Ngo-2019
Ngingakwazi ukusiza umuntu ashintshe na?
Agasti 2019


Isithombe
ministering

Imigomo Yokusizana, ngo-Agasti 2019

Ngingakwazi ukusiza umuntu ashintshena?

Yebo Kodwa eyakho indima ingaba ehlukile kunalena oyicabangile.

Sadalwa sinamandla okushintsha. Kuyinhloso yethu yasemhlabeni ukuba sikhule sifinyelele emandleni okuba sifane noNkulunkulu. Eminye yemigomo yethu ebalulekile yokusizana ukusiza abanye ukuba beze kuKristu benze ushintsho oludingekayo ukuze babuyele kuYe. Kodwa ngenxa yelungelo labo lokuzikhethela, eyethu indima ekubasizeni ukuthi bafane kakhudlwana noKristu incishisiwe.

Nazi izifundo eziyisikhombisa ezinamandla zikaMsindisi ngokuthi singabasiza kanjani abanye ngemizamo yabo yokushintsha ukuze bafane kakhudlwana Naye.

  1. Ungakwesabi ukumema ushintsho.

    UMsindisi wayengakwesabi ukumema abanye ukuba bashiye izindlela zabo zakudala bemukele izimfundiso Zakhe. Wamema uPetru kanye noJakobe ukuba bashiye imisebenzi yabo babe “ngabadobi babantu” (uMarku 1:17). Wamema owesifazane owayebanjwe ephinga wathi “hamba, ungabe usona” (uJohane 8:11). Wamema insizwa eyayinothile ukuba idele ukuthanda izinto zasemhlabeni imlandele (bheka kuMarku 10:17–22). Nathi singaba nesibindi nothando ngesikhathi simema abanye ukuba benze ushintsho balandele uMsindisi.

  2. Khumbula Ukuthi Kuyilungelo Labo Ukushintsha

    Uhlobo loshintsho olufunwa nguMsindisi ngeke lwaphoqelelwa. UMsindisi wayebafundisa futhi ebamema abantu, kodwa akazange abaphoqe. Insizwa eyayinothile “yamuka idabukile” (uMathewu 19:22). Ekapernawume, abaningi babafundi bakhe bakhetha “ukubuyela emuva,” wabe esebuza kwabayishumi nambili ukuthi ngabe nabo bathanda ukumuka na (bheka kuJohane 6:66–67). Abanye babalandeli bakaJohane bakhetha ukulandela uMsindisi, abanye bazange (bheka kuJohane 1:35–37; 10:40–42). Singabamema abanye ukuthi bafane kakhudlwana Naye, kodwa angeke sibenzele isinqumo sokushintsha. Futhi uma bengakaku khethi ukushintsha, akufanele sidikibale—noma sizwe sengathi sesihlulekile.

  3. Khulekela abanye ukuba babe namandla okushintsha.

    Ngesikhathi somkhuleko wokunxusela, uKristu wacela uNkulunkulu ukuba abafundi Bakhe bagcinwe kokubi, bafane kakhudlwana Naye kanye noBaba, nokuthi bagcwale uthando lukaNkulunkulu (bheka kuJohane 17:11, 21–23, 26). Ngokwazi ukuthi uPetru wayezodinga amandla ngemizamo yakhe yokukhula endimeni yakhe, uMsindisi wamkhulekela (bheka kuLuka 22:32). Ukukhulekela abanye kungawenza umehluko (bheka kuJakobe 5:16).

  4. Bafundise ukuthi bathembele emandleni Akhe

    Ushintsho lwangempela singalithola ngoMsindisi kuphela futhi singakwazi ukukhula sifinyelele emandleni okufana noNkulunkulu esinawo sonke. Uyi “ndlela, iqiniso, nokuphila: akekho oza kuBaba, ngaphandle [Kwakhe]” (uJohane 14:6). Amandla akhe angenza “izinto ezibuthakathaka zibe namandla” (uEtere 12:27). Kwakuwukholo emandleni ahlawulayo Akhe olwenza u-Alima oMncane ukuba ashintshe (bheka kuAlima 36:16-23). Singafundisa nabanye ukuthi bathembele kuMsindisi ukuze nabo bathole namandla Akhe ahlanzayo ezimpilweni zabo.

  5. Bemukele Ngesikhathi Beshintsha

    Uthando kanye nokwamukelana kungaba usizo olunamandla loshintsho. Owesifazane owayesemthonjeni wayehlalisana nendoda eyayingesiye umyeni wakhe. Abafundi bakaJesu “bamangala ngokuba ekhuluma nowesifazane” (uJohane 4:27), kodwa uJesu wayekhathalele kakhulu lokho ayengaba yikho. Wamfundisa wase emnika nethuba lokushintsha, lokho wakwenza. (Bheka kuJohane 4:4–42.)

    Uma siphatha abanye ngendlela ekade beyiyona kunokuthi sibaphathe ngendlela abangaba yiyo, singababuyisela emuva. Kunalokho, singaxola futhi sikhohlwe amaphutha akudala. Singakholwa ukuthi abantu bangakwazi ukushintsha. Singabuziba ubuthakathaka babo bese sikhuluma ngezinto ezinhle kubo abangaziboni bona. ”Sinesibopho sokuba sibone abantu ngalokho abangaba yikho kunalokho abayikho manje.”1

  6. Bavumele bathathe isikhathi sabo.

    Ushintsho luthatha isikhathi. Kufanele sonke “siqhubeke nokubekezela [si]phelelisiwe.” (IMfundiso neziVumelwano 67:13). UJesu wayebabekezelela abanye futhi waqhubeka wabafundisa ngisho nalabo ababephikisana Naye, efakaza ngendima Yakhe ayeyinikwe nguYise ephendula nemibuzo yabo (bheka kuMathewu 12:1–13; uJohane 7:28–29). Singabekezelela abanye futhi sibakhuthaze ukuthi bazibekezelele nabo.

  7. Ungapheli amandla uma bebuyela ezindleleni zabo zakudala.

    Emva kokufa kukaKristu, ngisho uPetru kanye nabanye abaPhostoli babuyela kwababekujwayele (bheka kuJohane 21:3). UKristu wamkhumbuza uPetru ukuthi udinga “Ukupha izimvu [Zakhe]” (bheka kuJohane 21:15–17), uPetru wase ebuyela ebufundisini. Kungaba lula ukubuyela ezindleleni zakudala. Thina kufanele siqhubeke nokubasekela ngokubakhuthaza ngobumnene nokubamema ukuthi baqhubeke nokulandela uMsindisi futhi bazame ukufana kakhudlwana Naye.

Bavumele Abanye Ukuthi Bakhule

Igosa uJeffery R. Holland uMphostoli woMgwamanda wabayiShumi naMbili usixoxela nansi indaba emayelana nokuvumela abanye ukuthi bakhule: “Ngake ngatshelwa ngensizwa okwaphela iminyaka iyisihloko senhlekisa esikoleni sayo. Yayinezimo ezithile ezingezinhle, okwakwenza kube lula ukuthi ontanga bayo beyigcone. Kamuva empilweni yayo yahamba. Ekugcineni yajoyina amasosha yaphumelela ekutheni ithole imfundo kanye nokusuka empilweni yayo eseyadlula. Okukhulu kunakho konke, njengabo bonke abasemasosheni benza, yathola ubuhle nobukhulu beBandla futhi yabamba iqhaza khona ngenjabulo .

“Kwathi, emva kweminyaka eminingi, yabuyela edolobheni eyakhulela kulo. Iningi lontanga bayo lase lihambile kodwa hhayi lonke. Kubonakala sengathi, ngesikhathi ibuyela khona isiphumelele futhi isizalwe kabusha, indlela yokucabaga eyayikhona kudala yayisekhona lapho, ilinde yena ukuthi abuye. Kubantu basendaweni eyakhulela kuyo, yayisazifanela nje naloya muntu thizeni wakudala. …

“Kancane kancane imizamo yalensizwa efana nekaPawulu yokushiya lokho kwasemuva bese ibambelela kokuhle uNkulunkulu ayeyibekele kona yaya ngokuncipha yaze yafa iyilokho eyayiyikho iseyintsha. … Kubi kakhulu, futhi kuyadabukisa ukuthi yaphinda futhi yazungezwa … yilabo ababecabanga ukuthi imuva lakhe lalibaluleke kakhulu ukwedlula ikusasa lakhe. Bakwazi ukuyiphuca esandleni lokho uKristu ayeyibambise kona. Yashona idabukile, yize kwakungelona iphutha layo. …

Vumela abantu baphenduke. Vumela abantu bakhule. Kholwa ukuthi abantu bangashintsha futhi benze kangcono.”2

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  1. uThomas S. Monson, “See Others as They May Become,” iLiyahona, Nov. 2012, 70.

  2. uJeffrey R. Holland, “The Best Is Yet to Be,” iLiyahona, Jan. 2010, 19, 20.

Shicilela