“Ngabe Sidinga UkuPheleliswa Manje na?” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoFebhruwari 2023.
UMyalezo Wanyanga Zonke we For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) yangoFebhruwari 2023
Ngabe Siyadinga Ukupheleliswa Manje na?
Lomyalezo uvela enkulumweni yengqungquthela yebandla lonke yango-Okthoba 2017.
Imibhalo engcwele yabhalelwa ukusibusisa noku sikhuthaza futhi ngempela iyakwenza lokho. Kodwa ngabe sewuke waqaphela yini ukuthi njalo kuhlezi kuvela indinyana esikhumbuza ukuthi si yehluleka kancane? Isibonelo: “Ngakho-ke manibe-ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele” (NgokukaMathewu 5:48). Ngenxa yalowo myalelo, sifisa ukubuyela embhedeni sizimboze. Injongo enjengalena yesilestiyali kubonakala sengathi ngeke sakwazi ukuyifeza. Nakuba kunjalo ngempela iNkosi yayingeke yasinika umyalelo yazi ukuthi ngeke sakwazi ukuwugcina.
“Yebo, wozani kuKristu, futhi nipheleliswe kuye,” kunxusa uMoroni. “Nithande uNkulunkulu ngamandla enu onke, ngengqondo kanye nangokuqina kwenu, uma kunjalo … ukuze ngomusa wakhe nipheleliswe kuKristu” (uMoroni 10:32; kwengezwe ukugcizelela). Ithemba lethu okuyilo lodwa lokupheleliswa ngokweqiniso kusekukwamukeleni njenge sipho esivela ezulwini––ngeke sakwazi ukuku “sebenzela” lokho.
Ngaphandle kukaJesu, ibingakabi khona imisebenzi engenaphutha kuloluhambo lwasemhlabeni esiluhambayo, ngakho-ke lapho sisesempilweni yasemhlabeni masizabalazele ukuthuthuka okunogqozi futhi sikugweme ukulindela okukhulu kithi nakwabanye.
Uma siphikelela, ndawana thize ephakadeni ukuphuculwa kwethu kuyoqedelwa futhi kuphelele––okuyincazelo yeTestamente Elisha ukupheleliswa.
© 2023 Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Ishicilelwe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly For the Strength of Youth Message, February 2023. Language. 18910 783