Ngo-2020
Ukusizana ngokusebenzisa incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni
ngoSepthemba 2020


“Ukusizana ngokusebenzisa incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni,” iLiyahona, ngoSepthemba 2020

Isithombe
ukusizana

Imigomo Yokusizana, ngoSepthemba 2020

Ukusizana ngokusebenzisa incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni

Incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni ingakusiza kanjani ukuba wenze umehluko ezimpilweni zabanye na?

Noma ngabe unomndeni wakho, usekilasini likaSonto Sikole njengothisha noma umfundi, noma usesikoleni, emsebenzini, noma yikuphi lapho ongaba khona, ukufunda imibhalo engcwele usebenzisa incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni kuletha amathuba amaningi okusiza abanye. Ukufundisa, vele eqinisweni, “kungaphezulu kokuhola nje ingxoxo ngeSonto; kodwa futhi kusho ukusiza ngothando nokubusisa abanye ngevangeli.”1

Ukuxhumana naBafundi

Ngesikhathi u-Ofelia Trejo de Cárdenas ebizelwa ukuzofundisa intsha esikhulile ewadini lakhe laseMexico City, wabona ukuthi ukusondelana nabafundi bakhe kuSonto Sikole kungamsiza ukuba afundise kangcono futhi akwazi nokubaqinisa.

“Uma ngingasondelene nabafundi bami futhi uma bengaluzwa uthando lwami, kungenzeka bengangikholwa uma ngibafundisa noma ngifakaza kubo,” kusho yena. “Kungenzeka bazitshele ukuthi nginguthisha kaSonto Skole nje kuphela.”

Kodwa-ke uDadewethu uCárdenas wayengabakha kanjani lobo budlelwano uma ayefundisa kanye emasontweni amabili na? Wayithola impendulo yalowo mbuzo ngokusebenzisa ubuchwepheshe. Ngokusebenzisa uWhatsapp otholakala kumakhal’ekhukhwini, yena nabafundi bakhe masinyane base bexhumama nsuku zonke ngokuthumelelana imiyalezo. Okwasekwenzeka manje wukuthi, zonke izinsuku ngaphambi kwesifundo esilandelayo sikaSonto Sikole, omunye wabafundi owayevolontiya wayethumela abanye abafundi ivesi lombhalo elivela emibhalweni engcwele elihambisana nesifundo esilandelayo futhi wayebeka umbono wakhe ngalelovesi. Emva kokufundwa kwalelovesi nalowo mbono, abafundi nabo babeka eyabo imibono.

“Uma sebelifundile lelovesi, bathumela ubuso obumamathekayo ukuze ngazi ukuthi sebelifundile futhi sebecabangile ngalo,” kusho uDadewethu uCárdenas. Uma sekuyisikhathi sesifundo seSonto elilandelayo, bonke abafundi bami bakulungele ukubamba iqhaza.

Lokhu kuxhumana kwansuku zonke muva nje sekusize omunye wabafundi abazali bakhe abangezi njalo enkonzweni.

“Kuyangijabulisa uma ngimbona eza enkonzweni ngoba ngiyazi ukuthi ukufika lapho, ubhekane nobunzima obuningi,” kusho uDadewethu uCárdenas. “Nginesiqiniseko sokuthi ukuthumelelana amavesi nozakwabo kumqinise kakhulu.”

UDadewethu uCárdenas uthi ukusiza abafundi bakhe ngemibhalo engcwele akugcini nje kuphela ngesifundo sangeSonto nangokuxhumana nabo ngobuchwepheshe.

Uthi: “Ngizilungiselela nangokubathandazela abafundi bami.” “Ngicabanga ngabo hhayi ngeSonto kuphela kodwa ngisho nangazo zonke izinsuku. Umfundi ngamunye unezidingo eziqondene naye yedwa futhi ezehlukile. Umfundi ngamunye ungumntwana kaNkulunkulu. Ngicabanga ngabo ngesikhathi ngilungiselela ukubafundisa.”

Futhi uma esebafundisa, uyalalela—ulalela abafundi bakhe kanye noMoya Ongcwele.

“UMoya oNgcwele nguye onguthisha,” lona kanye avamise ukumuzwa ngesikhathi abafundi bakhe bekhuluma. “Kufanele nginake ngoba lokho abakushoyo kuyisambulo uMoya obanika sona.”

Ngesikhathi sifunda “KunjengoBusuku boMndeni”

UCarla Gutiérrez Ortega Córdoba uzizwa ebusisekile ngokuba yilungu lekilasi likaDadewethu uCárdenas likaSonto Sikole ngenxa yokukhuliswa nokusizana okukulo. UCarla ubona ukuthi lokhu kwenzeka ngenxa yalokhu okulandelayo:

  • Ukulungiselela: Ukwabelana ngemibhalo engcwele nangemicabango kuyabasiza abafundi balungiselele isifundo esilandelayo. “Ukufunda imibhalo engcwele nsuku zonke kuyasikhulisa futhi kwandisa nolwazi lwethu,” kuchaza yena.

  • Ukubamba Iqhaza: “Sonke siyakhuluma. Lokhu kwenza ukuthi ngibazi ngokujulile engifunda nabo, njengabangani kanye nabafowethu nodadewethu.”

  • Uthando: “Udadewethu uCárdenas ukubamba ngesandla. Ikilasi lethu linjengobusuku bomndeni, ndawonye nabafowethu nodadewethu abaningi. Lehlukile kakhulu.”

  • UMoya Ongcwele: “Kunomoya omnandi, wokuzwana ekilasini lethu ngoba sonke sihambisana noMoya oNgcwele.”

  • Ubufakazi: Ukufunda incwadi ethi “Wozani, Ngilandeleni kungisizile ukuba ngilungele ukufakaza. Senginolwazi olujulile ngeNcwadi kaMormoni nangeBhayibheli. Lokho kungivumela ukuba ngixoxele abanye ngalokho engikufundayo esikoleni nasemsebenzini.”

Ukusizana Ngezidingo zoMoya

Ngesikhathi uGreg noNicky Christensen, base Kentucky, eMelika, befunda namadodana abo amathathu ngesivumelwano no-Abrahama emibhalweni engcwele, kwaba nzima ukubachazela ngaso. Bathatha isinqumo sokuthi umuntu ngamunye emndenini uzosifunda isivumelwano no-Abrahama bese bekhuluma ngalokho abakutholile.

“Kwasihlaba umxhwele ukuphawula esakuthola kuleyo ngxoxo,” kusho uGreg. “Ingane yethu eneminyaka eyisishiyagalombili yafunda ukuthi igama lika-Abrahama lalingu-Abrama ngaphambilini. Igama lakhe lashintsha laba ngu-Abrahama ngoba wenza isethembiso eNkosini sokuphenduka esonweni aphile impilo yokulunga. Kwangimangaza impela ukuthi wakwazi ukuthola lolo lwazi.”

Bonke bafunda okusha futhi bakhuluma kakhulu ngokuthi siyini isivumelwano no-Abrahama nokuthi sisho ukuthini kwabaNgcwele beziNsuku zokuGcina esikhathini samanje.

“Sasijwayele ukushintshisana omunye nomunye sifunda amavesi ngesikhathi sokufunda imibhalo engcwele ekhaya,” kusho uNicky. “Incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni igxile kakhulu ekufundiseni ngoMoya oNgcwele. Manje uma sifunda ndawonye, ngizwa uMoya ungithinta ngandlela thile ukuba ngihole ingxoxo yethu ngendlela ezogcwalisa izidingo zomndeni wami.”

Ukusebenzisa incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni akwenzanga nje kuphela ukuba umndeni wabo wonke ubambe iqhaza uma kuxoxwa nokuthi bakuthande ukulifunda ivangeli, kodwa futhi kusize uGreg noNicky ukuba bagcwalise izidingo zomoya zabantwana babo.

“Incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni ingisiza ukuba ngifundise abantwana bami,” kusho uNicky. “Iphinde ingisize futhi ngixazulule izinkinga engiba nazo ngesinye isikhathi nabantwana bami. Ngizizwa ngisondelene kakhulu noMoya oNgcwele, ngilalela ngokucophelela, futhi usuke wangikhuthaza mayelana nokuthi ngingamsiza kanjani umntwana ngamunye.”

UGreg uyazithokozela izingxoxo ababa nazo zevangeli ngenxa yokufunda incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni. “Amadodana ethu wonke asemazingeni ahlukene ngolwazi lwawo lwevangeli,” kusho uGreg. “incwadi ethi Wozani, Ngilandeleni isinikeze indlela yokuthi sibasize abantwana bethu ukuba bafunde ngokwezidingo zabo ngabanye. Ukubabona bekhula othandweni lwabo lwevangeli nokubabuka bezithathela izinqumo ngokuthi bangaliphila kanjani ivangeli ezimpilweni zabo kube yisibusiso esihle kakhulu ezimpilweni zethu.”

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Come, Follow Me—for Sunday School: Book of Mormon 2020 (2019), 19.

Shicilela