Ngo-2023
UMoya oNgcwele UngasiSiza
NgoJuni 2023


“UMoya oNgcwele Ungasi Siza,” iLiyahona, ngoJuni 2023.

Umyalezo Wanyanga Zonke weLiyahona wangoJuni 2023

UMoya oNgcwele UngasiSiza

Isithombe
indoda ehleli ibuka ilanga liphuma

UMoya oNgcwele uyilungu lesithathu eMkhandlwini kaNkulunkulu. Imibhalo engcwele imubiza ngoMoya, uMoya oNgcwele, noma uMduduzi. Lapho sifunda ukulalela izwi Lakhe, Uzofakaza kithi ngoJesu Kristu asisize sifunde amaqiniso evangeli.

Ilungu loMkhandlu kaNkulunkulu

UBaba oseZulwini, uJesu Kristu, uMoya oNgcwele banguMkhandlu kaNkulunkulu. Bayasithanda futhi basebenza ngobunye ukuze kufezeke isu lensindiso. Nakuba uBaba oseZulwini noJesu Kristu benemizimba yenyama namathambo, uMoya oNgcwele yena akanakho lokho. Ungumoya.

Isithombe
umfanekiso wengilazi kaBaba neNdodana

UFakazi kaBaba neNdodana

UMoya oNgcwele “ufakaza ngoBaba kanye neNdodana” (2 Nefi 31:18). Lokhu kusho ukuthi singathola ubufakazi buka Baba oseZulwini noJesu Kristu ngoMoya oNgcwele.

UFakaza NgeQiniso

UMoya oNgcwele ufakaza ngalo lonke iqiniso. Uzosisiza sazi ukuthi ivangeli––okubalwa kulo nesu lensindiso, imiyalelo kaNkulunkulu, ukuBuyiselwa, kanye neNhlawulo kaJesu Kristu––kuyiqiniso. Uzobuqinisa ubufakazi bethu njengoba siqhubeka nokukhuleka, sigcina imiyalelo futhi silifunda ivangeli.

Isithombe
isandla sibambe inkombandlela

UsiHlahlela indlela futhi Asivikele

UMoya oNgcwele angasihlahlela indlela ezinqumweni zethu futhi asivikele ezingozini zempilo nezangokomoya. Uzosisiza sithole izimpendulo emibuzweni yethu uma sikhuleka futhi sizama ukwenza okulungileyo. Uyohlezi esihola “ekwenzeni okuhle” (iMfundiso neziVumelwano 11:12).

Uyasiduduza

UMoya oNgcwele ngesinye isikhathi kuthiwa “nguMduduzi” (NgokukaJohane 14:26). Uyasigcwalisa “ngethemba nangothando olupheleleyo”(uMoroni 8:26) lapho sikhathazekile, sidangele noma sinokwesaba. Ngesikhathi Esisiza sizwe uthando lukaNkulunkulu, singakunqoba ukudumazeka futhi siqiniswe ezivivinyweni zethu.

Isipho sikaMoya oNgcwele

Emva kokubhabhadiswa, samukeliswa isipho sikaMoya oNgcwele ngesimiso esibizwa ngokuthi ukuqiniswa. Uma sesamukele lesi sipho, sesingaba nobudlelwane njalo noMoya oNgcwele uma nje siphila ngokulunga.

Isithombe
owesifazane efunda imibhalo engcwele

Umfanekiso wenziwe nguJ. Kirk Richards

Indlela Esimuzwa Ngayo uMoya oNgcwele

Umoya oNgcwele ukhuluma kubantu ngezindlela ezahlukene. Lokhu kungaba ukuthula, imizwa yokududuzeka noma ulwazi mayelana nesingakukhuluma nesingakwenza. Lapho sisakhulekela ukuqondiswa silalela nokufunzelelwa Kwakhe, singafunda ukuthi ukhuluma kanjani nathi.

Shicilela