Ngo-2023
Ukuzimela ngoKwakho kuyasiQinisa
Ngo-Agasti 2023


“Ukuzimela ngoKwakho kuyasiQinisa,” Liyahona, ngo-Agasti 2023.

UMyalezo waNyanga Zonke weLiyahona ngo-Agasti 2023

Ukuzimela ngoKwakho kuyasiQinisa

Isithombe
abantu ababili bewasha izitsha

Ukuzimela ngokwakho kuqonde ukuthi singanakekela izidingo zethu kanye nezemindeni yethu. Uma sizimele ngokwethu, sikwazi kangcono ukusiza iNkosi siphinde sinakekele abanye. Kodwa ukuzimela ngokwakho akuqondile ukuthi kumele sibhekane nezinselele zethu sodwa. Singacela usizo kubangani, imndenini, emalungeni ewadi noma egatsha, kanye nakochwepheshe lapho siludinga.

Imigomo yoKuzimela ngoKwakho

Ukuba ngozimele ngokwakhe kudinga imfundo, ukuthobela, kanye nokusebenza kanzima. Senza konke okusemandleni ethu ukuzinakekela, futhi singacela usizo kwabanye lapho siludinga. Kodwa, ukuze sibe abazimele ngokweqiniso, kumele sifunde ukuba nokholo kuJesu Kristu. Ngakho-ke ngesikhathi sisebenzela ukuzisiza thina, Uzosiqinisa.

Isithombe
izandla ezimbili ezisongiwe

Ukuzimela ngoKwakho ngokoMoya

Singakha ukuzimela ngokoMoya ngokuba sisebenzele ukuqinisa ubufakazi bethu bukaJesu Kristu. Lokhu sikwenza lapho sithandaza, sifunda izincwadi ezingcwele, siya enkonzweni, sithobela imiyalelo, futhi noma senza izinto ezisisondeza kuKristu. Ukwazi ukuthi Uzimisele ukusisiza kuzosinika ukholo lokuhlala siqinile nalapho impilo inzima.

Ukuzimela Kwakho Kwesikhashana

Ukuzimela ngokwakho kwesikhashana kubandakanya nokukwazi ukunakekela izidingo zokwenyama zethu kanye nezemindeni yethu. Lokhu kubandakanya ukudla, indawo yokuhlala, ezempilo, kanye nezinye izidingo. Lokhu sikwenza ngokuthola imfundo engcono, ukufunda noma ukwandisa amakhono, ukusebenza kanzima, ukusebenzisa isikhathi sethu ngokuhlakanipha, futhi siphathe kahle imali yethu.

Isithombe
abesifazane abathathu behamba ndawonye

Ukuzimela ngoKwakho ngokoMzwelo

Ukuzimela ngokwakho ngokomzwelo yikhono lokuzivumelanisa nezinselelo zemizwa ngesibindi nokholo. Sonke sinezinselelo nezithiyo. Ngenxa yevangeli, siyazi ukuthi singakhetha ukuthi sisabela kanjani kuzo. Ukusabela ngokukholwa eNkosini kukhulisa ikhono lethu lokubhekana nobunye ubunzima sinethemba elikhulu.

Imfundo

Kufanele sihlale sifunda. UNkulunkulu ufuna sifundise imiqondo yethu futhi sisimamise amakhono ethu kuyo yonke lempilo nakwelandelayo. Lapho sifunda ngokwengeziwe, kulapho singakwazi khona ukuba nethonya elingcono lokuhle futhi sizinakekele thina, imindeni yethu kanye nalabo abaswele.

Isithombe
umfana omncane ephethe isikhwama

Izibusiso zoKuzimela ngoKwakho

Abaprofethi bafundise ukuthi njengoba sithuthukisa ukuzimela ngokwethu, sizobusiswa ngethemba elikhulu kanye nokuthula. Sizokwazi ukulekelela imindeni yethu kanye nabanye abaswele. Futhi sizobusiswa ngamanye amathuba kanye nangekhono lokuqhubeka sisimame.

IziNsiza zeBandla

Isikhonkwane sakho singanikela ngamaqembu okuzimela ngokwakho. Lokhu kungakufundisa imigomo yokuzimela ngokwakho namakhono afana nokuphatha imali noma ukuthola umsebenzi ongcono. Ungathola izinsiza ezihlobene kuMtapo woLwazi weVangeli. Khetha “Books and Lessons” bese ukhetha u “Self-Reliance.”

Shicilela