Ngo-2022
Kwenzekani Ezinkonzweni zeBandla zangeSonto na?
ngoJuni 2022


“Kwenzekani Ezinkonzweni zeBandla zangeSonto na?,” iLiyahona,, ngoJuni 2022.

Umyalezo Wanyanga Zonke we Liyahona, yangoJuni 2022

Kwenzekani Ezinkonzweni zeBandla zangeSonto na?

Isithombe
ukwangana kwabesifazane ababili

Amalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina ahlangana njalo ngeSonto ukuzokhonza uNkulunkulu futhi afundisane ngevangeli likaJesu Kristu. Wonke umuntu wamukelekile ukuza, futhi amalungu azoba nethuba lokukhuleka, ukukhuluma epulpiti, futhi bafundise nezifundo uma bethanda. Kulezi zinkonzo amalungu ayasizakala ngokuqinisana okholweni futhi “benezinhliziyo zabo ezihlanganiswe ndawonye ebunyeni kanye nasothandweni” (Mosiya 18:21).

Isithombe
umfana edlulisa isidlo esingcwele ehlezi esihlalweni esinamasondo

Inkonzo yeSidlo esiNgcwele

Amalungu ewadi noma egatsha ahlangana njalo ngeSonto enkonzweni yesidlo esingcwele. (Labo abangesiwo amalungu eBandla nabo bemukelekile ukuza.) Isidlo esingcwele sinikwa amalungu ngesikhathi salenkonzo ukubasiza bakhumbule uJesu Kristu (bheka umbhalo kwi April 2022 Gospel Basics ukuze uthole olunye ulwazi ngesidlo esingcwele). Ngesikhathi senkozo kuyakhulekwa, kuculwe izihlabelelo zokukhonza, futhi amalungu akhulume epulpiti ngevangeli likaJesu Kristu.

Isithombe
amantombazane amabili esebandleni emamatheka

Eminye Imihlangano

Emva kwesidlo esingcwele, amalungu ayahlukana aye emakilasini nakumakhoramu. Abantwana abanezinyanga eziyi-18 kuya kwabaneminyaka eyi-11 baya enhlanganweni yabaNtwana. Ngosuku lwangeSonto lokuqala nolwesithathu nyangazonke, wonke amanye amalungu aya esiKoleni seSabatha. Ngosuku lwangeSonto lwesibili nolwesine, baya eNhlanganweni yoSizo yabesiFazane, eNhlanganweni yamaNtombazane, noma emihlanganweni yamakhoramu obupristi.

Imikhuleko

Imikhuleko ezinkonzweni zeBandla yenziwa ngamalungu. Imikhuleko mifishane futhi iyalelwa nguMoya oNgcwele. Amalungu akhuleka esebenzisa amagama akhombisa uthando nenhlonipho kuBaba oseZulwini. Lokhu kuhlanganisa nokusebenzisa amanye amagama okumhlonipha uNkulunkulu uma sikhuleka Kuye.

Izinkulumo

Ilungu lobubhishobhi noma lobumongameli begatsha licela amalungu ukuba akhulume ngesikhathi somhlangano wesidlo esingcwele. Lezi zinkulumo zigxila evangelini likaJesu Kristu. Izikhulumi zisebenzisa imibhalo engcwele kanye namazwi abaholi beBandla ngesikhathi zizilungiselelela ukukhuluma. Baphinde futhi bafakaze ngezibusiso zemigomo yevangeli ezimpilweni zabo.

Izifundo

Emva kwesidlo esingcwele, amalungu afunda ngevangeli emakilasini amancane. Izifundo kungenzeka zigxile kwimibhalo engcwele, izimfundiso ezivela kwingqungquthela yeBandla lonke, noma kwezinye izihloko. Nakuba uthishela kunguye ohola isifundo, akusiyo intshumayelo. Wonke amalungu ekilasi anelungelo lokwabelana ngemicabango yawo mayelana naleso sihloko okufundwa ngaso.

Isithombe
Indoda ikhuluma ebhokisini lokushumayela ebandleni

Ubufakazi

Njalo kanye ngenyanga, ngomhlangano wesidlo esingcwele kuyafakazwa. Ngokwejwayelekile lokhu kwenzeka ngosuku lwangeSonto lokuqala enyangeni. Ngesikhathi salenkonzo, amalungu angafakaza ngoJesu Kristu nangevangeli Lakhe. Ukufakaza kusho ukushumayela ngamaqiniso evangeli ngokufunzelelwa nguMoya oNgcwele.

Ukulungiselela

Amalungu alungiselela inkonzo yangeSonto ngomkhuleko, ngokufunda imibhalo engcwele, nangokulungela ukuthola intshisekelo evela kuMoya oNgcwele. Uma ucelwa ukuba unike inkulumo noma ufundise isifundo, ngomkhuleko cabanga ngokuthi ungayifundisa kanjani imigomo yevangeli. Sebenzisa imibhalo eNgcwele. Fakaza ngeqiniso. Abaholi bakho baseBandleni bangakusiza uzilungiselele, uma kudingeka.

Shicilela