Ngo-2020
Ukusizana ngokuSiza eThempelini
ngoMashi 2020


Imigomo Yokusizana, ngoMashi 2020

UKUSIZANA NGOKUSIZA ETHEMPELINI

Uma silekelela abanye ukuba nabo bathokozele izibusiso zethempeli, siyasiza.

Isithombe
ministering

Isithombe esingemumva sitholakale kwaGetty images; isithombe seThempeli lase Tegucigalpa eHonduras.

Kunembuyiselo ukwenza umzamo wokuya ethempelini. UMongameli uRussell M. Nelson wasifundisa wathi “ithempeli libaluleke kakhulu ngokuphathelene nensindiso nokuphakanyiswa kwethu ngokunjalo nokwemindeni yethu. …

“Umuntu ngamunye udinga ukuqiniswa nokufundiswa njalo ngokomoya okutholakala kuphela endlini yeNkosi.”1

Ukuya ethempelini kudinga sisebenzise kahle isikhathi sethu, sibhekane nemithwalo yethu, siphathe kahle konke okungasisiza, futhi kudinga sikulungele ngokomoya. Sisuke sisiza uma sikwazi ukuthola lezo zinto ezivimbela abafowethu nodadewethu ukuba bakwazi ukuya ethempelini nokubalekelela bathole izixazululo zalezo zinkinga.

Ithempeli Liyisibusiso Esingathokozelwa Yinoma Ubani

Owesifazane osanda kubuya emsebenzini wobufundisi, uMeg, wabona intombazane ihleli yodwa ngaphandle ebhentshini ngesikhathi eya ngasemnyango weThempeli laseKona eHawaii. UMeg kwakuthi akayixoxise le ntombazane, kodwa wayengazi ukuthi wayengathini kuyo. Wabe eseyibuza ngombhalo awubona eqakaleni layo. Lokho kwenza baqale ingxoxo lapho leyo ntombazane, uLani, yamxoxela khona ngendaba yayo.

ULani waxoxela uMeg ngomzabalazo wakhe wokubuyela eBandleni ngokuphelele, ngamalungu eBandla ayemsiza, nangethemba ayenalo lokuthi ngelinye ilanga yena nomntwana wakhe wentombazane babezoboshwa ndawonye ethempelini.

UMeg wabe esemema uLani ukuba azohlala naye egunjini lapho kulindwa khona ethempelini. Okwamanje babengeke bekwazi ukuqhubekela phakathi ethempelini, kodwa babezokwazi ukudlula emnyango. Wavuma-ke uLani, babe sebengena kanye-kanye ngeminyango emikhulu yethempeli. Owayesebenza kulelo thempeli wabakhombisa ibhentshi lapho babengahlala khona elalingaphansi komfanekiso kaMsindisi.

Ngesikhathi besahleli ndawonye, uLani wahlebela uMeg ethi, “Bengifuna kanjani ukuza ethempelini namhlanje, kodwa bengethuka izanya.” Ngenxa yokuthi uMeg walandela uMoya oNgcwele, wakwazi ukusiza uLani ukuba kuphendulwe umkhuleko wakhe awusho ngaphakathi.

Amasu Okusiza Labo Abangenayo Imvume Yokungena Ethempelini

Ngisho nalabo abangakabi nayo imvume yokungena ethempelini bangazithola izibusiso zethempeli.

  • Baxoxele ngokuthi iNkosi isikubusise kanjani wena ngokwenza imisebenzi yasethempelini.

  • Mema umuntu ukuba abe khona mhla kuvulwa ithempeli noma lapho kufika khona izivakashi ethempelini. Ungathola ngezinye izinhlelo ezikhona zokuvulwa kwamathempeli ku temples.ChurchofJesusChrist.org.

  • Ungabuka nezithombe zamathempeli futhi ufunde kabanzi ngethempeli ku temples.ChurchofJesusChrist.org.

Yenza Kube Lula Ukuba Nabanye Bakwazi Ukuya Ethempelini

Ngisho nakulabo abanemvume yokungena ethempelini, kungaba yinselelo ukuya khona. Abanye kungadingeka bahambe ibanga elide. Abanye bangaba nenkinga yokubheka abantwana abasebancane noma amalungu omndeni asemadala asedinga ukunakekelwa ngandlela thile. Singasebenzisana ukuze sisize nabanye ukuba bakwazi ukubamba iqhaza emisebenzini yethempeli.

ULeola Chandler wayezizwa ephela amandla ngenxa yomthwalo ayebhekene nawo wokunakekela umyeni wakhe owayegula kanye nabantwana babo abane. Ngenxa yalokho wenza isinqumo sokuba abe nesikhathi njalo ngoLwesibili ukuba aye ethempelini elaliseduze naye. Laba umthombo wokuthula namandla empilweni yakhe.

Ngelinye ilanga wezwa ukuthi kwakukhona odade abase bekhulile ewadini lakhe ababefisa kabi ukuya ethempelini, kodwa benenkinga yento yokuhamba. ULeola wabe esezinikela ngokuba abahambise. Eminyakeni engamashumi amane eyalandela, kwakungavamisile ukuba aye ethempelini eyedwa.2

ULeola wabusiseka, futhi naye wabusisa nabanye ngesikhathi ezinikela ekutheni ahambe nabo ukuya ethempelini.

Amasu Okusiza Abanye Ukuba Bakwazi Ukuya Ethempelini

Ungabasiza kanjani abanye ukuze nabo bakwazi ukuya njalo ethempelini na? Uzothola ukuthi leyo micabango onayo ingakusiza nawe.

  • Hambani ndawonye. Zinikele ukuba uhambise noma uhlelele omunye ukuba athole into yokuhamba. Ngokwenza njalo kungamkhuthaza nomunye ukuba naye athande ukuya ethempelini.

  • Cela amalungu omndeni wakho noma labo okhonza nabo ukuba bakusize wenzele okhokho bakho izimiso ethempelini, ikakhulukazi uma unamagama omndeni wakho amaningi alabo asebelungele ukwenzelwa izimiso.

  • Zinikele ngokuthi ubheke abantwana ukuze abazali bakwazi ukuya ethempelini. Noma wenze uhlelo nomunye lokuthi nishintshane ngokubhekelana abantwana.

Uma Ithempeli Likude

UChandradas “Roshan” noSheron Antony baseColombo, eSri Lanka, bathatha isinqumo sokuba baboshwe njengomakoti nomkhwenyana ethempelini. Abangani babo u-Ann no-Anton Kumarasamy babebajabulele kakhulu. Kodwa babazi ukuthi ukufika ethempelini laseManila ePhiliphines kwakungelula futhi kwakungashibhile.

URoshan noSheron babeyibekile imali yabo futhi babhukha indiza kusasele izinyanga ngaphambi kohambo lwabo ukuze bakwazi ukuthola indiza ababengakwazi ukuyikhokhela. Ekugcineni lwafika usuku. Kodwa, ngesikhathi besagobe amadlangala eMalaysia, bathola ukuthi ukuze bakwazi ukuqhubeka nohambo lwabo oluya ePhiliphines, kwakudingeka babe neviza noma kwakudingeka bathathe indiza ehlukile. Babengeke bekwazi ukuthola iviza, futhi babengenayo imali yokuthenga amathikithi kwenye indiza. Kodwa kwakunzima kubo ukucabanga ngokubuyela emuva bengasaboshwanga ethempelini njengomakoti nomkhwenyana.

Bengasazi ukuthi benzenjani, uRoshan wathinta u-Anton. U-Anton no-Ann babefuna kabi ukubasiza. Babengezinye zezithandani ezimbalwa eSri Lanka ezaziboshwe njengomakoti nomkhwenyana ethempelini, futhi babazi kahle ukuthi kuyisibusiso esinjani lokho. Kodwa babesanda kusiza ilunga lomndeni wabo ngemali ababekade beyibekile, futhi babengenayo imali eyanele ukuze bakwazi ukuthengela uRoshan noSheron amathikithi enye indiza.

Ezweni laseSri Lanka kujwayelekile ukuthi umkhwenyana athengele umakoti wakhe umgexo wegolide ukuze asale nemali uma kwenzeka umyeni wakhe efa. U-Ann wakhetha ukuwudayisa umgexo wakhe ukuze asize kuthengwe amathikithi amasha. Lowo mnikelo wakhe wenza ukuba uRoshan noSheron bakwazi ukufika ethempelini eManila.

“Ngiyazi ukuthi kubaluleke kangakanani ukuboshwa ethempelini njengomakoti nomkhwenyana,” kwasho u-Ann. “Ngangazi ukuthi uRoshan noSheron babezoba umgogodla kuleligatsha lethu lebandla. Ngangingathandi ukuba balahlekelwe yilelithuba.”3

Amasu Okusiza Labo Abangakwazi Ukuya Ethempelini

Kungenzeka ubizwe ukuba usize labo abangakwazi nhlobo ukuya ethempelini noma abangakwazi ukuya njalo ngenxa yobude bebanga noma ngenxa yezindleko zohambo. Kodwa usengakwazi ukuthola ezinye izindlela zokubasiza bazazise izibusiso zasethempelini.

  • Fundisa noma ubambe iqhaza ngesikhathi kufundwa ngokulungiselela ukuya ethempelini noma ngesikhathi kwenziwa izifundo ngomlando womndeni.

  • Banikeze isithombe sethempeli ukuba basibeke lapho behlala khona.

  • Uma usuke waya ethempelini, baxoxele ngalokho okubonile nokuzwile ngesikhathi usethempelini nangobufakazi onabo ngezimiso zasethempelini.

  • Basize ukuba bafunde kabanzi ngezivumelwano abazenzile nokuthi bangazigcina kanjani.

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  1. uRussell M. Nelson, “Becoming Exemplary Latter-day Saints,” iLiyahona, Nov. 2018, 114.

  2. Bheka inkulumo kaLaRene Gaunt enesihloko esithi, “Finding Joy in Temple Service,” kwi Ensign, yangenyanga kaOkthoba 1994, 8

  3. U-Ann no-Anton bakwazi ukubuye bawuthole umgexo wabo emva kokuthi babuyiselwe imali yabo ivela kwi General Temple Patron Assistance Fund yeBandla, okuyisikhwama okutholakala kuso usizo lwemali ukusiza lawo malungu eBandla abengeke akwazi ukukhokhela izindleko zokuya ethempelini.

Shicilela