Ngo-2020
UkuQoqa u-Israyeli ngokuSizana
Januwari 2020


Isithombe
ministering

Imigomo Yokusizana, Januwari 2020

UkuQoqa u-Israyeli ngokuSizana

Ukusizana kuyithuba lokulandela isiyalo somphrofethi ukuthi kuqoqwe u-Israyeli.

UMongameli uRussell M. Nelson usimeme ukuba selekelele kuqoqwe u-Israyeli—”okuyiyona into ebaluleke kakhulu eyenzeka emhlabeni kulesi sikhathi esiphila kuso.”1

Kulabo abathanda ukuba yingxenye yalomsebenzi wokuqoqwa kuka-Israyeli, ukusizana kungaba yithuba elihle kakhulu lokukwenza lokho. Kuyindlela eyalwe nguMoya oNgcwele ukuze kushintshwe izimpilo zabantu. Ukusizana kusinika amathuba okuba siqoqe u-Israyeli, noma ngabe sisebenzela labo abangasezi enkonzweni noma ngabe sibamema ukuba babe mdibi munye nathi ngesikhathi sisiza labo abangesibo abokholo lwethu.

Ukuhlenga Amalungu Abuyayo

“Uma esikwenzayo sikwenza ngothando, sizobona izimangaliso, futhi sizothola izindlela zokubabuyisa ‘abalahlekileyo’ ukuba babe nathi evangelini likaJesu Kristu elisihlanganisa sonke.” —kusho uJean B. Bingham2

“Kwase kuphele iminyaka eyisithupha ngingasezi enkonzweni ngenkathi mina nomyeni wami sithuthela endaweni entsha. Umongameli wethu omusha weNhlangano Yokusiza YabesiFazane wangihambela, efuna ukwazi ukuthi wayengamthumela yini omunye wodade ukuba angihambele na. Ngavuma kodwa nginokwesaba. Lodade wangihambela nyanga zonke, nakuba wayengezwani nezinja—kanti ke mina eyami inja ibathanda kabi abantu! Waqhubeka nokungisiza iminyaka emibili, futhi lokho kwaba nomthelela omkhulu kimi.

“Nakuba wayengihambela ngoba ayenza ubungani nje, kwakuba khona izikhathi lapho ayengibuza khona imibuzo eyayiholela ekutheni sikhulume ngezinto zomoya. Lemibuzo yayingangikhululi neze, kodwa yangifaka ugqozi lokuthi ngithathe isinqumo mayelana nokuthi ngiqhubeke yini nokubambelela evangelini noma ngihlale lapho engangivele ngikhona. Ukuthatha lesi sinqumo kwaba nzima, kodwa ngakhetha ukuba ngibe mdibi munye nabefundisikazi emsebenzini wabo wokuhambela abantu.

“Kwathi ngosuku mhla ngiya enkonzweni yesidlo seNkosi okokuqala eminyakeni eyisithupha, ngesaba ukungena ngaphakathi. Kwathi uma ngingena emagcekeni endlu yokukhonza, udade owayengisiza wayengilindele, futhi wangena nami ngaphakathi enkonzweni. Emva kwenkonzo, wangiphelezela sengiya emotweni yami, efuna nokwazi ukuthi wayengangisiza kanjani emizamweni yami yokusondelana noMsindisi.

“Isikhathi nothando lukalo dade owayengisiza yikho okwangenza ngibuyele enkonzweni, futhi imizamo yakhe ngiyazisa njengesipho esikhulu angiphe sona. Nginokubonga ukuthi wayenami eduze kwami ngibuyela emuva eBandleni likaMsindisi.”

Igama lakhe ligodliwe, ungowase British Columbia, eCanada

Nazi Izimfundiso Ongacabanga Ngazo

“Wangihambela nyanga zonke”

Ungakukhombisa kanjani ukuthi ubakhathalele labo obasizayo kunazo zonke ezinye izinto na? (Bheka iMfundiso neziVumelwano 121:44).

“Imibuzo”

Ukubuza imibuzo efanele kungamsiza umuntu ukuba ake azihlole yena. Khumbula ukuthi uma sisizana akusiyo inhloso ukwenza ubungani nje kuphela.3

“Wayengilindele”

Wonke umuntu kufanele azizwe emukelekile (bheka ku 3 Nefi 18:32).

“Wayenami eduze kwami ngibuyela emuva”

Ukwelekelela kungenza umehluko omkhulu kakhulu kulabo abakhubekile ukuba babuyele kuMsindisi bathole ukwelapheka (bheka kumaHeberu 12:12–13).

Ukusebenzela Nokuqoqa

“Ngaleyo ndlela othanda ngayo yabelana nabanye ngokuthi yingani uJesu Kristu neBandla Lakhe kubalulekile kuwe na.

“Okufanele ukwenze wukwabelana nabanye ngokusenhliziyweni yakho futhi uphile ngokuhambisana nenkolo yakho.” —kusho iGosa uDieter F. Uchtdorf4

Ukusizana nokwabelana ngevangeli kuyahambisana. Nazi izindlela zokuqoqa abangani nomakhelwane bethu ngenkathi sisebenzela abanye—noma zokusebenzela abanye ngenkathi siqoqa abangani nomakhelwane bethu

  • Sebenzani ngokuhlanganyela. Funa amathuba okumema abangani noma omakhelwane bahlanganyele nawe ngesikhathi usebenzela abanye. Bacele bakwelekelele wenzele umama osanda kuthola umntwana ukudla, uhambele umakhelwane wakho osemdala, noma uhlanze ikhaya logulayo.

  • Fundisani ngokuhlanganyela. Cabanga ngokumema umngani noma umakhelwane wakho ongezi njalo enkonzweni ukuba kuhlanganelwe kwakhe ngesikhathi abefundisi befundisa othile izifundo. Noma umngani wakho angekwelekelela ngesikhathi kwenziwa isifundo kwakho noma ahambe nawe ukuya esifundweni esenzelwa emzini womunye.

  • Nika usizo uma ubona omunye enesidingo. Yenza izinhlelo zokuhambisa othile ngemoto enkonzweni. Mema abantwana ukuba beze ezintweni ezenziwa ngozakwabo enkonzweni. Ngabe yiziphi ezinye izindlela ongasiza futhi ubaqoqe ngazo abanye na?

  • Sebenzisa amasu eBandla okwenza izinto. IBandla linamasu amaningi angasetshenziswa ngamalunga alo ukuba abelane ngevangeli. Okunye ongakwenza wukubheka isihloko esithi “Abefundisi” kwi-app yeNhlanganisela Yolwazi LweVangeli futhi ungavakashela ku ComeUntoChrist.org ukuze uthole amanye amasu ongawasebenzisa ukuqoqa u-Israyeli maduze nawe.

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  1. Russell M. Nelson, “Hope of Israel” (worldwide youth devotional, ngoJuni 3, 2018), HopeOfIsrael.ChurchofJesusChrist.org

  2. UJean B. Bingham, “Ukusebenzelana njengoMsindisi,” Liyahona, ngoMeyi 2018, 106.

  3. Bheka “Imigomo Yokusizana: Inhloso Ezoshintsha Indlela Esisebenzelana Ngayo,” ngoJanuwari 2019.

  4. Dieter F. Uchtdorf, “Missionary Work: Sharing What Is in Your Heart” Liyahona, ngoMeyi 2019, 17.

Shicilela