Ngo-2020
Ukusizana ngokusebenzisa uHlelo lokuziMela
Ngo-Agasti 2020


“Ukusizana ngokusebenzisa uHlelo lokuziMela,” iLiyahona, Agasti 2020

Isithombe
ukusizana

Imigomo Yokusizana, ngo-Agasti 2020

Ukusizana ngokusebenzisa uHlelo lokuziMela

Ukusiza abanye bakwazi ukuzimela ukusizana ngendlela yeNkosi.

Amalunga amaningi emindeni yethu, abangani, kanye nomakhelwane banentshisekelo yokuba bakwazi ukuzimela. Ngokusebenzisa uhlelo lweBandla lokufunda ukuzimela, amalunga eBandla azitholela amathuba okusebenzelana, okunakekelana, kanye nokusizana ngesikhathi ebusisa abanye ngemigomo eletha “ithemba , ukuthula, kanye nenqubekela phambili.”1

“Ngangisekhaya”

NguChrissy Kepler, e-Arizona, eMelika

Ngazithola ngixakekile ngenxa yokweswela imali kulandela isehlukaniso, ngizama indlela yokubuyela emsebenzini ngemuva kokuba wumama owayehlala ekhaya iminyaka eyisishagalombili. Ngazithola futhi ngixakekile emoyeni, ngifuna iqiniso kanye nokholo, yize ngagcina ngisemusha ukulibeka esontweni.

Ngelinye iSonto ngangihlanza izingubo zami emzini kadadewethu omdala, uPriscilla, owayevame ukuya njalo esontweni. Ngesikhathi ngilapho, uPriscilla wangimema ukuba ngiye esontweni kanye nomndeni wakhe—ngangiqala ukumenywa ukuba ngiye esontweni selokhu kwaphela iminyaka eyi-15.

Ngaba nokungabaza ekuqaleni, kodwa ebusuku ngangicele uNkulunkulu ukuba angibonise ukuthi ngingasondela kanjani kuYe. Ngemuva kokuzabalaza ngaphakathi, ngaphetha ngokuthi, “Kungani ungayi ukuyozibonela ngamehlo akho futhi uzizwele ngenhliziyo yakho njengomuntu omdala na?”

Ngesikhathi sisemhlanganweni wesidlo esingcwele, ngabona isaziso kumbiko wangeSonto ngesifundo sokuzimela ngokuphathelene nemali. Ngangingakakulungeli ukubuyela esontweni, kodwa ngezwa ngisithanda leso sifundo samasonto ayi-12. Ngokukhuthazwa ngudadewethu nomyeni wakhe, ngabhalisa, ngilindele ukuthi ngizofunda ngokuphatha imali kuphela. Kepha, izifundo zangiguqula kakhulu ngokomoya.

Ngangimangazwe yimilayezo eyayingithinta emoyeni emasontweni okuqala ezifundo, kodwa kwathi ngesifundo sesithathu ngakhungathwa wumuzwa wokuthi ngangisekhaya futhi ngangizwa amaqiniso amasha kodwa engangiwazi. Emva kwesifundo ngangena emotweni yami ngaqonda ngqo kuPriscilla. Ngigcwele izinyembezi, ngambuza ngathi, “Ngingenza kanjani ukuthi ngihlezi nginalomuzwa empilweni yami na?” Wahlela ukuthi abefundisi bevangeli baqale ukungifundisa.

Nalabo engangifunda nabo babeza ezifundweni zami nabefundisi ukuba bazongeseka. Lezo zifundo zangithinta kakhulu emoyeni wami futhi zangisiza ukuba ngibe nobufakazi bevangeli nabaphrofethi bamanje.

Ngesikhathi engaqeda ngaso lezi zifundo, ngenza izinguquko ezimbalwa ngokomoya nasempilweni yami. Ngaqala umsebenzi omusha nenkampani enhle, futhi ngakwazi nokubuyisela imali engangiyebolekile.

Kodwa izibusiso ezinhle nezijulile engazithola ngokwenza lezi zifundo wukuba nabangani abahle, wubudlelwano engabakha nombhishobhi owayengikhuthaza, wukuba nobufakazi bokukhokha okweshumi, wukuthola imvume yasethempelini, wukwembathiswa, nokubona abantwana bami ababili abadala bebhabhadiswa.

Kuningi engisakufunda ngokuzimela, kodwa ngizohlezi ngizithanda izifundo engazifunda nabangani engabathola.

“Ngangihamba Emva Kwesifundo Ngasinye Ngizizwa Ngithandwa”

Ngesikhathi evakashela eTemple Square eSalt Lake City, e-Utah, nendodana yakhe, uVincent, eyayineminyaka eyi-10, ngoDisemba 2016, uKatie Funk “wayengakholwa futhi engenankinga.” Walishiya iBandla eneminyaka eyi-16, waba ngumama okhulisa umntwana eyedwa eneminyaka eyi-17, waqala nokuzidweba emzimbeni, futhi wathanda nekhofi. Kodwa ngesikhathi evakashele eTemple Square, uVincent wawuzwa uMoya oNgcwele futhi wase ecela kunina ukuba afundiswe izifundo ngabefundisi baleliBandla.

Nakuba ayenza imisebenzi emibili esebenza amahora angama-80 ngesonto, uKatie walifunda ivangeli noVincent, ecwaninga ngezimpendulo zemibuzo yakhe kungakenziwa ezinye izifundo. Kwathi kufika ihlobo lika-2017, waqala ukuya njalo esontweni, lapho afunda khona ngezifundo zeBandla zokuzimela.

“Ngabona ukuthi zazingangisiza,” kusho yena. “Mhlawumbe angeke ngisadinga ukusebenza imisebenzi emibili noma ngithembele kubazali bami impilo yami yonke.”

UKatie wathi izifundo zakhe ngokuzimela “ziyamuqinisa umuntu empilweni nangokomoya,” hhayi nje ngenxa yalokho akufunda kodwa futhi nangendlela iqembu lakhe lokuzimela elamemukela futhi lamsiza ngayo.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. “Message from the First Presidency,” in Personal Finances for Self-Reliance (2016), i.

Shicilela