Ngo-2022
Kungani Sikhokha Okweshumi
NgoDisemba 2022


“Kungani Sikhokha Okweshumi,” iLiyahona, ngoDisemba 2022.

UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona yangoDisemba 2022

Kungani Sikhokha Okweshumi

Isithombe
izinhlamvu zemali ezinqwabelene

Amalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina anikela ngokukodwa kweshumi emholweni wabo eBandleni. Lokhu kubizwa ngokuthi okweshumi. Lemali isetshenziselwa ukuqhuba umsebenzi weBandla emhlabeni wonke.

Kuyini Okweshumi?

Omunye wemithetho kaNkulunkulu ukukhokha okweshumi eBandleni Lakhe, okusho okukodwa eshumini lomholo wethu. Uma sikhokha okweshumi, sikhombisa ukubonga kwethu kuNkulunkulu ngezibusiso zethu. Sikhombisa ukuthi sithembele eNkosini futhi sizimisele ukuyilalela kuzo zonke izinto.

Isithombe
abantu beletha izimpahla kuMelkisedeki njengokukhokha okweshumi

Melchizedek—Keeper of the Storehouse [uMelkisedeki—Umgcini weNdlu Yengcebo], nguClark Kelley Price

Izimfundiso zeTestamente eliDala

Abantu baNkulunkulu babekhokha okweshumi kusukela ezikhathini zeTestamente eliDala. Isibonelo, u-Abrahama wakhokha okweshumi (bheka uGenesisi 14:18–20). Umthetho wokweshumi wabuye wafundiswa ngabaprofethi bakudala, okubalwa kubo uMose kanye noMalaki (bheka ku Levitikusi 27:30–34; uNehemiya 10:35–37; uMalakhi 3:10).

Ukubuyiselwa koMthetho Wokweshumi

Ngo-1838, uMprofethi uJoseph Smith wabuza iNkosi ukuthi amalungu eBandla kufanele akukhokhe kanjani okweshumi. Impendulo yeNkosi ibhalwe encwadini IMfundiso neziVumelwano 119, ethi amalungu kufanele anikele okukodwa eshumini kwayo yonke inzuzo yawo eBandleni (bheka ivesi 4). Abaholi bebandla bafundise ukuthi “inzuzo” isho imali engenayo.

Isithombe
abantu bexhawulana ngesikhathi omunye edlulisa imvilophu komunye

Isithombe nguJamie Dale Johnson

Indlela Yokukhokha Okweshumi

Singakhokha okweshumi ngokugcwalisa ifomu lokunikela nge-inthanethi ku donations.ChurchofJesusChrist.org. Noma singagcwalisa ifomu lephepha bese imali siyinikeza ilungu lobubhishobhi noma lobumongameli begatsha. Yonke imali ithunyelwa kwikoMkhlulu leBandla, lapho abaholi beBandla (UbuMongameli bokuQala, umGwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili, kanye nomBhishobhi oweNgamele) banquma ngomkhuleko ukuthi izosetshenziswa kanjani.

Izibusiso

INkosi yethembise ukuthi labo abakhokha okweshumi bazobusiswa ngokwesikhathi sokuphila kanye nangokomoya. Okweshumi kuphinde kubusise bonke abantwana baNkulunkulu ngethuba lokufunda Ngaye futhi bakhule evangelini.

Isithombe
IThempeli laseSalt Lake

Indlela Izimali Zokweshumi Ezisetshenziswa Ngayo

Imali yokweshumi isetshenziselwa ukwakha iBandla leNkosi emhlabeni wonke. Lokhu kubandakanya ukwakha amathempeli nezinye izakhiwo zeBandla, ukugaya imibhalo engcwele nokunye okufundwayo, ukuxhasa ngezimali izikole eziphethwe yiBandla, kanye nokusiza ngomsebenzi womlando womndeni kanye nomsebenzi wobufundisi.

Tithing Declaration (Ukubuyekezwa Kokweshumi)

Kanye ngonyaka, amalungu eBandla ahlangana nombhishobhi wabo (noma umongameli wegatsha) ukuze bamtshele ukuthi bakukhokha ngokugcwele yini okweshumi.

Kukhokhelani Okweshumi

Isithombe
IThempeli lase-Oakland eCalifornia

Isithombe seThempeli lase-Oakland eCalifornia ngu-Longin Lonczyna Jr.

Isithombe
amakhophi eNcwadi kaMormoni ngezilimi ezahlukene
Isithombe
indlu yokukhonza

Shicilela