Ngo-2020
Ukusizana ngokusebenzisa uMhlangano weSidlo esiNgcwele
ngoJuni 2020


“Ukusizana ngokusebenzisa uMhlangano weSidlo esiNgcwele,” iLiyahona, ngoJuni 2020

Isithombe
ukusizana

Imifanekiso yenziwe ngu-Edward McGowan

Imigomo Yokusizana, ngoJuni 2020

Ukusizana ngokusebenzisa uMhlangano weSidlo esiNgcwele

Umhlangano wesidlo esingcwele unikezana amathuba okuxhumana nokusiza abanye.

Umhlangano wesidlo esingcwele isikhathi sokondliwa komoya futhi nokudlinza komuntu qobo ngoMsindisi kanye neNhlawulo Yakhe. Ngesikhathi sidla isidlo esingcwele isonto ngalinye, siyakheka ndawonye (bheka IMfundiso neziVumelwano 84:110). Kepha abanye kumawadi kanye namagatsha ethu beza nemithwalo esindayo noma basuke bengekho nhlobo.

Nawa amathuba ambalwa okuthi singalisebenzisa kanjani lelo hora elingcwele ukusiza abanye nokwenza umehluko ezimpilweni zabo.

Siza Ukwenza Umhlangano weSidlo esiNgcwele ubeNgcono kuLabo obaSizayo.

Isinyathelo sokuqala ekufundeni ukuthi singasiza kanjani, ukwazana nomuntu ngamunye noma imindeni kanye nezidingo zabo. Zingaba khona izindlela ongasiza ngazo ukwenza isikhathi sabo emhlanganweni wesidlo esingcwele sibe ngconywana ngokufunda okuningi ngabo.

KuMindy, umama osemncane wezingane zamawele ezicathulayo, imizamo elula yodade omusizayo yenza umehluko omukhulu emhlanganweni wakhe wesidlo esingcwele masonto onke.

“Ngenxa yesimo somsebenzi somyeni wami, ngithatha amadodakazi ethu angamawele ngiwahambise esontweni njalo ngesonto ngedwa,” kuchaza uMindy. “Kuyasinda kakhulu ukuzama ukuhlalela wonke umhlangano wesidlo esingcwele nezingane ezicathulayo ezimbili ezimatasa, kodwa udade ongisizayo sewazibeka ethubeni lokuthi angisize.

“Uhlala nathi futhi uyangisiza ukuthi ngiwanakekele amantombazane ami masonto onke. Ukuba naye eduzane kwami kusho okukhulu futhi kunciphisa ukukhathazeka kwami ngezikhathi zabo zokuhlupha noma zokuxinana. Angicabangi ukuthi uyoke azi ukuthi izenzo zakhe zingithinte kangakanani ngalesi sikhathi empilweni yami. Wabona isidingo sami njengomama osemncane, ogcwele ukukhathazeka, futhi uyasiza ukwenza isonto libe yindawo enokuthula nenjabulo kithi sonke.

Amasu Okusiza Labo Abanezidingo Ezithile

  • Hambisa umbiko kubaholi bomugwamande wamagosa kanye nabe Nhlangano yokuSiza yabesiFazane mayelana nezidingo zamalunga.

  • Abaholi abahlele izinkulumo zomhlangano wesidlo esingcwele ukuba zisize ukufeza izidingo zamalunga. Uma labo obasizayo bengazuza ekuzweni umlayezo othize, abelana ngalelosu nabaholi bakho.

  • Uma wazi umuntu okhubazekile noma oguliswa ukudla okuthile okumvimbela ukuba ajabulele izibusiso zesidlo esingcwele, mucele imininingwane nokungenziwa ukuthuthukisa isikhathi sakhe sokukhonza. Abelana ngalemininingwano nabaholi bakho.

  • Uma umuntu omsizayo noma owazi ngaye ehlezi ekhaya, isikhashana noma unomphela, buza ubhishobhi wakho ukuthi banganikwa isidlo esingcwele ekhaya na. Ungathatha ngisho amanothi ngesikhathi somhlangano wesidlo esingcwele wabelane ngawo kumakhalekhukhwini, nge-imeyili, noma mathupha.

  • Uma umuntu omsizayo enabantwana, unganikela ngosizo lwakho ngesikhathi somhlangano wesidlo esingcwele.

  • Uma labo obasizayo bengavamisile ukuza emhlanganweni wesidlo esingcwele, zama ukuqonda futhi ucabange izindlela ongasiza ngazo. Uma bedinga into yokuhamba, ungabagibeza kuwena. Uma bezizwa bengasekelwa ngumndeni wabo, ungabamema ukuba bahlale nawe emhlanganweni. Ungenza izimemo ezikhethekile zokubasiza bazizwe bamukelekile futhi befunwa emhlanganweni wesidlo esingcwele.

Khumbula, Izenzo eziLula ziHamba Ibanga Elide

Ekhuluma ngokusizana, uDade uJean B. Bingham, uMongameli weNhlangano yokuSiza yabesiFazane, wafundisa ukuthi: “Ngesinye isikhathi sicabanga ukuthi kumele senze into enkulu futhi enobuqhawe ukuze ‘kubalwe’ njengokusebenzela omakhelwane bethu. Izenzo zokusebenza ezilula zingaba nemithelela ejulile kwabanye—nakithi imbala.”1

Kwelinye igatsha elincane eBelgium, u-Evita uvamise ukuzinikela ngokuthi ahumushele izivakashi kanye namalunga akhuluma iSpanishi ngesikhathi semihlangano yeBandla. Ngesinye isikhathi u-Evita waziswa kumuntu owayevela eDominican Republic owayefunda ngeBandla. Wayesazi isiNgisi esincane, kodwa ulimi lwakhe kwakuyiSpanishi. Ngakho-ke u-Evita wanikela ukuba amuhumushele ngesikhathi somhlangano wesidlo esingcwele khona ezozizwa ekhululekile.

“Ukuhumusha kubuye kwenze iSabatha lami libe matasa,” kusho u-Evita. “Kodwa ukulandela izeluleko zokubuza abanye ukuthi bayadinga yini ukuhumushelwa kunginikeza imizwa yenjabulo nemfudumalo ngokwazi ukuthi ngiyakwazi ukubasiza bezwe umoya futhi bajabulele imihlangano yabo.”

Amasu Okusiza Ngezenzo Ezilula

  • Khuluma nabaholi bakho ukubona ukuthi ubani ongase adinge ukusetshenzelwa kakhudlwana ngesikhathi somhlangano wesidlo esingcwele. Noma uma wazi umuntu oludingayo usizo, yenza isiqinisekiso sokuthi abaholi bakho bayabazi.

  • Hlala uthule ngesikhathi ulinde ukuthi umhlangano uqale. Lokhu kuzosiza “ezinye izinhliziyo eziphukile kanye nemimoya esosizini esizungezile”2 abadinga ukuthula okungangena ngokuhlonipha indawo engcwele.

  • Ngosuku lwangeSonto lokuzila ukudla, cabanga ukunikezela ukuzila kwakho nemikhuleko kumuntu omusizayo ongase adinge ukududuzwa kakhulu.

  • Khulekela ukwazi ukuthi ukhona yini umuntu ongazuza uma ungahlala eceleni noma eduze kwabo ngesikhathi somhlangano wesidlo esingcwele noma kungakhona yini enye indlela ongasiza ngayo.

Umhlangano Wesidlo esiNgcwele Ungaba Indawo Eyamukela Bonke

UMongameli uJoseph Fielding Smith (1876-1972) wafundisa, “Umhlangano wesidlo esingcwele ungcwele ngaphezulu kwayo yonke imihlangano yeBandla.”3 Kulapho kufanele khona ukuthi uqinisekise ukuthi bonke abakhona emhlanganweni wesidlo esingcwele bazizwa bamukelekile futhi bondlekile ngokomoya—ikhakhulukazi amalunga amasha noma amalunga asekade agcina ukuba khona.

UMerania waseNew South Wales, e-Australia, wenza ubuhlobo nowesifazane owayefunda ngeSonto ewadini yakhe. “Usephenduke waba omunye wabangani bami abathandekayo manje,” kwasho uMerania. “Ngiyakuthanda ukuhlala naye emhlanganweni wesidlo esingcwele njalo ngesonto futhi ngihlezi ngibuza ukuthi unjani nokuthi kukhona yini engingamusiza ngakho.” Emva kwesikhathi, umngani kaMerania wabhabhadiswa. Imizamo yamalunga ewadi kanye nomoya owamukelayo emhlanganweni wesidlo esingcwele wabamba elikhulu iqhaza kwisinqumo sakhe.

Amasu Okusiza Amalunga Amasha noma Abuyayo

  • Uma uzokhuluma emhlanganweni wesidlo esingcwele, ungamema abangani, umndeni, kanye nabanye ukuba bazozwa umlayezo wakho.

  • Ungabheka futhi wamukele labo ababodwa noma labo abangase badinge usizo. Buza ukuthi ungahlala yini nabo noma bameme ukuba bahlale nawe.

  • Ngesikhathi umhlangano uphela, ungamema labo obasizayo nabanye emicimbini yeBandla ezoba khona, ethempelini noma emicimbini yasemphakathini.

  • Uma umuntu omusizayo eya emhlanganweni wesidlo esingcwele kodwa ebe ekade agcina, ungamubuza ukuthi unayo yini imibuzo ngalokhu okukade kufundiswa. Mutshele ukuthi wamukelekile ukuza kuwe uma kukhona igama, indaba, noma ucezu lwemfundiso angakuqondisisanga. Ningabheka izimpendulo ndawonye uma kunesidingo.

Imithombo okuthathwe kuyo le mfundiso

  1. uJean B. Bingham, “Ministering as the Savior Does,” Liahona, ngoMeyi 2018, 104.

  2. uJeffrey R. Holland, “Behold the Lamb of God,” Liahona, ngoMeyi 2019, 46.

  3. uJoseph F. Smith, Kumbiko Womhlangano Omkhulu, wango-Okthoba. 1929, 60-61.

Shicilela