Ngo-2019
Indlela uMoya Ongakusiza Ngayo (futhi Uzokusiza) Ukuze Usize Abanye
ngoSepthemba 2019


Imigomo Yokusizana, ngoSepthemba 2019

Indlela uMoya Ongakusiza Ngayo (futhi Uzokusiza) Ukuze Usize Abanye

Isabelo sobuphristi sokusizana, esinikezwe abesilisa nabesifazane, sihambisana nelungelo lokuthola isambulo.

Isithombe
ministering

Imifanekiso itholwe eGetty Images

Ubizo lokusizana kanye nokusebenzelana futhi nokuthandana njengoba uMsindisi enza ngezinye izikhathi kungabonakala kunzima ikakhulukazi uma kubandakanya ukufinyelela kulabo esingabazi kahle. Ngenxa yezindlela eziyinkulungwane zokusizana, siyazibuza ukuthi singazazi kanjani izindlela ezingcono kakhulu zokufinyelela kulabo esabelwe bona.

Akudingeki sizibuze isikhathi eside ngoba imizamo yethu yeqiniso ingaqondiswa nguMoya oNgcwele.

“Isabelo senu sokusizana esingcwele sininika ilungelo elingcwele lokuthola intshisekelo,” kwasho uDade uBonnie H. Cordon, uMongameli wamaNtombazane oneGunya eliKhulu eBandleni Lonke. “Ungayifuna lentshisekelo ngokuqiniseka.”1

Ngenkathi sifuna ukusebenzela abanye njengoba uMsindisi enza, singaholwa uMoya owamhola Naye. Lento iyiqiniso ikakhulukazi uma sisebenzela esabelweni, njengokusizana, okwenziwe ngaphansi kwegunya lwezikhiye zobuphristi zikambhishobhi. Nazi iziphakamiso eziyisithupha zokusizana ngoMoya.

Ngingaba Kanjani noMoya Ngesikhathi Sokusizana na?

  • Cela Ukuholwa. UBaba oseZulwini ufuna sixhumane Naye ngomkhuleko. Umkhulekho awusivumeli nje kuphela ukuthi sisondelane Naye, kodwa futhi usibekela “izibusiso uNkulunkulu asevele ezimisele ukusinikeza zona kodwa zinemibandela yokuthi sizicelele.”2 “Ngesikhathi sikhuleka futhi sifuna ukuqondisisa inzinhliziyo zabo,” kwasho uDadewethu uCordon, “Ngiyafakaza ukuthi uBaba oseZulwini uzosihola futhi noMoya Wakhe uzohamba nathi.”3

  • Ungalindi Okuzokukhuthaza. Zisukumele. “Zibandakanye ngokukhuthala” (IMfundiso neziVumelwano 58:27), uyothola ukuthi imizamo yakho ingaholwa futhi igqanyiswe. “Ukuqhubekela phambili nokusebenzelana kwethu kanye nomsebenzi kuyingxenye ebalulekile yokulungela ukuthola isambulo,” kwasho uMongameli uDallin H. Oaks, uMeluleki wokuQala kubuMongameli bokuQala. “Ekufundeni kwami imibhalo engcwele sengabona ukuthi izambulo eziningi zabantwana baNkulunkulu zitholakala ngesikhathi besendleleni, hhayi uma bezihlalele ezindaweni zabo belinde kuqala iNkosi ukuthi ibatshele ukuthi benzeni.”4

Ngingakubona Kanjani Okungikhuthazayo Ukuthi Ngisize Abanye na?

  • Thatha Iseluleko sikaMormoni. Asidingi ukuhlala sikhathazekile ngokuthi umcabango ubuyintshisekelo noma cha. Hhayi uma sinezindlela ezilula zikaMormoni zokwazi ukuthi: ngokuba yonke into ekumema ukuthi wenze okuhle, futhi ekuvumisa ukuthi ukholwe kuKristu, ngalokho-ke ningazi ngolwazi olupheleleyo ukuthi kungokukaNkulunkulu (bheka ku Moroni 7:16).

  • Ungakhathazeki Ngakho. “Vele ugxumele phakathi emanzini ubhukude,” kwasho iGosa uJeffrey R. Holland womGwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili. “Qonda kulabo abaswele. Ungabambeki ulokhu uzibuza ukuthi kumele ubhukude kanjani. Uma silandela imigomo eyisisekelo esiyifundisiwe, sihlale sisebenza ngokuyalelwa wubuphristi, futhi sifune uMoya oNgcwele ukuthi usihole, angeke sehluleka.”5

Iyiphi Indlela Efanelekile Yokulandela Intshisekelo?

  • Masishane. Udadewethu uSusan Bednar (unkosikazi weGosa uDavid A. Bednar womGwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili) uyisibonelo esihle sokulandela izintshisekelo. Emva kokukhulekela “ukuthi amehlo omoya abone labo abaswele,” ubheka ebandleni futhi kuyenzeka “ezwe umoya umqhweba ukuthi avakashele noma afonele umuntu thizeni,” kwasho iGosa uBednar. “Futhi ngesikhathi udadewethu uBednar ethola imizwa enjena, uphendula ngokushesha futhi uyalalela. Kuyenzeka ukuthi uma beqeda nje ukuthi ‘ameni’ emva komkhuleko wokuvala, uzoxoxa nomuntu osemusha noma ange udade noma, ngokufika ekhaya, masishane nje athathe ucingo lwakhe afone.”6

  • Ngesibindi. Ukwesaba ukwenqatshwa kanye nemizwa yamahloni, ukuzizwa ungenawo amandla, noma ukwesaba ukuba yisicefe kungasivimba ekutheni siyilandele intshisekelo yokusiza. “Ezikhathini nangezindlela ezihlukene, sizizwa singenawo amandla, sinokungabaza, mhlawumbe futhi singafanelekile,” kwasho Igosa uGerrit W. Gong womGwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili. “Kepha emizamweni yethu ethembekile yokuthanda uNkulunkulu futhi yokuthi sisize omakhelwane bethu, singaluzwa uthando lwaNkulunkulu nezintshisekelo ezidingekayo zezimpilo zabo kanye nezethu ngezindlela ezintsha futhi ezingcwele.”7

    Omunye umfowethu wake waxoxa ngokungabaza abanakho ngokuthi asize umyeni wenkosikazi eyayikade izame ukuzibulala. Kodwa ekugcineni wayicela leyondoda ukuba beyodla isidlo sasemini. “Ngenkathi ngithi, ‘Unkosikazi wakho wazama ukuzibulala. Ngiyacabanga lokho kukuqeda amandla. Ngabe ungathanda ukukhuluma ngakho na?’ wehluleka ukuzibamba wakhala,” wase engixoxela. “Saba nengxoxo emnene futhi eyimfihlo sakha ukuzwana nokuthembana okumangalisayo ngemizuzwana nje.”8

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  1. uBonnie H. Cordon, “Becoming a Shepherd,” Liyahona ngoNovemba. 2018, 76.

  2. Bible Dictionary, “Prayer.”

  3. uBonnie H. Cordon, “Becoming a Shepherd,” 76.

  4. uDallin H. Oaks, “In His Own Time, in His Own Way,” Liyahona, ngo-Agasti. 2013, 24.

  5. uJeffrey R. Holland, “The Ministry of Reconciliation,” Liyahona, ngoNovemba. 2018, 77.

  6. uDavid A. Bednar, “Quick to Observe,” Liyahona, ngoDisemba. 2006, 17.

  7. uGerrit W. Gong, “Our Campfire of Faith,” Liyahona, ngoNovemba. 2018, 42.

  8. bheka kuBonnie H. Cordon, “Becoming a Shepherd,” 76.

Shicilela