Ngo-2022
Isidlo Esingcwele: Indlela yokuKhumbula uMsindisi
Ngo-Ephreli 2022


“Isidlo Esingcwele: Indlela YokuKhumbula uMsindisi,” ILiyahona, ngo-Ephreli 2022.

UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona ngo-Ephreli 2022

Isidlo Esingcwele: Indlela yokuKhumbula uMsindisi

Isithombe
placeholder altText

Isidlo Sakusihlwa Sokugcina, nguSimon Dewey

Ngobusuku bangaphambili kokuba abethelwe, uJesu Kristu wahlangana nabaPhostoli Bakhe kwiSidlo Sakusihlwa Sokugcina. Lapho wabanikeza isidlo esingcwele okokuqala. Wachaza ukuthi kwakuyindlela yokuba bamkhumbule. Isidlo esingcwele yisimiso lapho sidla khona isinkwa siphuze namanzi ukukhumbula iNhlawulokaKristu. Isinkwa simele umzimba kaKristu, futhi amanzi amele igazi Lakhe.

Sithabatha isidlo esingcwele njalo ngeSonto ngesikhathi somhlangano wesidlo esingcwele. Sihlabelela ihubo ngesikhathi abaphathi bobupristi behlephula isinkwa besenza izingcezu ezincane.

Abaphathi bobupristi abahlephule isinkwa basho imikhuleko ekhethekile. Lemikhuleko itholokala encwadini IMfundiso neziVumelwano 20:77, 79. Imikhuleko isikhumbuza ngalokho esikwethembise uBaba oseZulwini nalokho Asethembise kona.

Abanye abaphathi bobupristi badlulisa isidlo esingcwele kumalungu ewadi noma egatsha. Ngesikhathi sithabatha isidlo esingcwele, sikhumbula uMsindisi kanye nomnikelo Wakhe awenzela thina. Siphinde sizinikele kabusha ukugcina izivumelwano (izethembiso) esizenze noBaba oseZulwini.

Isithombe
Intombazane ithabatha isinkwa ngesikhathi somhlangano wesidlo esingcwele

Sikhombisa inhlonipho ngesikhathi isidlo esingcwele sibusiswa futhi noma sesidluliswa. Yisikhathi sokuba sicabange ngempilo kaJesu Kristu, izimfundiso, kanye neNhlawulo. Singaphinde sicabanga ngokuthi singasilandela kanjani isibonelo Sakhe.

Shicilela