Ngo-2020
Ukusizana ngokusebenzisa uMhlangano omKhulu
Ephreli 2020


“Ukusizana ngokusebenzisa uMhlangano omKhulu,” iLiyahona, Ephreli 2020

Isithombe
ukusizana

Imigomo Yokusizana, Ephreli 2020

Ukusizana ngokusebenzisa uMhlangano omKhulu

Ngezinkulumo eziduduzayo, amasiko omndeni, nezimfundiso eziphuma kwizinceku zeNkosi, umhlangano omkhulu usinikeza izindlela eziningi zokusizana—ngaphambili, ngenkathi, nangemuva kwempelasonto yomhlangano omkhulu.

Njengothisha bekilasi lokulungiselela ukuyoshumayela ivangeli, uSusie noTom Mullen bajwayele ukugqugquzela amalunga ekilasi labo ukuba ameme umuntu ukuba azobuka umhlangano omkhulu.

Uthi, “Ukumema umuntu ukuba enze okuthile yinto ebalulekile emsebenzini wokushumayela ivangeli, futhi kuyangena noma sisizana futhi.” “Abafundi bethu bajwayele ukubuya bexoxe ngendlela okuhambe kahle ngayo kubo nakuloyo akade bemumemile.”

Nazi izindlela ezimbalwa abafundi abashilo ukuthi kwenzeke ngakho:

  • “Sisiza umngani onezinkinga abhekene nazo. Samumema ukuba alalele izimpendulo emhlanganweni omkhulu. Ngesikhathi sesimvakashela emuva komhlangano, wasitshela ukuthi wezwa amasu amaningi angase amusize.”

  • “Saba nomcimbi womhlangano omkhulu lapho wonke umuntu waletha izibiliboco ukuze siphane. Kwakumnandi kangongokuthi sakhetha ukukwenza futhi.”

  • “Ngamema umngani ukuba azobuka umhlangano omkhulu kanye nami. Ngesikhathi sixoxa ngawo, sakhetha ukuya endlini yokuhlanganyela ukuze sithole ukuthi singakwazi yini ukuwubukela khona. Sawubuka, futhi kwakumnandi ukuba khona!”

Njengoba abakwaMullen nabafundi babo befundile, ziningi izindlela zokusizana ngomhlangano omkhulu. Indlela enhle yokwabelana ngezinkulumo ezimnandi, amasiko omndeni, izingxoxo ezinenjongo, nezimfundiso zezinceku zeNkosi!

Mema Abanye Ekhaya Lakho

“UMsindisi wayala abafundi bakhe ukuba ‘nithandane; njengalokhu nginithandile’ (uJohane 13:34). Ngakho-ke sibheka indlela Yena asithande ngayo. … Uma sibukela kuYena, kumele sihlezi sizama ukuhlanganisa wonke umuntu.” —uMongameli uDallin H. Oaks1

Eminyakeni edlule, uthisha wethu olungile uMike owayesivakashela wabona ukuthi abantwana bami abathathu kanye nami sasinekhompyutha encane yokubukela umhlangano omkhulu. Ngokushesha wasimema ukuba size ekhaya lakhe ukuzowubuka naye nonkosikazi wakhe, uJackie, egqugquzela ukuthi bengathanda ukuba kanye nathi. Abantwana bami bakujabulela ukubukela umhlangano kumabonakude wangempela; mina ngakujabulela kakhulu ukuba ngisekelwe kanje, futhi sonke sasithanda isikhathi sethu sindawonye.

Emuva kwalokho, ukubuka umhlangano omkhulu ndawonye kwaba usiko. Ngisho sesiwutholile umabonakude wethu, sasisakujabulela ukuya kwaMike noJackie nemicamelo yethu, izincwadi, nokokunambitha ngomhlangano omkhulu. Ukuzwa amazwi abaphrofethi sindawonye kwakwenza kwaba okwekhethelo kakhulu. Saba njengomndeni. UMike noJackie baba ngabangani bami abakhulu nogogo nomkhulu besibili ezinganeni zami. Uthando nobungani kwabo kube yisibusiso esikhulu emndenini wami. Ngiyakubonga ukuba bafune ukuvula ikhaya labo nezinhliziyo zabo kithi.

NguSuzanne Erd, eCalifornia, eMelika

Nazi Izimfundiso Ongacabanga Ngazo

“Babona”

UMsindisi ngothando wathatha isikhathi ukubona izidingo zabanye bese wasebenzela ukuzifeza lezo zidingo (bheka ku Mathewu 9:35–36; Johane 6:5; 19:26–27). Nathi singakwenza lokho.

“Bamema ngokushesha”

Emuva kokubona izidingo zalabo esibasizayo, isinyathelo esilandelayo ukuba senze.“Ukuzwa amazwi abaphrofethi”

“Kumele sihlangane ndawonye njalo” (Moroni 6:5) ukuze sifunde ndawonye, sikhule ndawonye, futhi sikhulume ngezinto zomoya ezibaluleke kakhulu emphefumulweni wethu.

Ukuthi “Woza, uzolalela izwi lomphrofethi, futhi uzwe izwi likaNkulunkulu”2 kungaba ngesinye sesimemo esibaluleke kakhulu esingasinikeza labo esibasizayo.

“Uthando nobungani”

Ukusiza abantu ngokweqiniso, kumela sakhe ubudlelwano ngozwelo “nothando olungazensisi” (bheka kwi Mfundiso neziVumelwano 121:41).

Aba kwi-Intanethi

“Izinkundla zokuxhumana zingamathuluzi omhlaba wonke angasetshenziswa ukuthinta isibalo sabantu nemindeni esikhulu ngendlela enozwelo nenhle. Futhi ngiyakholwa ukuthi isikhathi sesifikile sokuba thina njengabafundi baKristu ukuba sisebenzise lamathuluzi ngendlela efanele ukufakaza ngoNkulunkulu uBaba waPhakade, isu Lakhe lenjabulo labantwana Bakhe, neNdodana Yakhe, uJesu Kristu, njengoMsindisi womhlaba.” —Igosa uDavid A. Bednar3

I-intanethi isivumela ukuthi sabelane ngevangeli nomhlaba wonke. Ngiyakuthanda lokho! Ngiyabelana ngemisebenzi yomhlangano omkhulu, kepha ngivamise ukuzama ukusiza abanye baqale ingxoxo ngezinkulumo ezithulwe emhlanganweni omkhulu. Ukubona imibuzo evela kwabanye kuvamise ukuthi kusisize sibone izinto ngokukhanya okuhlukile futhi kungasisiza sakhe imibuzo yethu ezokwakha izingxoxo ezinhle.

Ngithole ukuthi ngenkathi usebenzisa imibuzo ukuxoxa ngezinkulumo zomhlangano omkhulu nemindeni oyisizayo, kuyakusiza ubone okuhle kwabo kanye nezidingo zabo. Umbuzo engithandayo ukuwubuza uthi, Yikuphi ocabanga ukuthi bekugxilwe kukhona kulomhlangano omkhulu osanda kudlula?

Impendulo njalo yenza ubone ukuthi kwenzakalani ezimpilweni zabo nokuthi yikuphi okubalulekile kubo. Kukusiza ube ngudade noma umfowethu osizanayo ongcono ngoba ubabona ngendlela engcono.

NguCamille Gillham, eColorado, eMelika

Nazi Izimfundiso Ongacabanga Ngazo

“Abelana ngevangeli”

Senze isivumelwano sokuthi “[sime] njengofakazi baNkulunkulu ngazo zonke izikhathi nakuzo zonke izinto, nakuzo zonke izindawo” (Mosiya 18:9).

“Akha ingxoxo”

Imiyalezo yomhlangano omkhulu ingakhuthaza izingxoxo ezimnandi, ezifanelekile neziholwa ngumoya. Futhi izingxoxo ezikanje zingabuqinisa ubuhlobo, zisize ubufakazi bakho bukhule, futhi zikulethele intokozo! (bheka kwi Mfundiso neziVumelwano 50:22).

“Sebenzisa imibuzo”

“Imibuzo elungile izokusiza uqonde abakuthandayo, abakucabangayo, noma imibuzo abanye abanayo. Ingaqinisa ukufundisa kwakho, imeme uMoya, futhi isize abantu bafunde.”4

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. uDallin H. Oaks, “Love and the Law” (video), mormonandgay.ChurchofJesusChrist.org.

  2. “Come, Listen to a Prophetʼs Voice,” Hymns, no. 21.

  3. uDavid A. Bednar, “Flood the Earth through Social Media,” Liahona, Aug. 2015, 50.

  4. Preach My Gospel: A Guide to Missionary Service (2004), 185.

Shicilela