Ngo-2020
Ukusizana ngokusebenzisa Imisebenzi yeBandla
ngoJulayi 2020


“Ukusizana ngokusebenzisa Imisebenzi yeBandla,” iLiyahona, ngoJulayi 2020

Isithombe
ukusizana

Isithombe sabafana bebeka itende nguBud Corkin; isithombe sentombazane elungisa itafula nguSherie Price McFarland; isendlalelo esakwa Getty Images

Imigomo Yokusizana, ngoJulayi 2020

Ukusizana ngokusebenzisa Imisebenzi yeBandla

Inothi loMhleli: Lendatshana yenziwa ngaphambi kobhadane lweCOVID-19. Ezinye zeziphakamiso ezingezansi ngeke zisebenze ngezikhathi zokuqhelelana kodwa zizosebenza mhla imihlangano yeBandla kanye nemisebenzi sekuqhubeka futhi. Uma kudingeka, sicela uguqule lezi ziphakamiso ngokuya kwemihlahlandlela yamanje yeBandla kanye nekahulumeni.

Enye indlela esingasiza ngayo amalungu emawadini ethu, omakhelwane, kanye nabangani bethu ukusebenzisa imisebenzi yeBandla. Noma uhlela umsebenzi omayelana nezidingo noma okuthandwa yilowo omusizayo noma ummema ukuba abambe iqhaza emisebenzini noma asebenzele abanye, okusemqoka ukuthi imisebenzi emawadini, ezikhonkwaneni, ngisho nakulezi izikhonkwane ezihlanganisiwe inganikeza izindlela ezinengqondo futhi ezijabulisayo zokukhuthaza ubumbano nokuqinisa amalungu.

Imisebenzi yeBandla ingavula umnyango wamathuba aminingi okusizana. Isibonelo, imisebenzi yeBandla ingakha amathuba okubamba iqhaza kumaphrojekthi okusebenzelana abusisa abanye futhi akhe ubudlelwane obuhle emphakathini. Imisebenzi yeBandla ingaba yithuba lokufinyelela kumalungu eBandla angasakhonzi kanye nakubangani bezinye izinkolo noma abangani abangazihlanganisi nenkolo.

Ukubandakanya abantu abaningi emisebenzini yeBandla kudala ithuba lokuthi iNkosi ibusise futhi iqinise amawadi kanye namagatsha ethu, omakhelwane, kanye nemiphakathi yethu.

Ukwakha Ubudlelwane Obuqotho

Ubusika babuza, futhi uDavid Dickson wayengazi ukuthi uzowugcina kanjani ufudumele umndeni wakhe.

UDavid, unkosikazi wakhe, kanye namadodakazi amabili babesanda kuthuthela edolobheni lasemakhaya aseFredonia, e-Arizona, eMelika, indawo enamathafa aphakeme ezungezwe imimango ebomvu ebabazekayo, izitshalo eziyizingodo kanye nomozana.

Ikhaya elaliqashwe ngabakwaDickson lalithembele esitofini esivutha izinkuni njengomthombo walo wokushisa. UDavid wafunda ngokushesha ukuthi ukuqoqa izinkuni zokubasa kwakuyikhono elidingekayo ngoba ubusika baseFredonia bugcwele amaqhwa.

“Ngangingenazo izinkuni zokubasa noma isaha noma ulwazi lokuthi lisetshenziswa kanjani lona!” kusho uDavid. “Ngangingazi ukuthi ngizokwenzanjani.”

Amanye amalungu ewadi abuza uDavid ukuthi umndeni wakhe wawunazo yini izinkuni ezanele kuze kudlule ubusika. “Akubathathanga isikhathi eside ukuthi babone ukuthi ngangingenazo,” kusho uDavid. “Umgwamanda wamagosa ngokushesha wathi uzongisiza ukuqoqa izinkuni. Ngigcwele ukubonga, ngamukela umnikelo wabo.”

UDavid wathola ngokushesha ukuthi lolu hambo lokuqoqwa kwezinkuni lwaluyinto ejwayelekile emsebenzini eminingi ehlelwe kahle, futhi ehanjelwa kahle ewadini. Ngomunye uMgqibelo ekuseni, uDavid, umgwamanda wamagosa, kanye namanye amalungu ewadi baya ezintabeni ngekharaveni yamathilagi namaloli.

“Ngentambama eyodwa, ngenxa yamathuluzi abo nolwazi lwabo, amalungu ewadi anikeza umndeni wami intaba yezinkuni ezasebenza kwaze kwaba ubusika obubili,” kusho uDavid. “Okubaluleke kakhulu, ngafundiswa konke engangidinga ukukwazi ngokuqoqa izinkuni ngedwa. Ngesikhathi kufika isikhathi sokuthi ngihambe eFredonia, ngase ngikwazi ukubamba isaha, futhi ngasiza kakhulu kunalokhu engingakubala emisebenzini yewadi yokuqoqa izinkuni.”

Lemisebenzi enjena yewadi ayakhanga nje kuphela ubudlelwano obuhle phakathi kwamalungu eBandla wodwa kepha yakha ubudlelwano obuhle nawo wonke umuntu emphakathini.

“Ngikhumbula owesifazane oyedwa, owayengasilo ilungu leBandla, owayemusha endaweni,” kusho uDavid. “Wayesesebenzisa izinto ezakhiwe ngezinkuni emzini wakhei ukuze afudumale. Sathi sesizwile ngosizi lwakhe, saqinisekisa ukuthi uthola izinkuni ezanele kuze kudlule ubusika. Wayegcwele ukubonga kakhulu kangangokuthi wayengakwazi ngisho ukukhuluma.”

Imizamo yokusizana eFredonia yaqinisekisa ukuthi wonke umuntu uhlala ephephile futhi efudumele ebusika.

Ukufinyelela Kwabanye

Ngesikhathi ekwimishini yaseRomania, uMeg Yost kanye nomsizi wakhe babejwayele ukuhambela umndeni owawukade wagcina ukuya esontweni. “AbakwaStanica babebalwa kwamalungu okuqala kwiBandla laseRomania, kusho uMeg, “futhi sasibathanda.”

Ngesikhathi kufika isikhathi sokuhlela umsebenzi wegatsha, abaholi banquma ukuthi igatsha lizoba “noBusuku beNgqalabutho” Lokhu kwakuzoba ubusuku bokugubha izingqalabutho ezinesibindi ezawela iMelika ukuze zifike eSalt Lake Valley. Kungaba yithuba lokuhlonipha izingqalabutho zeBandla laseRomania.

“Sacabanga ukuthi kungaba indlela enhle ukuthi amanye amalungu afakaze ngokuguquka kwawo futhi nokuthi aselibone likhula kanjani iBandla eRomania,” kusho uMeg. “Sacabanga ngokushesha ukuthi umndeni wakwaStanica kumele ubambe iqhaza. Sabamema ukuba babambe iqhaza, futhi babejabule!”

Ngobusuku bomsembenzi, abakwaStanica babengakafiki ngesikhathi kushaya isikhathi sokuqala.

“Sasikhathazekile sicabanga ukuthi ngeke bafike,” kukhumbula uMeg. “Kepha ngesikhathi esifanele, bangena ngomnyango. AbakwaStanica bethula ubufakazi obuhle ngevangeli kanye neBandla. Bathola ukuxoxisana namanye amalungu abawagcina kudala.”

Amalungu egatsha avula izingalo zawo amukela abakwaStanica. NgeSonto elizayo, uMeg wamangala ukubona uDade wakaStanica esontweni.

“Ngesikhathi ngivakashele igatsha emva kwezinyanga ezimbalwa, wayeseza!” kusho uMeg. “Ngicabanga ukuthi ithuba lokuthi athule ubufakazi bakhe futhi azizwe ebambe iqhaza futhi edingeka egatsheni kwamusiza kakhulu.”

Amasu amane Okusizana ngokusebenzisa Imisebenzi yeBandla

  • Hlela imisebenzi ebhekene nezidingo: Imisebenzi iyindlela enhle yokubhekana nezidingo eziningi ezahlukahlukene. Ingahlelwa ukubhekana nezidingo ezithile zomuntu ngamunye noma iqembu. Kufanele futhi ibhekane nezidingo zalabo ababambe iqhaza, noma ngabe leso sidingo ukwazana kangcono, ukufunda kabanzi ngevangeli, noma ukuzwa uMoya.

  • Mema wonke umuntu: Ngesikhathi uhlela lemisebenzi, yenza umzamo okhethekile wokumema labo abazozuza ngokuhlanganyela. Khumbula amalungu amasha, amalungu angasezi, intsha, abakhulile abangashadile, abantu abakhubazekile, kanye nabantu bezinye izinkolo. Cabanga ngabo ngesikhathi uhambisa isimemo, bese uyachaza ukuthi ungathanda kanjani ukuba beze.

  • Gqugquzela ukubamba iqhaza: Labo obamemayo bazothola okuningi kulemisebenzi uma benethuba lokubamba iqhaza. Enye indlela yokugqugquzela ukubamba iqhaza ukuba umuntu ngamunye asebenzise izipho, amakhono, kanye neziphiwo zakhe ngesikhathi somsebenzi.

  • Yemukela wonke umuntu: Uma abangani bakho befika emsebenzini, yenza konke ongakwenza ukubenza bazizwe bemukelekile. Ngokufanayo, uma ubona abantu ongabazi, yiba nobungani futhi nabo ubamukele!

Shicilela