Ngo-2019
Isifundisani Indaba kaKhisimusi Ngokusizana
Ngo-Disemba 2019


Imigomo Yokusizana, ngoDisemba 2019

Lokhu Esikufundiswa Indaba kaKhisimusi ngakho Ukusizana

“Lesi isikhathi esithandwayo onyakeni. Cula imvumelwano; isikhathi sikaKhisimusi siyeza maduzane. Khuluma indaba eyiqiniso ngokuzalwa kukaJesu, ngesikhathi eza emhlabeni eseyingane.” (“The Nativity Song,” Children’s Songbook, 52).

Isithombe
ministering

Imininingwane isuka kuBuka Imvana kaNkulunkulu, ngu Walter Rane

Isikhathi sikaKhisimusi isikhathi esimangalisayo lapho izimvu, abelusi, imikhombe nezinkanyezi zithola ukuchazeleka okusha. Zidlala indima ebalulekile ekuphindeni ukutshela ezinye zezehlakalo ezibalulekile ezake zenzeka emlandweni wabantu: ukuzalwa kukaJesu Kristu. Imindeni eminingi ikhombisa ukuzalwa kuka Jesu emakhaya. Abanye benza isiqiniseko sokuthi bafunde indaba yokuzalwa Kwakhe noma bangenele umncintiswano. Njengazo zonke izindaba zikaKristu, indaba yokuzalwa Kwakhe igcwele izimfundiso esingazi funda ngokusizana, ngokwabelana ngokukhanya Kwakhe ukukhanyisa umhlaba. “Indaba kaKhisimusi indaba yothando,” kwasho uMongameli uHenry B. Eyring, uMeluleki wesiBili kubuMongameli bokuQala.

“… Ezindabeni zokuzalwa kukaKristu, siyabona futhi siyezwa ukuthi Wayengubani nokuthi Ungubani. Lokho kunciphisa umthwalo wethu endleleni. Kuzosiholela ekutheni sizikhohlwe thina siphinde sinciphise imithwalo yabanye ”1

“Sasingekho isikhala sabo kwindlu yezihambi” (ngokukaLuka 2:7)

Umgcini wendlu yezihambi wahluleka ukwakhela uMsindisi isikhala, kodwa asikho isidingo sokuthi thina senze lelophutha! Singamakhela uMsindisi isikhala ezinhliziyweni zethu ngokuthi sakhele abafowethu nodadebethu isikhala ematafuleni ethu, emakhaya ethu nakumasiko ethu. Amasiko amaningi omndeni angaba mnandi aphinde akhumbuleke kakhulu uma sibandakanya nabanye abantu. UDaiana nomndeni wakhe banesiko lokumema umuntu ukuthi achithe isikhathi sikaKhisimusi nabo. Njalo ngoDisemba, bayaxoxa baphinde benze isinqumo sokuthi bangathanda ukumema bani.2 Mhlawumbe umndeni wakho ungaqala usiko olufanayo. Mhlawumbe umuntu omusizayo angathanda ukuhlanganyela nomndeni wakho ekuculeni amaculo eniwathandayo kaKhisimusi ndawonye. Ungakha isikhala kwisidlo sakho sasebsuku sangoKhisimusi somuntu okungenzeka angabi nawo umndeni ngalapho enihlala ngakhona.

Iyiphi indlela engcono yokubungaza uMsindisi kunokulandela isibonelo Sakhe sokubandakanya? Khumbula ukuthi Umema “bonke ukuthi beze kuye futhi bahlanganyele ebuhleni bakhe; futhi akanqabeli namunye oza kuye, omnyama nomhlophe, oboshiwe nokhululekile, owesilisa nowesifazane; futhi iyabakhumbula abahedeni; futhi bonke bayefana kuNkulunkulu, iJuda kanye noweZizwe.” (2 Nefi 26:33). Enza isikhala uphinde wenze ukuzibandakanya.

“Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinde umhlambi wabo ebusuku” (NgokukaLuka 2:8)

Kubukeka kufanele ukuthi abelusi bangaba abokuqala ukuthi babingelele uMsindisi osengumntwana. Abaphrofethi bakudala babebiza uJesu Kristu ngo “Melusi ka-Israyeli” (Amahubo 80:1) nango “Melusi ngaphezu komhlaba wonke” (1 Nefi 13:41). UKristu uqobo Lwakhe wathi, “Mina ngingumelusi olungileyo, futhi ngiyazazi izimvu zami” (NgokukaJohane 10:14). Ukwazi izimvu zethu nokuziqaphela kuyingxenye ebalulekile ekweluseni nasekusizeni njengoba uMsindisi wayenza.

Nokukhanyisa okukhazimulayo nemihlobiso, kuningi okubukwayo ngesikhathi sikaKhisimusi. Kodwa mhlawumbe ubuhle obukhulu kulesi sikhathi butholakala uma sikhumbula ukugxila kulaba esibasizayo siphinde siqaphele imihlambi yethu. Ukuqaphela kungaba ukunaka isibiliboco somuntu esiyintandokazi noma ukubuza ngezinhlelo zabo zamaholidi. Siyaqaphela uma sibona futhi sihlangabezane nezidingo zabanye - okusobala nalokhu okungekho obala.

Ngesikhathi uCheryl elahlekelwa umyeni wakhe ngokushesha, uMick, wadumala. Ngokusondela kwaKhisimusi wakhe wokuqala ngaphandle kwakhe, wandelwa umzwangedwa. Kuyabongeka ukuthi udadewabo omsizayo uShauna wayekhona. UShauna nomyeni wakhe, uJim bamema uCheryl kumaholidi okuzikhipha amaningi. Banaka ibhantshi likaCheryl eligugile banquma ukwenza okuthile ngalokho. Izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuthi kube uKhisimusi, uShauna kanye noJim balethela uCheryl isipho sikaKhisimusi: ibhantshi elihle elisha. Babazi ngezidingo zikaCheryl zomzimba zokuthi athole ibhantshi elifudumele kodwa futhi nezidingo zomphefumulo zenduduzo nokuhlalisana. Bakhuphukela ukufeza lezozidingo ngendlela enhle ababengenza ngayo futhi babeka isibonelo esihle sokuthi nathi singakwazi kanjani ukuqaphela imihlambi yethu.3

“Abelusi bakhuluma bodwa, bathi: “Asihambe manje, size sifike eBetlehema” (NgokukaLuka 2:15)

“Asambeni manje” isimemo esijabulisayo! Abelusi abazange baqagele ukuthi abangani babo babezobe bekhathele kakhulu ukuthi bathathe loluhambo olude. Abahambanga bodwa ngokuthula beya eBetlehema. Baphenduka ngentokozo babhekana base bethi, ”Asambeni manje!”

Noma singekwazi ukumema abangani bethu ukuthi babone uMsindisi oyingane, singabamema ukuthi bawuzwe umoya waKhisimusi (noma umoya kaKristu) ngokuthi basize nathi. “Indlela yokwandisa umoya waKhisimusi ukuthi sifinyelele kulabo abaseduze sinikele ngoqobo lwethu,” kwasho uBonnie L. Oscarson, uMongameli ophambili weGunya eliKhulu lamaNtombazane.4 Cabanga engathi ubambe ikhandlela. Abanye bayabona impela futhi bayazuza ngokukhanya kwekhandlela lakho, kodwa cabanga imfudumalo abangazizwela yona uma usebenzisa ikhandlela lakho ukuthi ukhanyise awabo futhi ubavumele ukuthi bazibambele bona ukukhanya.

UKristu uqobo Lakhe wafundisa ukuthi laboabalandela Yena bazokuba nokukhanya kokuphila ( bona NgokukaJohane 8:12). Ukusebenzela abanye njengoba Naye enza enye indlela esingamulandela ngayo siphinde sijabulele ukukhanya okuthenjisiwe. Abela abanye ukukhanya ngokubamema ukuthi basize nawe! Ungasiza kanjani kanye nalaba obasizayo ukuthi nisize abanye ndawonye na? Ndawonye ningapheka ukudla kwakho okuyintandokazi noma nimangaze umuntu ngesipho esincane noma incwajana. Nobabili ningezwa ukukhanya okuqhamuka ekulandeleni isibonelo sikaKristu sokusiza.

“Sebebonile balanda ngalelozwi ababetshelwe lona ngalowomntwana” (NgokukaLuka 2:17)

Kulula ukucabanga intokozo yabelusi ngesikhathi bexoxa izindaba ezimangalisayo ngokuzalwa kukaKristu nabo bonke abantu ababengabathola. Owamenyezelwa izingelosi, uMesiya owaphrofethwa wayesefikile! Wayesela! Empeleni, ukwabelana ngezindaba ezimnandi zoMsindisi indikimba enkulu yendaba yokuzalwa kukaJesu. Izingelosi zacula. Inkanyezi yakhomba indlela. Abelusi baphinde benza kwaziwe ngaphesheya.

Singahlanganisa amazwi ethu endabeni yaKhisimusi ngokuthi sabele izindaba ezimnandi nokuthi sifakaze ngoMsindisi. “Njengoba unelungelo lokumela uMsindisi kwimizamo yakho yokusiza, zibuze, ‘Ngingabela kanjani ngokukhanya kwevangeli nalomuntu noma nalomndeni?’” kufundisa uDadewethu uJean B. Bingham, uMongameli Jikelele weNhlangano yokuSiza yaBesifazane. “uMoya ungikhuthaza ukuthi ngenzeni na?”5

Nayi imibono embalwa ongayicabanga ngesikhathi usafuna ukwazi ukuthi ungabelana kanjani ngobufakazi bakho ngoMsindisi nangevangeli Lakhe:

  • Thola umbhalo ongcwele obonisa imizwa yakho ngoMsindisi noma ochaza ukuthi kungani unokubonga kuYena. Abela labo obasizayo.

  • Thumela umqhafazo noma umlayezo kwizinkundla zokuxhumana ohambiselana nevidiyo kaKhisimusi. Kukhona amangazayo ku ChurchofJesusChrist.org!

  • Xoxela umngani ngento oyikhumbulayo ekhethekile noma usiko elikhethekile elikukhumbuza uKristu.

Ibanethemba ukuthi uMoya oyiNgcwele uzofakaza ngeqiniso lobufakazi bakho njengoba Wafakaza kuSimeon beno-Anna ukuthi uJesu oyingane wayenguMsindisi (bheka NgokukaLuka 2:26).

“Ukuhlonipha ukufika [kukaJesu Kristu] emhlabeni, kumele senze njengoba Enza futhi sifinyelele ngobubele nesihe kulaba esiphilisana nabo,” kwasho iGosa uDieter F. Uchtdorf oyilunga loMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili. “Lokhu singakwenza nsuku zonke, ngamazwi nangezenzo. Lokhu akube usiko lethu likaKhisimusi, noma sikuphi-sibe nomusa, sixolele, sinciphise ukwehlulela, sibe nokubonga futhi sinikele ngokukhululeka kulabo abahlwempu.”6

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  1. uHenry B. Eyring, “Christmas Stories” (inkulumo kaKhisimusi yobuMongameli bokuQala, 6 Disemba, 2009), broadcasts.ChurchofJesusChrist.org.

  2. Bona uDaiana Melina Albornoz Diaz, “Sharing Christmas,” Liahona, Disemba 2007, 17.

  3. Bona uCheryl Boyle, “He Would Have Bought It for You,” Ensign Disemba 2001, 57.

  4. uBonnie L. Oscarson, “Christmas Is Christlike Love” (inkulumo ka Khisimusi yobuMongameli bokuQala, ngo 7 Disemba, 2014), broadcasts.ChurchofJesusChrist.org

  5. uJean B. Bingham, “Ministering as the Savior Does,” Liahona, Meyi 2018, 104.

  6. uDieter F. Utchdorf, “Scatter Your Crumbs”(inkulumo kaKhisimusi yobuMongameli bokuQala, 3 Disemba, 2017), broadcasts.ChurchofJesusChrist.org.

Shicilela