile ukuwasebenzisa uma sizixoxela nje nabanye.

Ukuxoxelana ngobufakazi bethu kungaba yisibusiso sansuku zonke ezimpilweni zethu nakwabanye uma siqonda kahle ukuthi kungalula kanjani ukwabelana ngesikukholwayo nsuku zonke. Nakhu okungakusiza ukuze uqale

Kwenze Kube Lula

Ubufakazi asikho isidingo sokuthi ubuqale ngokuthi “Ngifisa ukufakaza”, futhi asikho isidingo sokuthi ugcine ngokuthi, “Egameni likaJesu Kristu, ameni.” Ubufakazi kusho lokho esikukholwayo futhi nesaziyo ukuthi kuyiqiniso. Ngakho-ke uma unomakhelwane wakho ngenhloso yokuzomsiza ngenkinga abhekene nayo futhi uthi, “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uyayiphendula imikhuleko,” lokho kungaba ubufakazi obunamandla njengalobo esibunika ebandleni. Amandla alobo bufakazi awaveli enkulumweni enamagama amaningi, kodwa avela kuMoya oyiNgcwele okunguye oqinisa iqiniso (bona Imfundiso neziVumelwano 100:7–8).

Hambisana Nenkulumo

Uma sithanda ngempela ukufakaza, maningi amathuba akhona ezimpilweni zethu lapho singafakaza khona enkulumweni yansuku zonke. Nazi izibonelo:

  • Ake sithi kukhona obuza ukuthi ibinjani impelasonto yakho. “Ibimnandi impela” sekuphendula wena. “Ukuba sebandleni yikhona ebengikudinga kakhulu.”

  • Ake sithi futhi kukhona ozwelana nawe ngenkinga onayo empilweni yakho: “Ngiyadabuka ukuzwa lokho.” Wena uphendula uthi: “Ngiyabonga ngokungizwela. Ngiyazi ukuthi uNkulnkulu uzoba nami. Selokhu aba nami njalo.”

  • Uma kukhona othi: “Sengathi lesi simo sezulu esibi singasheshe sidlule,” noma “Le bhasi isishiywe yisikhathi,” noma “Buka lezi zimoto zingakanani.” Wena ungaphendula uthi: “Ngiyazi uNkulunkulu kukhona azokwenza ukuze isimo sibe ngcono”

Xoxa Ngokubonile Nokuzwile

Sivamisile ukuxoxelana ngezinkinga zethu. Uma umuntu ekuxoxela ngenkinga abhekene nayo, wena ungamxoxela ngenkathi uNkulunkulu ekusiza uvivinywa futhi ufakaze ngokuthi uyazi ukuthi Yena angamsiza naye. INkosi yathi Iyasiqinisa uma sivivinywa ukuze “nime njengofakazi bami emva kwalokhu, futhi nokuthi nazi ngeqiniso ukuthi, mina iNkosi uNkulunkulu, ngiyabahambela abantu bami ezinkathazweni zabo” (Mosiya 24:14). Singama njengofakazi Bakhe uma sifakaza ngokuthi usisize kanjani ngenkathi sisezinkathazweni zethu.

Hlala Ulungile

Kwabanye bethu, kuyesabeka ukuvele ufakaze uma kuvela ithuba obungalilindele. Zikhona izindlela zokuzilungiselela futhi “[si]hlale [si]balungele ukubaphendula bonke [abasibuza] isizathu sethemba [elikithi]” (1 KaPetru 3:15).

Okokuqala, ukuzilungiselela kusho ukubheka indlela esiphila ngayo. Ngabe siyamema yini uMoya oNgcwele ezimpilweni zethu futhi ngabe siyabuqinisa yini ubufakazi bethu ngokuphila ngokulunga na? Ngabe siyamunika yini ithuba uMoya oNgcwele ukuba akhulume nathi nokuthi asinike amazwi esiwadingayo ngomkhuleko nangokufunda imibhalo engcwele na? Njengoba iNkosi yeluleka uHyrum Smith yathi, “Ungafuni ukushumayela izwi lami, kodwa funa kuqala ukulithola izwi lami, emva kwalokho ulimi lwakho luyoqaqeka” (iMfundiso neziVumelwano 11:21).

Okwesibili, ukuzilungiselela kungasho ukulindela amathuba ongase ube nawo ngalolo suku noma kulelo sonto ukuze utshele othile ngobufakazi bakho. Lawo mathuba ungawalungiselela ngokuthi ucabange ukuthi angakunika kanjani ithuba lokukhuluma ngokholo lwakho.

Hlala Njalo kuMsindisi Nasemfundisweni Yakhe

UMongameli uBallard wasifundisa wathi: “Nakuba ziningi izinto esinobufakazi bazo njengamalungu eBandla, kukhona amaqiniso asemqoka okufanele sihlezi sifundisana ngawo.” Njengezibonelo zalawo maqiniso wathi: “uNkulunkulu unguBaba wethu futhi uJesu unguKristu. Isu leNsindiso ligxile kwiNhlawulo kaMsindisi. UJoseph Smith wabuyisa ivangeli likaJesu Kristu laphakade eliphelele, futhi iNcwadi kaMormoni ikhombisa ukuthi ubufakazi bethu buyiqiniso.” Ngenkathi sikhuluma ngalawo maqiniso esiwezwa ezinhliziyweni, simema uMoya ukuba ufakaze ukuthi lokho esikushilo kuyiqiniso. UMongameli uBallard wagcizelela ukuthi “uMoya angeke uvinjelwa uma kukhona ubufakazi obumsulwa ngoKristu.”2

Isibonelo SikaMsindisi

Ekhathele ngenxa yohambo oludlula eSamariya, uMsindisi wathatha ikhefu ngasemthonjeni wamanzi lapho ahlangana khona nowesifazane. Wakhuluma nowesifazane mayelana nokuthola amanzi emthonjeni. Ngokusebenzisa lomsebenzi wansuku zonke wokukha amanzi emthonjeni owawenziwa ngowesifazane uJesu wafakaza ngamanzi aphilayo nokuphila kwaphakade okutholwa yilabo abakholwa Kuye (bona uJohane 4:13–15, 25–26).

Ubufakazi Obungenamagama Amaningi Bungashintsha Izimpilo

UMongameli uRussell M. Nelson uke wasixoxela ngomhlengikazi owabuza lowo owayengudokotela uNelson umbuzo onzima emva kokusebenza kanzima ehlinza isiguli. “Yini wena ungafani nabanye odokotela?” Kwakukhona abanye odokotela ayebazi lomhlengikazi ababengenaso isineke futhi ababethanda ukukhuluma kabi ngesikhathi benza lomsebenzi onzima.

Udokotela uNelson wayengasho noma yini ukumphendula. Kodwa wavele wathi: “Ngoba ngiyazi ukuthi iNcwadi kaMormoni iyiqiniso.”

Leyo mpendulo yenza lowo mhlengikazi nomyeni wakhe bayifunde iNcwadi kaMormoni. Kamuva uMongameli uNelson wambhabhadisa lowo mhlengikazi. Emva kweminyaka eminingi, esengumongameli wesikhonkwane eTennessee, eMelika, uMongameli uNelson esanda kubekwa njengoMphostoli omusha, waphinde wahlangana nalo mhlengikazi. Wamxoxela ukuthi ukuguquka kwakhe okwenziwa ubufakazi nemfundiso yeNcwadi kaMormoni, kwasiza kakhulu ekutheni kuguquke nabanye abantu abangamashumi ayisishiyagalombili.3

Isimemo Sokwenza Okuthile

Ungakwesabi ukufakaza. Kungababusisa labo obasizayo. Ungalusebenzisa kanjani lolu lwazi ukuze ufakaze kwabanye namhlanje?

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  1. M. Russell Ballard, “Pure Testimony,” Liahona, Nov. 2004, 40.

  2. M. Russell Ballard, “Pure Testimony,” 41.

  3. KuJason Swensen, “Be Ready to Explain Your Testimony Using the Book of Mormon, President Nelson Says,” Church News section of LDS.org, Feb. 6, 2018, news.lds.org.

Shicilela