Ngo-2019
Ukusiza Abanye Kungukubabuka njengoMsindisi
NgoJuni 2019


Isithombe
ministering

Imigomo Yokusizana, uJuni 2019

Ukusiza Abanye Kungukubabuka njengo Msindisi

UJesu wayechitha isikhathi Sakhe esiningi nalabo ababethathwa njengababengafani nabanye; Yena wayekubona ababengaba yikho ngokwasezulwini.

Emizamweni yethu yokusizana, singacelwa ukuthi ke sisize ongafani nathi. Lokhu ke kuyithuba lokuthi sifunde nokuthi sikhule.

Kungalula ukuthi abanye sibahlulele singakabazi ngenxa yamasiko abo, izinga lemfundo, ubuzwe, ubudala, ngokuphathelene ngokuba nemali, abakwenzayo manje nababekwenza phambilini. Lokhu kwahlulela umuntu ungakamazi kungumnyombo wokubandlulula, futhi uMsindisi wasexwayisa ngakho (bheka ku1 Samuweli 16:7 Johane 7:24).

Singakwazi yini ukuthi sibabuke abanye njengoMsindisi nakuba bengafani nathi na? Singafunda kanjani ukuthi sibathande abanye ngenxa yalokho abayikho futhi nangenxa yalokho abangaba yikho ngokwasezulwini na?

Ukubheka Nokuthanda

IBhayibheli lisilandisa ngendaba yensizwa eyayinothile eyabuza ukuthi ingayithola kanjani impilo yaphakade na. “UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: Usaselelwe yinto yinye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba-negugu ezulwini; uze ungilandele.” (Marku 10:21).

Kwathi uma iGosa uMark Palmer wabangama Shumi ayisiKhombisa efunda lombhalo eminyakeni embalwa edlule, ngokuphazima kweso wabona kabusha ingxenye ethile kuwo.

‛UJesu wayesembheka emthanda.’

“Kwathi uma ngizwa lamazwi, ngabona ngokucacileyo engqondweni yami iNkosi yethu ithula kancane iyibheka lensizwa esencane. Wayesembheka––okusho ukumbuka ngokujulileyo, ebona ubuhle bayo lensizwa nalokho eyayingaba yikho, ebona nakudinga kakhulu.

“Okwalandela lokho yilamazwi––UJesu emthanda Wezwa eyithanda futhi eyizwela lensizwa enhle, futhi ngenxa yaloluthando nanga loluthando, uJesu wayicela ukuba yenze okunye futhi. Ngiyacabanga ukuthi kwakunjani ukuthi lensizwa izwe ukuthandwa ngalendlela nakuba yayicelwa ukuthi yenze lokho okwakunzima njengokuthengisa konke eyayinakho ikunike abampofu. …

“[Ngiyazibuza ukuthi] ‘Ngingagcwala kanjani ngothando lukaKristu ukuze [abanye] baluzwe uthando lukaNkulunkulu ngami bese befisa ukushintsha na?’ Ngingaba bheka kanjani [labo enginabo] ngendlela efanayo naleyo iNkosi eyabheka ngayo lensizwa enothileyo, ngibabone njengoba benjalo futhi ngibone nalokho abangaba yikho, kunokuthi ngazise lokho abakwenzayo noma abangakwenzi na? Ngingafana kanjani noMsindisi na?” 1

Ukufunda Ukubona Abanye

Ukubona abanye njengoJesu kuletha izibusiso ezinhle. Nansi imibono engakusiza ukuze ukwazi ukukwenza lokhu.

  • Zifundise Ukubazi
    Yenza umzamo wokubazi abantu hhayi nje kuphela imininingwane yabo ejwayelekile. Yazi ukuthi ukwakha ubudlelwano kuthatha isikhathi nomzamo wangempela. (Bheka imfundiso yango Agasti 2018 evela kwiMigomo Yokusizana enesihloko esithi “Building Meaningful Relatonships” ukuze usizakale)

  • Zihlole Wena
    Ake ubheke ukwahlulela okungenzeka ukuthi uyakwenza noma okwenzayo engqondweni yakho. Naka lokho okucabangayo nje ngabanye futhi uzame ukuthola ukuthi yingani ucabanga kanjalo ngabo.

  • Mana Ngokwahlulela
    Yazi ukuthi ukubaluleka komuntu akuyi ngokwesimo akuso. Zifake ezicathulwenu zabo ucabange ngokuthi wena ungathanda ukuthi abanye bakubone kanjani uma usesimweni esifanayo. Uma singahlukanisa izinto abantu abazenzayo nokubaluleka kwabo uqobo ngokunjalo nalokho abangaba yikho ngokwasezulwini kungasisiza ukuthi sibabone njengo Msindisi.

  • Thandazela ukuthi Ubathande
    Jwayela ukubathandazela ubabize ngamagama abo nawe uthandazele ukuba nesineke sokuba ngumngani weqiniso. Ake Ubheke Ngomthandazo Usizo Obanika Lona. Ngabe sikhona yini isikhala phakathi kwalokho obenzela khona nezidingo zabo ngempela na?

UJesu wayechitha isikhathi esiningi nabantu ababevela emikhakheni eminingi yempilo: abanothileyo, abampofu, ababusi, nabantukazana nje. Wayevamise ukuhlushwa ngokwahlulelwa ngesikhathi abantu bembona nesimo sakhe sobumpofu. “Kuyothi uma simubona, akukho buhle esiyobe sikufuna kuye. … Yayideleliwe, yashiywa ngabantu” (Isaya 53:2–3).

Ukubuka Ngendlela KaKristu

Kukhona udade oxoxa nansi indaba esifundisangokubuka umakhelwane ngendlela kaKristu:

“UJulia (igama lakhe lishintshiwe) wayehlala eduze nami futhi wayengenabangani. Wayehlala njalo ebukeka engaphathekile kahle futhi ecasukile. Nakuba kwakunjalo, ngathatha isinqumo sokuba ngumngani wakhe. Hhayi nje kuphela ukuba ngumngani wesikhashana, kodwa ukuba ngumngani weqiniso. Kwakuthi njalo uma ngimbona ngixoxe naye futhi ngangikhombisa ukunaka ukuthi wayenzani empilweni yakhe. Kancane kancane, ngakha ubudlelwane obuhle bobungani naye, okwangilethela injabulo enhlizyweni yami.

Ngelinye ilanga ngimvakashele uJulia, ngambuza ngesinqumo sakhe sokungayi esontweni.

“Ngathola ukuthi wayengenamndeni nazihlobo ezaziseduze naye. Wayenomfowabo oyedwa owayehlala kude naye, futhi owayemthinta ngocingo kanye ngonyaka. Ngesikhathi ngimlalele engilandisa ngokuba nenhliziyo yokwenyanya, ngolaka lwakhe, nokukhungatheka kwakhe ngokuphathelene nomndeni wakhe neBandla, ngezwa ngiba nokumzwela nothando kakhulu. Ngabuzwa ubuhlungu nokukhungatheka kwakhe. Kwangicacela ukuthi wayenomzwangedwa kangakanani. Kwaba sengathi ngizwa inkulumo emva kwami eyayithi: ‘Ngiyamthanda nami. Mthande futhi umhloniphe.’

“Ngahlala lapho ngimlalele exoxa waze waphelelwa ayezokuxoxa. Ngezwa ngimthanda futhi nginokumzwela. Lodade akakaze akuzwe ukuthi kunjani ukuthandwa. Ngokuphazima kweso ngamqonda ngokujulileyo. Ngabe sengimbonga ngokungivumela ngimvakashele, ngabe sengimanga ngamshiya nothando lwami nokumhlonipha. Akasoze azi ukuthi wayithinta kanjani inhliziyo yami ngalolo suku ngimvakashele. UBaba oseZulwini usengivule amehlo futhi wangifundisa ukuthi ngiyakwazi ukuthanda umakhelwane ngozwelo. Ngizimisele ukuthi ngingabi wumngani wakhe nje kuphela lodade, kodwa futhi ngifane nelunga lomndeni wakhe.”

Kuyinto engcwele ukumenywa ukuba ube yingxenye yempilo yomunye umuntu. Ngomthandazo, ngokubekezela, nangosizo oluvela kuMoya oNgcwele, singafunda ukukwenza lokho ngendlela kaKristu.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. S. Mark Palmer, “Then Jesus Beholdong Him Loved Himi-Liyahona ngoMeyi 2017, 115

Shicilela