Ngo-2020
Ukwazisana Ngokukhanya kukaMsindisi NgoKhisimusi
NgoDisemba 2020


“Ukwazisana Ngokukhanya kukaMsindisi NgoKhisimusi,” iLiyahona, ngoDisemba 2020

Isithombe
ukusizana

Isithombe sokuzalwa kukaJesu ngu Niltza Beatriz Santillan Castillo; lesi sithombe siyisipho esivela kwabakwa Getty Images

Imigomo Yokusizana, ngoDisemba 2020

Ukwazisana Ngokukhanya kukaMsindisi NgoKhisimusi

Ake ucabange ngalabo obasizayo. Ungabasiza kanjani ukuba basondelane noKristu kuloKhisimusi na?

Nakuba simkhumbula uMsindisi uJesu Kristu unyaka wonke, uKhisimusi yisikhathi lapho sigubha khona isipho esikhulu kunazo zonke esake sanikwa sona: “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa” (ngokukaJohane 3:16). Ngesikhathi sisizana ngoKhisimusi, nathi singaphana ngezipho ezisiza abanye ukuba basondelane noMsindisi. Kuhle ukuzicabanga njengabantu abaphana ngesipho njengoba noBaba oseZulwini enza.

Ngisasazisa Lesi Sipho

NguSusan Hardy, waseCalifornia, eMelika

Ngesikhathi ngiseneminyaka eyishumi-nanye ubudala, uthisha wami kaSonto Sikole, uMfowethu uDeets, wathi kithi uma singase siyifunde ngekhanda imiBhalo yoKholo futhi simchazele ukuthi ngabe isho ukuthini, wayezosithengela eyethu imibhalo engcwele.

UMfowethu noDadewethu uDeets babeyizithandani ezazisencane, besaqala impilo ndawonye. Ngangingenaso isiqiniseko sokuthi uMfowethu uDeets wayengakwazi ukuthengela umuntu isipho. Kodwa ngabuye ngathatha isinqumo sokuthi ngiyithathe leyo nselelo uma wayecabanga ukuthi kwakubalulekile ukuyifunda ngekhanda imiBhalo yoKholo.

Kwathi sengiyifunde yonke, ngokuhamba kwesikhathi ngakhohlwa yisethembiso sakhe ayesenzile.

Kwase kuthi ngoSuku lukaKhisimusi, ngathola iphakethe ngeposi elalinegama lami kulo. Ngalivula ngase ngithola imibhalo engcwele phakathi eyayithunyelelwe mina, kanye nekhadi elalingikhuthaza ukuba ngihlezi ngiyifunda. Lokho kwenzeka ngonyaka ka-1972, futhi kuze kube yinamhlanje ngisenayo leyo mibhalo engcwele. Iyigugu kimi.

Kwakungeyona imali esasithengwe ngayo leso sipho kodwa kwaba ngumusa angenzela wona nokuzinikela kwakhe okwangishiya nginesifiso esikhulu sokulifunda izwi likaNkulunkulu. Ngiyazama ukusilandela isibonelo sikaMfowethu uDeets sokusiza abanye ngokuphana ngezipho ezinenzuzo, ngethemba lokuthi nami ngingaletha isibusiso ezimpilweni zabanye njengoba enza nakimi.

Isimemo Sokubamba Iqhaza.

NguRichard M. Romney, wase-Utah, eMelika

Kwathi mhla ngicelwa yilabo ababehlela ukuhlangana kwethu njengewadi ngoKhisimusi ukuba ngivakashele elinye ilungu elalingasezi enkonzweni ngilimeme ukuba lizoba nathi kulowo mhlangano, kufanele ngivume ukuthi nganginovalo. Ngangimbone kanye kuphela uDarren ngaphambilini, ngesikhathi ayebambe iqhaza kukhona okwakwenziwa ewadini yethu. Wayefake ibhande lekhanda lesithuthuthu esiphongweni sakhe. Izinwele zakhe ezinde ezimhlophe zaziboshiwe ngemuva, enentshebe ende emhlophe, futhi izandla zakhe zazigcwele imidwebo.

Ngiphelezelwa yilungu lekomiti, ngangimi emnyango wendlu kaDarren ngizibuza ukuthi kazi wayezothini. Wasicela ukuba singene ngaphakathi, sase simtshela ukuthi sasize ngani. Wathi, “Hawu, ngingathanda ukukwenza lokho!”

Wenza umsebenzi omangalisayo, esiza abaningi ukuba bazuze kulokho okwakwenziwa. Isikhashana nje emveni kwalokho, mina nalowo engisizana naye sacelwa ukuba simvakashele njalo uDarren. Ubonakala ehlezi ekujabulela ukusibona, futhi sesibe nezingxoxo ezijabulisayo naye. Ngiyabonga ukuthi intshisekelo yokummema ukuba azobamba iqhaza iholele ekutheni sibe nobudlelwano engibazisa kakhulu.

Ukusiza Abanye ngoKhisimusi

Nazi ezinye izinto ongazenza ukuqinisekisa ukuthi labo obasizayo bayazi ukuthi uyabacabanga, ikakhulukazi ngalesi sikhathi sonyaka.

  1. Ngezinye izikhathi ukushaya ucingo noma ukuthumela umyalezo kwenza izimanga. Ukuqal’ ingxoxo engelutho njengokuthi “Sawubona, unjani?” kungenza umehluko.

  2. Hlanganyela nabo ngesikhathi begubha okuthile uma kulungile lokho. UKhisimusi ungaba yisikhathi esihle kakhulu sokufunda ngezinkolelo zethu ezifanayo. Ngesikhathi wazisa abanye ngezinkolelo zakho futhi ubalalela, wenza ukuba kube khona ukuzwana okukhulu.

  3. Bakhulekele ubabize ngamagama. Cela uBaba oseZulwini akusize ucabange ngezindlela zokubasondeza eNdodaneni Yakhe.

  4. Izipho ezingelutho zivamise ukukhunjulwa kakhulu. Asikho isidingo sokuthi izipho zibe zinhle kakhulu ukuze zithandwe. Isipho sokuchitha isikhathi nomunye, isipho sokulalela, ukukhombisana izithombe noma ukukhumbula izinto nindawonye––konke lokhu kungaba yizipho ezivel’ enhliziyweni.

  5. Phana ngesipho sokufakaza. Bacele bakuxoxele ngothando abanalo ngoMsindisi, futhi nawe ubaxoxele ngolwakh’ uthando Ngaye.

  6. Mema abanye ukuba beze enkonzweni kaKhisimusi. Abany’ abantu bayafuna ukuyokhonza kodwa abazi ukuthi baye kuphi. Bameme ukuba beze bazokhonza nawe.

  7. Gcwalis’ amakhaya abo ngokuthula. Bazise ukuthi abefundisi beBandla banomyalezo okhethekile kaKhisimusi abangathanda ukubalethela wona, ozobalethela ithemba nothando ezinhliziyweni zabo.

Ukubasiza Bonke njengeBandla

Izidingo zamakholwa ahlukahlukene azifani. Amanye azuza uma kuhlelwa ukwenza izinto ezinkulu. Amanye amakholwa angazuza ngokuhlela ukwenza izinto ezincane ezingelutho. Labo abenza izinhlelo ngokuzokwenziwa bacabanga benomkhuleko ezinhliziyweni ukuthi bangahlangabezana kanjani nezidingo ezikhona.

  • Amalung’ eBandla ezikhonkwane ezintathu eParis, eFrance, asiza ngokwelekelel’ umhlangano obizwa nge Light the World wokubukisa ngamakhono nengqephu. Balungisa izinto ezanikwa ababalekele ukusinda nalabo abangenamakhaya.

  • IsiKhonkwane Esimaphakathi sase Charlotte North Carolina senza umcimbi womphakathi obizwa nge “Christmas around the World” lapho kwakugujwa khona uKristu ngokudla, kukhonjiswa ngezinto ezivame ukwenziwa ngoKhisimusi emhlabeni wonke, ngomculo, ngemisebenzi yokusiz’ abanye, nangomdlalo wabantwana wokuzalwa kukaJesu.

  • Amalung’ esiKhonkwane sase Vero Beach Florida ahlananyela ndawonye kukhunjuzwa umphakathi ngokuthi kungani sigubha uKhisimusi Amathoyizi anikwa izinhlangano ezisiza umphakathi. Kwacula ikwaya yabantwana besikole sabaqalayo, kwabakhona namabandla amaningi ayekhombisa ngolwazi.

  • IsiKhonkwane sase Jacksonville eNingizimu neFlorida senza umdlalo obizwa ngokuthi Savior of the World kukhonjiswa umphakathi.

Shicilela