Ngo-2019
Ukufaneleka Ukungena eThempelini Elingcwele
UMyalezo wobuMongameli bokuQala, ngoNovemba 2019


UMyalezo WobuMongameli BokuQala, ngoNovemba 2019

Ukufaneleka Ukungena eThempelini Elingcwele

Ukufaneleka komuntu ngamunye kudinga ukuthi ingqondo nenhliziyo kuguquke ngokuphelele ukuze kufane nokweNkosi.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, njengoba sifika esiphethweni salomhlangano oqophe umlando, sibonga iNkosi ngemiyalezo ekhuthazayo nomculo osakhile. Ngempela, sithokozele idili lomoya.

Siyazi ukuthi ivangeli likaJesu Kristu elibuyiselwe lizoletha ithemba nentokozo kubantu abazolalela baphinde benake izimfundiso Zakhe. Siyazi futhi ukuthi ikhaya nekhaya lingaba yindlu engcwele yokholo yangempela lapho kuhlala khona ukuthula, uthando noMoya weNkosi.

Kunjalo, ingxenye egqamile ekuBuyiselweni kwevangeli yithempeli elingcwele. Izimiso nezivumelwano zakhona ezingcwele zibalulekile ekulungiseleni abantu abakulungele ukwamukela uMsindisi ngoKuza Kwakhe kwesiBili. Okwamanje sinamathempeli ayi-166 anikelwe enkosini futhi ayeza namanye.

Kuzoba khona ukuvulwa kwethempeli ngaphambi kokuba kunikelwe enkosini ithempeli elisha nelivuselelwe. Abangani abaningi esingakhonzi nabo bazohlanganyela kuhambo lalawo mathempeli baphinde bafunde okuthile ngezibusiso zethempeli. Ezinye zalezo zivakashi zizothinteka zifune ukwazi okunye. Abanye bazobuza ngokweqiniso ukuthi bangenzenjani ukuze bathole izibusiso zethempeli.

Njengamalunga eBandla, kumele silungele ukuphendula imibuzo yabo. Singachaza ukuthi izibusiso zasethempelini zingatholwa yinoma yimuphi umuntu kanye nabantu abazozilungiselela. Kodwa ngaphambi kokuba bangene ethempelini elinikelwe enkosini, kumele befaneleke. INkosi ifuna bonke abantwana Bayo bathole izibusiso zaphakade ezitholakala ethempelini Layo. Ikhombisile ukuthi umuntu nomuntu kumele enze njani ukuze afanaleke ukuba angangena endlini Yakhe engcwele.

Indawo enhle esingaqala kuyo ukusebenzisa lelithuba lokufundisa ukubanakisa lamagama angaphandle kwethempeli: “UbuNgcwele eNkosini: INdlu yeNkosi.” UMyalezo kaMongameli uHenry B. Eyring wanamhlanje nowabanye usigqugquzela ukuba sibe ngcwele. IThempeli nethempeli liyindawo engcwele; umphathi wethempeli ngalinye uzama ukuthi abe ngcwele.

Zonke izidingakalo zokungena ethempelini ziphathelene nobungcwele bomuntu ngamunye. Ukuhlola lokho kulunga, umuntu ofuna ukuthokozela izibusiso zasethempelini uzoba nezingxoxo ezimbili: eyokuqala nombhishophu, ikhansela likabhishophu, noma umongameli wegatsha; eyesibili nomongameli wemishini noma owesikhonkwane noma nekhansela lakhe elilodwa. Kulezo zingxoxo kuyobuzwa imibuzo embalwa.

Eminye yaleyo mbuzo isihlelwe kabusha khona izocaca. Ngingathanda ukuyibuyekeza njengamanje:

  1. Ngabe unalo ukholo nobufakazi ngoNkulunkulu, uBaba waPhakade, iNdodana Yakhe, uJesu Kristu; nangoMoya oNgcwele na?

  2. Ngabe unabo ubufakazi ngeNhlawulo kaJesu Kristu kanye nendima Yakhe njengoMsindisi noMhlengi wakho na?

  3. Ngabe unabo ubufakazi ngokuBuyiselwa kweVangeli likaJesu Kristu na?

  4. Ngabe uyamesekela uMongameli weBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina njengomphrofethi,umboni nomembuli nokuthi uyena yedwa umuntu emhlabeni ovunyelwe ukuthi asebenzise zonke izikhiye zobuphristi na?

    Ngabe uyawesekela amalunga ObuMongameli BokuQala noMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili njengabaphrofethi, ababonayo, nabembulayo na?

    Ngabe uyabasekela abanye abaneGunya eliKhulu eBandleni Lonke nabaholi basendaweni eBandleni na?

  5. INkosi isike yathi zonke izinto “mazenziwe ngobunono” ngaphambi Kwakhe (IMfundiso neziVumelwano 42:41).

    Uyazama ukuba nemicabango nezenzo ezihlanzekile na?

    Uyawuphila umthetho wobumsulwa na?

  6. Uyazilandela izimfundiso zeBandla likaJesu Kristu ekuziphatheni kwakho kwangasese nasemphakathini kumalunga akho omndeni nabanye na?

  7. Uyazeseka noma uyaziphakamisa izimfundiso, izenzo, noma imfundiso okuphambene nalokho kweBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina na?

  8. Uyazama ukugcina usuku lweSabatha lungcwele ekhaya nasenkonzweni; uyayihamba imihlangano; uyasilungiselela uphinde usidle isidlo esingcwele ngokufaneleka; futhi uyayiphila impilo yakho ngendlela ehambiselana nemithetho nemigomo yevangeli na?

  9. Ngabe uyazama ukuba neqiniso kukho konke okwenzayo na?

  10. Uyakukhokha okweshumi ngokuphelele na?

  11. Uyaliqonda uphinde uliphile Izwi Lokuhlanipha na?

  12. Ngabe unazo izibopho ngokwezezimali noma ngokunye kumuntu owawukade ushade naye noma ebantwaneni bakho na?

    Uma uphendule ngoyebo, ngabe uyazifeza lezo zibopho kuze kube yimanje na?

  13. Engabe uyazigcina izivumelwano owazenza ethempelini, okubalwa nokugqoka isambatho sasethempelini ngendlela owawuyalelwe ngayo na?

  14. Ngabe zikhona izono ezinzima empilweni yakho ezidinga ukuxazululwa nabanegunya lobuphristi njengengxenye yokuphenduka kwakho na?

  15. Ngabe uzibona ufanele ukungena endlini yeNkosi nokuthi uhlanganyele ezimisweni zasethempelini na?

Kusasa, lemibuzo yokungena ethempelini ebuyekeziwe izokwabelwa bonke abaholi beBandla emhlabeni wonke.

Ngaphezu kokuphendula lemibuzo ngokweqiniso, kuyaziwa ukuthi wonke umuntu omdala ohamba ithempeli uzogqoka isambatho esingcwele sobuphristi ngaphansi kwezingubo zakhe ezijwayelekile. Lokhu kuwumfanekiso wokuzimisela okungaphakathi ukuba sizame nsuku zonke ukuba njengeNkosi. Futhi kusikhumbuza ukuba sethembeke nsuku zonke kulezi zivumelwano ezenziwa futhi sihambe endleleni yesivumelwano nsuku zonke ngendlela ephakeme nengcwele.

Manje, ngifuna ukukhuluma nentsha okwesikhashana. Siyanigqugquzela ukuba nifanelekele imvume yethempeli le yokwenza izimiso ezibaliwe. Niyobuzwa imibuzo ehambiselana nokulungela kwenu ukwenza izimiso zokubhabhadiselwa nokuqiniselwa abangasekho. Sibonga kakhulu ngokufaneleka kwenu nokuzimisela ukuhlanganyela emsebenzini ongcwele wasethempelini. Siyanibonga!

Ukufaneleka komuntu ngamunye ukuba angene endlini yeNkosi kudinga ukuzilungiselela ngokomphefumulo. Kodwa ngosizo lweNkosi, akukho okungenzeki. Ngezinye izindlela kulula ukwakha ithempeli kunokwakha abantu abalungele ithempeli. Ukufaneleka komuntu ngamunye kudinga inguquko ephelele yomqondo nenhliziyo ukuze afane neNkosi, abe yisakhamuzi esineqiniso, abe yisibonelo esihle, futhi abe ngumuntu ongcwele.

Ngiyafakaza ukuthi lo msebenzi wokuzilungiselela uletha izibusiso eziningi ngendlela engabaleki kulempilo esikuyo nezibusiso esingasoze sazicabanga kulempilo ezayo, kufakwa phakathi ukuqhubezeleka komndeni wakho kwaphakade “esimeni senjabulo engasoze yaphela.”1

Manje ngifuna ukukhuluma ngesinye isihloko: izinhlelo zonyaka ozayo. Ngentwasahlobo yangonyaka ka-2020, kuyobe sekudlule iminyaka enama-200 ngqo selokhu uJoseph Smith wathola lokho thina esikwazi ngoMbono wokuQala. UBaba uNkulunkulu kanye neNdodana Yakhe eThandekayo, uJesu Kristu, baziveza kuJoseph, umfana owayeneminyaka eyi-14. Lesi sehlakalo saba yisiqalo sokuBuyiselwa kwevangeli likaJesu Kristu ngokuphelele, kahle kahle njengoba kwakushiwo eBhayibhelini eliNgcwele.2

Emva kwalokho kwalandela ukuvakashelwa yizithunywa zasezulwini, lokhu kufaka uMoroni, uJohane uMbhabhadisi, nabaPhostoli bokuqala uPetru, uJakobe noJohane. Abanye balandela, lokhu kufaka uMose, u-Eliyasi no-Eliya. Omunye nomunye waletha igunya elingcwele ukuze kubusiseke abantwana baNkulunkulu emhlabeni futhi.

Ngokuyisimangaliso, sithole neNcwadi KaMormoni: Elinye iTestamente likaJesu Kristu umbhalo ohambiselana neBhayibheli Elingcwele. Izambulo ezibhalwe kwiMfundiso neziVumelwano kanye neGugu Lenani Elikhulu nazo sezandise ukuqonda kwethu kakhulu ngemiyalelo kaNkulunkulu namaqiniso aphakade.

Izikhiye nezikhundla zobuphristi zibuyiselwe, lokhu kufaka izikhundla zobuPhostoli, zabangamaShumi ayisiKhombisa, zobuphatriyakhe, zobuphristi obukhulu, zobugosa, zobubhishobhu, zobuphristi, zobufundisi nezobudikoni. Futhi abesimame abathanda iNkosi basiza ngokuzimisela kwiNhlangano yokuSiza yabesiFazane, iNhlangano yaBantwana, kwiNhlangano yamaNtombazane, eSikoleni seSabatha nakwezinye izibizo zaseBandleni—konke lokhu kuyingxenye ebalulekile yokuBuyiselwa kwevangeli likaJesu Kristu ngokuphelele.

Ngakho-ke unyaka ka-2020 uzobekwa njengonyaka wokubungaza iminyaka engama-200. Umhlangano Omkhulu wango-Ephreli ozayo uzobe uhluke kunayo yonke imihlangano eyake yabakhona ngaphambilini. Kulezi zinyanga eziyisithupha ezilandelayo, ngiyethemba ukuthi lonke ilunga nayo yonke imindeni ingalungiselela lo mhlangano ohlukile ozobungaza isisekelo sevangeli elibuyiseliwe.

Ungafisa ukuqala ukuzilungiselela ngokufunda kabusha umbiko woMbono wokuQala kaJoseph Smith njengoba uqoshwe kwiGugu leNani eliKhulu. Ngonyaka ozayo esizobe sikufunda encwadini ethi Wozani, Ngilandeleni yiNcwadi kaMormoni. Ungafisa ukucabanga ngemibuzo ebalulekile njengokuthi, “Impilo yami ingahluka kangakanani na uma ulwazi lwami olusuka kwiNcwadi kaMormoni lungathathwa ngesidumo?” noma “Zenza umehluko ongakanani izehlakalo ezalandela uMbono wokuQala kumina nakubathandiweyo bami na?” Futhi, ngokutholakala kwama vidiyo eNcwadi kaMormoni, ungafisa ukuwafaka ekufundeni kwakho wedwa noma nomndeni.

Zikhethele imibuzo yakho. Zihlelele icebo lakho. Zicwilise ekukhanyeni okukhazimulayo kokuBuyiselwa kwevangeli. Uma wenza njalo, umhlangano omkhulu wango-Ephreli ozayo ngeke ukhumbuleke nje kuphela; awusoze wawukhohlwa.

Ngiphetha, nginishiya nothando lwami nesibusiso sami sokuthi omunye nomunye anganda enjabulweni nasekubeni ngcwele usuku nosuku. Okwamanje, azini ukuthi isambulo siyaqhubeka eBandleni futhi sizoqhubeka ngaphansi kwemiyalo yeNkosi kuze “izinhloso zikaNkulunkulu zifezeke, futhi uJehova Omkhulu uyothi umsebenzi usuwenzekile.”3

Ngiyanibusisa, ngigcizelela uthando enginalo ngani nobufakazi bami ukuthi uNkulunkulu uyaphila! UJesu unguKristu! Leli yiBandla Lakhe futhi singabantu Bakhe. Egameni elingcwele likaJesu Kristu, ameni.

Shicilela