Ngo-2020
Muzwe
NgoMeyi 2020


Isithombe
ukusizana

Isithombe ngu Mason Coberly

UMyalezo WobuMongameli BokuQala, NgoMeyi 2020

Muzwe

UBaba wethu uyazi ukuthi uma sizungezwe ukungaqiniseki nokwesaba, yikuphi okungasisiza kakhulu ukuzwa iNdodana Yakhe.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, ngibonga kakhulu ukuthi ngokusebenzisa ezobuchwepheshe sesiyakwazi ukuhlangana ndawonye futhi sizokhonza ngaleliSonto ekuseni. Sibusiseke kakhulu ukwazi ukuthi ivangeli likaJesu Kristu libuyiselwe emhlabeni!

Emasontweni ambalwa adlule, iningi lethu liye labhekana nokuphazamiseka ezimpilweni zethu. Ukuzamazama komhlaba, imililo, izikhukhula, izinhlupho, nemiphumela yakho kuye kwaphazamisa ukuphila kwabantu futhi kwabangela ukusweleka kokudla, okuthile esikudingayo, nokongiweyo.

Phakathi kwakho konke, siyanincoma futhi siyanibonga ngokukhetha ukuzwa izwi leNkosi ngalesi sikhathi sesiyaluyalu ngokuhlangana nathi emhlanganweni omkhulu. Ubumnyama obukhulayo obuhambisana nosizi benza ukukhanya kukaJesu Kristu kukhazimule kakhulu. Cabanga nje okuhle okungenziwa yithi ngabanye ngalesi sikhathi sezidubedube zomhlaba. Uthando nokholo lwakho kuMsindisi kungahle kube yisisusa sokuba umuntu athole ngokuBuyiselwa kwevangeli likaJesu Kristu eliphelele.

Kule minyaka emibili edlule, mina nomkami sihlangane nezinkulungwane zenu emhlabeni jikelele. Sihlangane nani ezinhlanganweni zangaphandle kanye nasemagunjini okudansa emahhotela. Endaweni ngayinye, ngibe nomuzwa wokuthi ngangiphakathi kwabakhethiweyo beNkosi nokuthi ngangibona ukuqoqwa kuka-Israyeli kwenzeka phambi kwamehlo ami.

Siphila osukwini lolo “okhokho bethu abalilindele ngokulangazela.”1 Sinezihlalo ezisekuqaleni ukufakaza bukhoma lokho okwabonwa ngumphrofeti uNefi kuphela embonweni, ukuthi “amandla eMvana kaNkulunkulu” ayezokwehlela “kubantu besivumelwano beNkosi, labo ababehlakazeke phezu kobuso bonke bomhlaba; futhi babehlonyiswe ngokulunga kanye nangamandla kaNkulunkulu enkazimulweni enkulu.”2

Nina, bafowethu nodadewethu, niphakathi kwalawo madoda, abesifazane nabantwana ababonwa uNefi. Cabangani ngalokho!

Noma ngabe uhlala kuphi noma zinjani izimo zakho, iNkosi uJesu Kristu unguMsindisi wakho, futhi umphrofethi kaNkulunkulu uJoseph Smith ungumphrofethi wakho. Wagcotshwa ngaphambi kokusekelwa komhlaba ukuthi abe ngumphrofethi walesi sikhathi sokugcina, lapho “okungekho lutho oluyofihlwa”3 kwabaNgcwele Isambulo siyaqhubeka nokugeleza sivela eNkosini phakathi kwalokhu kubuyiselwa okuqhubekayo.

Kusho ukuthini kuwe ukuthi ivangeli likaJesu Kristu selibuyiselwe emhlabeni na?

Kusho ukuthi wena nomndeni wakho ningakwazi ukuboshwa ndawonye ingunaphakade. Kusho ukuthi ngoba ubhabhadisiwe ngumuntu onegunya elivela kuJesu Kristu futhi waqiniswa njengelungu leBandla Lakhe, ungakujabulela ukuhlala njalo noMoya oNgcwele. Uzokuhola futhi akuvikele. Kusho ukuthi awusoze washiywa ungenakunethezeka noma ungenakuthola amandla kaNkulunkulu ukuba usizakale. Kusho ukuthi amandla obuphristi angakubusisa ngesikhathi uthola izimiso ezibalulekile futhi wenza izivumelwano noNkulunkulu futhi uzigcina. Aze ayihola imiphefumulo yethu lamaqiniso, ikakhulukazi ngalezi zikhathi lapho isivunguvungu siza ngamandla.

INcwadi kaMormoni ilandisa ngokukhula nokuwa kwezizwe ezimbili ezinkulu. Umlando wabo udalula ukuthi kulula kanjani ukuba abantu abaningi bakhohlwe uNkulunkulu, benqabe izixwayiso zabaphrofethi beNkosi, futhi bafune amandla, ukuthandwa, nokujabulisa inyama.4 Kaningi, abaphrofethi besikhathi esidlule bamemezele “izinto ezinkulu futhi nezimangalisayo kubantu, ababengazikholwa.”5

Akuhlukile nasesikhathini sethu. Kuyo yonke leminyaka, izinto ezinkulu nezimangalisayo bezizwakala kulamapulpiti emhlabeni wonke. Nokho abantu abaningi abawamukeli lamaqiniso—kungaba yingoba abazi ukuthi bawabheke kuphi 6 noma yingoba balalela labo abangenalo lonke iqiniso noma yingoba balenqabile iqiniso bethanda izinto zomhlaba

Isitha sihlakaniphile. Eminyakeni eyizinkulungwane besilokhu senza okuhle kubukeke kukubi nokubi kubukeke kukuhle.7 Imiyalezo yakhe ivame ukuba nomsindo, ibe nesibindi futhi ibe nokuziqhayisa.

Kepha, imiyalezo evela kuBaba wethu oseZulwini yehlukile ngendlela exakile. Ukhuluma ngendlela elula, ngokuthula, nangokucaca okumangazayo kangangokuba kungenzeke singamqondi.8

Ngokwesibonelo, noma kunini lapho Ethula iNdodana Yakhe Ezelwe Yodwa kubantu emhlabeni, ukwenze lokho ngamazwi ambalwa nje. Entabeni yokuGuqulwa kuPetru, uJakobe noJohane, uNkulunkulu wathi, “Lo uyiNdodana yami ethandekayo: yizweni.”9 Amazwi akhe kumaNefi endaweni yeNala emandulo athi “Bhekani iNdodana Yami Ethandekayo, engithokozayo ngayo, engidumise igama lami ngayo—yizweni.”10 NakuJoseph Smith, ngalawo mazwi ajulileyo avule lesi sikhathi, uNkulunkulu wamane wathi, “Lena yiNdodana Yami eThandekayo. Yizwe!11

Manje, bafowethu nodadewethu abathandekayo, ake nicabange ngokuthi kulezi zimo ezintathu ezisanda kushiwo, ngaphambi nje kokuba uBaba ethule iNdodana, abantu okukhulunywa ngabo babesesimweni sokwesaba, futhi ngandlela thile, bephelelwe yithemba.

AbaPhostoli bebesaba lapho bebona uJesu Kristu ezungezwe ifu eNtabeni yokuGuqulwa

AmaNefi ayethukile ngoba ayedlule ekubhujisweni futhi esebumnyameni izinsuku ezimbalwa.

UJoseph Smith wayebanjwe ngamandla obumnyama ngaphambi nje kokuba amazulu avuleke.

UBaba wethu uyazi ukuthi uma sizungezwe ukungazi nokwesaba, okungasisiza kakhulu ukuzwa iNdodana Yakhe.

Ngoba uma sifuna ukuzwa—ukuzwa ngempela—iNdodana Yakhe, sizoholwa ukuba sazi ukuthi yikuphi esingakwenza kunoma yisiphi isimo.

Izwi lokuqala kwiMfundiso neziVumelwano lithi lalela.12 Lisho “ukulalela ngenhloso yokuthobela.”13 Ukulalela kusho “ukumuzwa”— ukuzwa lokho uMsindisi akushoyo bese sisinaka isiyalo saKhe. Ngalelizwi elilodwa—“Muzweni”—uNkulunkulu usinika indlela yempumelelo, injabulo, nentokozo kulempilo. Kufanele siwezwe amazwi eNkosi, siwalalele, futhi sikunake lokho Asitshele kona!

Ngesikhathi sifuna ukuba abafundi bakaJesu Kristu, imizamo yethu yokuMuzwa idinga ukuba ibe nenhloso . Kudingeka sizenzele thina njalo umzamo ukugcwalisa izimpilo zethu ngamazwi aKhe, izimfundiso zaKhe, amaqiniso aKhe.

Asikwazi ukuvele nje sethembele olwazini esishayisana nalo ezinkundleni zokuxhumana. Ngenxa yamazwi amaningi akwi-intanethi nasemhlabeni ocwile kwezokukhangisa ezigcwele imizamo yesitha enomsindo, nehaba, singaya kuphi ukuze siMuzwe?

Singaya emibhalweni engcwele. Isifundisa ngoJesu Kristu nevangeli Lakhe, ubukhulu beNhlawulo Yakhe, nohlelo olukhulu lukaBaba wethu lwenjabulo nokuhlengwa. Ukuzicwilisa kwansuku zonke ezwini likaNkulunkulu kubalulekile ukuze usinde ngokomoya, ikakhulukazi kulezi zinsuku zokwanda kwezinkinga. Ngesikhathi sizitika ngamazwi kaKristu usuku nosuku, amazwi kaKristu azositshela ukuthi yikuphi esingakwenza ebunzimeni ebesingazi sizobhekana nabo.

Singase futhi siMuzwe ethempelini. Indlu yeNkosi iyindlu yokufunda. Lapho iNkosi isifundisa izindlela zayo. Lapho isimiso ngasinye sisifundisa ngoMsindisi. Lapho sifunda ukuba singasigudluza kanjani isisitho futhi sixhumane kangcono nezulu. Lapho sifunda ukuthi singasikhuza kanjani isitha futhi kuthi ngamandla obuphristi beNkosi siziqinise thina kanye nalabo esibathandayo. Kumele sonke sifune ukuthola isiphephelo khona.

Uma lemithetho yesikhashana yokuthibela ye-COVID 19 isuswa, ngicela nihlele isikhathi sokukhuleka njalo nokukhonza ethempelini. Umzuzu ngamunye waleso sikhathi uzokubusisa wena nomndeni wakho ngezindlela okungekho lutho olunye olungakubusisa kanjalo. Thatha isikhathi ukucabangisisa ngalokho okuzwayo uma ulapho. Cela iNkosi ukuba ikufundise ukuthi uwavula kanjani amazulu ukuze abusise ukuphila kwakho nokuphila kwalabo obathandayo nobasizayo.

Njengoba ukukhonza ethempelini kungenzeki okwamanje, ngiyanimema ukuba nihlanganyele ndawonye emlandweni womndeni, ngokunjalo nokucwaninga ngomlando womndeni . Nginithembisa ukuthi uma nichitha kakhulu isikhathi senu ethempelini nasemsebenzini womlando womndeni, nizoMuzwa kangcono.

Sibuye futhi siMuzwe kangcono ngokufunda ngokuqaphela ukuhlebeza kukaMoya oNgcwele. Akukaze kubaluleke kakhulu kangaka ukwazi ukuthi uMoya ukhuluma kanjani nawe kunangalesi sikhathi samanje. KuNkulunkulu iNhloko, uMoya oNgcwele uyisithunywa. Uzoletha imicabango engqondweni yakho leyo uYihlo neNdodana abafuna uyithole. UnguMduduzi. Uzoletha imizwa yokuthula enhliziyweni yakho. Ufakaza ngeqiniso futhi uzokuqinisa okuyiqiniso ngesikhathi uzwa futhi ufunda izwi leNkosi.

Ngiyaphinda ngiyaninxusa ukuba nenze noma yini edingekayo ukuze nandise ikhono lenu ngokomoya lokuthola isambulo somuntu siqu.

Ukwenza kanjalo kuzonisiza ukuba nazi ukuthi yikuphi eningakwenza ezimpilwei zenu, nokuthi yikuphi eningakwenza ngezikhathi zezinhlekelele, nokuthi yikuphi eningakwenza ukuze nizibone futhi zinigweme izilingo nenkohliso yesitha.

Futhi, okokugcina, siya Muzwa ngesikhathi silalela amazwi abaphrofethi, ababoni, nabembuli. AbaPhostoli abagcotshiwe bakaJesu Kristu bafakaza njalo ngaYe. Basibonisa indlela njengoba sihamba kulendlela ezwisa ubuhlungu yempilo yasemhlabeni.

Yini ezokwenzeka uma uzwa ngokuzimisela, ulalela, futhi uqaphela lokho uMsindisi akushilo nalokho akushoyo manje ngabaphrofethi baKhe? Ngiyakwethembisa ukuthi uzobusiswa ngamandla engeziwe ukuze ubhekane nezilingo, ubunzima, kanye nobuthakathaka. Ngethembisa izimangaliso emshadweni wakho, kubudlelwane bomndeni, nasemsebenzini wansuku zonke. Futhi ngethembisa ukuthi uzokwazi ukuzwa injabulo nakuba izinkinga zikhula empilweni yakho.

Shicilela