Ngo-2019
Ngabe Ulahlekelwe Yilengxenye Ebalulekile Yokusizana na?
Ngo-Okthoba 2019


Imigomo Yokusizana, ngo-Okthoba 2019

Ngabe Ulahlekelwe Yilengxenye Ebalulekile Yokusizana na?

Ukusizana “ukuthokoza nalabo abathokozayo” kuphinde kube “ukukhala nabo labo abakhalayo” (AbaseRoma 12:15).

Isithombe
ministering

Umfanekiso wenziwe nguAugusto Zambonato

Uma sicabanga ngokusizana, kulula ukucabanga ngokusiza labo abadinga usizo. Sikhuluma ngokulimela umfelokazi, ukulethela abagulayo ukudla kwasebsuku, noma ukupha labo abadinga usizo. Siyawukhumbula umyalo kaPawulo “wokukhala nalabo abakhalayo,” kodwa siyagxila yini ngokwanele kwingxenye yokuqala yalelivesi- “ukuthokoza nalabo abathokozayo” na? (AbaseRoma 12:15). Ukuthokoza nalabo esibasizayo-noma ngabe kuchaza ukugubha impumelelo noma ukubasiza bathole injabulo ezikhathini ezinzima-kuyingxenye ebalulekile yokusizana ngendlela uMsindisi ayeyokwenza ngayo.

Lawa amasu amathathu angasiza (kanye nelilodwa ongaligwema) ngesikhathi sibheka sigxila kokuhle uNkulunkulu akubeka ezimpilweni zethu.

1. Qaphela

UBonnie H. Cordon, Umongameli Wamantombazane oneGunya eliKhulu eBandleni Lonke, usisiza ukuthi siqonde ukuthi sidinga ukubheka labo esibasizayo-ukuba babone hhayi nje imithwalo yabo kanye nobunzima kodwa babone amandla, amakhono, kanye nempumelelo yabo. Uthe sidinga ukuba “iqhawe kanye nomuntu abangakwazi ukukhuluma naye-umuntu oqaphela izimo zabo futhi abaseke emathembeni nasemaphushweni abo.”1

Emfanekisweni wezimvu kanye nezimbuzi, uMsindisi wathi labo abayotholakala esandleni Sakhe sokudla bayobuza: “Nkosi, kunini lapho esakubona khona ulambile, sakunika ukudla? noma womiwe, sakunika okokuphuza?

“Kunini lapho esakubona khona uyisihambi, sakungenisa?” (Matewu 25:37–38).

Bafowethu nodadebethu, igama elibalulekile elithi ukubona,” kusho Udadewethu uCordon. “Abalungile babona labo abadingayo ngoba babebheka futhi beqaphele. Nathi singaba yiso elibhekayo ngesizathu sokududuza, ukugubha kanye nokuphupha imbala.”2

2. Thola Izizathu Zokugubha

Gubha ukuphumelela okukhulu noma okuncane. Kungaba ukunqoba umdlavuza noma ukunqoba ukuhlukana nomuntu, ukuthola umsebenzi omusha noma ukuthola isicathulo esilahlekile, ukuphila inyanga emumva kokushiywa othandiweyo noma ukuphila isonto ngaphandle kwashukela.

Fona uhalalisele, shiya ikhadi, noma nihambe niyodla isidlo sasemini. Ngokwabelana izibusiso ndawonye, sihlale sinokubonga, futhi sigubha izibusiso kanye nempumelelo yabanye, “sinokuthokoza enjabulweni yabazalwane bethu” (Alima 30:34).

3. Bona Isandla seNkosi

Ngesinye isikhathi ukuthokoza nabanye kusho ukuthi sibasize ukuba babone izizathu zokuthokoza-noma ngabe kukhona buphi ubunzima noma ukujabula ezimpilweni zethu. Iqiniso elilula lokuthi uBaba oseZulwini uyasazi futhi ulindele ukusiphakamisa lingasisiza ukuthi libe umthombo omangalisayo wenjabulo.

Ungasiza abanye babone isandla seNkosi ezimpilweni zabo ngokwabelana ngokuthi ususibone kanjani wena kweyakho impilo. Zibeke esimweni lapho ozokwazi khona ukwabelana ngokuthi uBaba oseZulwini usekusize kanjani ezinkingeni zakho. Lobu bufakazi bungasiza abanye babone futhi bavume ukuthi Usebasize kanjani (bheka uMosiya 24:14).

4. Ungalivimbi Ikhono Lakho Lokuthokoza

Ngeshwa, ngesinye isikhathi singavimba ikhono lethu lokuthokoza nabanye, ikakhulukazi uma sizizwa singenaso isiqiniseko ngalokho esikunikelayo noma ngokuthi sikuphi empilweni. Esikhundleni sokuthola injabulo ekujabuleni komunye, siwela ogibeni lokuziqhathanisa. Futhi njenge Gosa uQuentin L. Cook Womgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili efundisile: “Ukuqhathanisa izibusiso kuqinisekisa ukubalekisa injabulo. Asikwazi ukubonga futhi sibe nomona ngesikhathi esisodwa.”3

“Singawunqoba kanjani lomkhuba ojwayelekile cishe kuwo wonke umuntu?” kubuza iGosa uJeffrey R. Holland Womgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili. “… Singazibala izibusiso zethu eziningi futhi sikwazi ukuhalalisela abanye empumelelweni yabo. Okuhle kakhulu, singasiza abanye, imfundiso enhle kakhulu eyanikezwa inhliziyo.”4 Esikhundleni sokuqhathanisa, singancoma labo esibasizayo. Abelana ngokukhululeka ukuthi yikuphi okuthandayo ngabo noma ngomndeni wabo.

NjengoPawulo esikhumbuza, sonke singamalunga omzimba kaKristu, futhi uma “ilunga elilodwa lihlonishwa, wonke amalunga athokoza nalo” (AbaseKhorinte 1 12:26). Ngosizo lukaBaba oseZulwini, singakwazi ukuqonda izimo zabanye, sigubhe impumelelo enkulu nencane, sibasize ukubona isandla seNkosi, futhi sinqobe umona khona sizokwazi ukuthokoza ngokweqiniso ndawonye ezibusisweni, emakhonweni, kanye nasekujabuleni kwabanye.

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  1. uBonnie H. Cordon, “Becoming a Shepherd,” Liahona ngoNovemba. 2018, 75.

  2. uBonnie H. Cordon, “Becoming a Shepherd,” 75.

  3. uQuentin L. Cook, “Rejoice!” Ensign, ngoNovemba. 1996, 30.

  4. uJeffrey R. Holland, “The Other Prodigal,” Liahona, ngoMeyi 2002, 64.

Shicilela