Ngo-2020
Ukusizana Ngomlando Womndeni
Februwari 2020


Imigomo Yokusizana, Februwari 2020

Ukusizana Ngomlando Womndeni

Isithombe
ministering

Isithombe senziwe nguJoshua Dennis; isithombe esingemumva nesithombe sitholakale kuGetty Images.

Ukusiza omunye ngomlando wondeni wakhe kuyindlela enhle kakhulu yokusizana. Ngesikhathi uxhamanisa abanye nokhokho babo ngezindaba zemindeni yabo, ugcina usuvala izikhala ezisezinhlizweni zabo nabo ngesinye isikhathi ebebengazi ukuthi zikhona (bheka uMalaki 4:5–6).

Noma ngabe umuntu osebe yilungu leBandla impilo yakhe yonke noma umuntu ongakaze ezwe ngevangeli likaJesu Kristu elibuyiselwe, bonke abantwana baNkulunkulu banesifiso sokwazi ngokuthi baphumaphi.

Kuvamise ukungathathi isikhathi eside ukuba nomthelela ojulile nohlalayo, njengoba sizobona kulezi zindaba ezilandelayo.

Ukuthola Umndeni Phezulu Emoyeni

Ezinsukwini nje ngisendizeni ebuyela ekhaya, ngazithola ngiseceleni kuka Steve, owayengilandisa kafushane ngendaba yakhe. Wayephothule izifundo zakhe esikoleni, wangena emButhweni weziMpi waseMelika njengochwepheshe kwezokuxhumana eniminyaka eyishumi nesishiyagalombili ubudala, maduze nje wase eqala ukusebenzela iNdlu eMhlophe, elekelela uMongameli waseMelika ngezokuxhumana. Wayesebenzela oMongameli baseMelika ababili kusuka ngesikhathi eseneminyaka eyishumi nesishiyagalombili waze waba neminyaka engamashumi amabili nesithupha ubudala. Izindaba zakhe zaziheha!

Ngathi kuye, “Steve, kufanele lezi zindaba uzibhalele isizukulwane sakho! Kufanele bazithole lezi zindaba ziphuma kuwe uqobo ngendlela wena ozazi ngayo.” Wavuma.

Ngase ngizwa uMoya oNgcwele ungikhuthaza ukuba ngimbuze ukuthi ngabe yini ayaziyo ngokhokho bakhe na? USteve kuningi ayekwazi ngasohlangothini luka nina, wangilandisa nangendaba lapho umndeni wakhe wadla isidlo sasebusuku no-Abraham Lincoln ngenkathi ekhankasela ukukhethwa njengomongameli emaphandleni ngonyaka ka-1860.

Kepha, kuncane ayekwazi ngasohlangothini lukayise. Wayefisa ngempela ukwazi okunye. Ngakhipha umakhelekhukhwini wami ngavula i-app yeFamilySearch. “Steve, singawuthola umndeni wakho njengamanje!”

Ngaxhuma umakhalekhukhwini wami kwi-Wi-Fi esebhanoyini. Ngabeka umakhelekhukhwini wami etafuleni lokudlela elaliphambi kwami ukuze sikwazi ukubona sobabili. Sacinga ku-FamilyTree. Ngemizuzwana nje sobabili sase sigqolozele isitifiketi somshado sokhokho bakhe.

Wathi, “Yibo labo!” “Ngiyasikhumbula isibongo sakhe manje!”

Kwaba khona umoya wenjabulo kithi sobabili. Sasebenza imizuzu engamashumi amane nanhlanu sibhala imininigwane yokhokho bakhe ayengabazi kahle. Wacela ngimthembise ukuthi sasizoqhubeka sicinge ndawonye eColorado. Sanikezana imininingwane ukuze sithintane ngesikhathi ibhanoyi selihlala.

Nakhu, siyandiza phezulu emoyeni, esandleni sami ngiphethe intwana encane elingana nesandla, sicinga indoda nomfazi ababeshade eminyakeni eyikhulu eyadlula umndeni kaSteve naye ababengabazi. Akukholakali! Kepha sabathola. Imindeni yahlanganiswa. Izindaba sakhunjulwa. Saba nokubonga ngezinto zesimanje ezaba nosizo kakhulu. Kwakuyisimangaliso uqobo.

uJonathan Petty, eColorado, eMelika

Ezungezwe Wumndeni Omusha

UMaria wayesengasezi enkonzweni iminyaka engaphezulu kwamashumi amabili. Eminyakeni embalwa edlule, sachitha amahora ambalwa naye emzini wethu, sicinga umndeni wakhe ngemininingwane yokubalwa kwabantu namanye amarekhodi. Kukhona lapho wavele wakhala khona wathi, “Ngifunde okuningi ngomndeni wami kulamahora amabili kunalokho ebengikwazi impilo yami yonke!”

Sekuphela isikhathi sethu naye, samkhombisa ingxenye yeFamilyTree app okuthiwa yiRelatives Around Me. Kwatholakala ukuthi umyeni wami kanye nami sasihlobene kude noMaria. Wakhala futhi, ethi ubecabanga ukuthi akanazihlobo. Wayengazi ukuthi unomndeni kulendawo. Emavikini ambalwa alandela uMaria wahlangana nomBhishobhi wethu. Manje ulungiselela ukuya ethempelini, futhi usethole abazala “abasha” abaningi ewadini lethu.

uColin Riner Everett, eNorth Carolina, eMelika

Isu Lokusizana

U-Ashley, udade engimsizayo, kanye nami sinezincwadi zokupheka ezivela kogogo bethu. Eyakhe ivela kukhokho wakhe, eyami ngayihlanganisa ngesikhathi ngithola ibhokisi lamasu okupheka likagogo uGreenwood emva kokuhamba kwakhe emhlabeni.

U-Ashley nami sakhetha isu lokupheka ezincwadini zethu zokupheka sase sihlangana ngobunye ubusuku emva komsebenzi ukuba sipheke ndawonye. Yena wakhetha isu lokupheka idizethi, ngakho-ke saqala ngayo sase siyifaka kuhhavini. Ngakhetha okokugcobhoza amachips—okwakudliwa njalo emicimbini yakwaGreenwood. Indodakazi ka-Ashley u-Alice yasisiza ngokuthi isizwele ukudla. Kwathi, ngoba u-Ashley engafuni abantwana bakhe bayidle yonke idizethi, wanikeza abanye odade abasizayo.

Engakuthanda kakhulu ngobusuku bethu bokupheka ndawonye wukuthi ngesikhathi sipheka futhi sibhaka, sasikhuluma ngazo zonke izihloko ezijwayelekile eziphathelene nokusizana—ubunzima abhekene nabo nami ngokunjalo. Kodwa futhi saxoxa nango gogo nomama bethu, okwasiphatha kahle sobabili.

uJenifer Greenwood, eUtah, eMelika

Izindlela Ezithile Zokusiza

Umlando womndeni ungavula iminyango yamathuba okusizana ngenkathi kubonakala sengathi akukho okungakwenza lokhu. Nanka amasu ambalwa ongawazama.

  • Basize beqophe izindaba zomlando womndeni futhi bezifake kwi-Intanethi, ikakhulukazi lezo ezihambisana nezithombe.

  • Yenza ishadi noma okunye komlando womndeni ongakwazi ukukugaya ukuze kufundwe futhi ongakwazi ukukwenza isipho.

  • Bafundisa ngezindlela abangagcina ngazo umlando wabo ngokugcina incwajana yezigigaba ngendlela abayijabulelayo. Incwajana yezigigaba elalelwayo? Incwajana yezigigaba enezithombe? Ama-video? Kuningi abangakhetha kukho uma bengakuncameli ukubhala ngendlela ejwayelekile.

  • Hambani niye ethempelini ndawonye ukuze nenzele abangasekho izimiso. Noma ungazinikela ukuba wenzele okhokho babo uma benamagama amaningi emndenini wabo.

  • Hlanganani ndawonye nabelane ngamasiko omdeni.

  • Fundani ndawonye esifundweni somlando womndeni.

Shicilela