Ngo-2023
Inhlangano yeBandla likaJesu Kristu
Ngo-Okthoba 2023


“Inhlangano yeBandla likaJesu Kristu,” ILiyahona, Okt. 2023

Umlayezo Wanyanga Zonke weLiyahona, Ngo-Okthoba 2023

Inhlangano yeBandla likaJesu Kristu

Isithombe
isithombe sikaJesu Kristu

INkosi uJesu Kristu, nguDel Parson

UJesu Kristu uyinhloko yeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Ugqugquzela abaprofethi nabaphostoli ukuthi bahole iBandla namuhla, njengoba enza Naye ngezikhathi zeThestamente Elisha. Basizwa ngabanye abaholi beBandla.

IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina lingumbuso kaNkulunkulu emhlabeni. “Yakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uJesu Kristu ngokwakhe eyitshe legumbi eliyinhloko” (Kwabase-Efesu 2:20). Lokhu kusho ukuthi Uyingxenye ebaluleke kakhulu yesisekelo. Uhola iBandla ngabaprofethi nabaphostoli abakhethile ukuthi babe ngabaholi.

Isithombe
UbuMongameli bokuQala

UbuMongameli bokuQala

UMongameli weBandla ungumprofethi kaNkulunkulu emhlabeni namuhla. UnguMphostoli omkhulu futhi uyena yedwa umuntu emhlabeni othola isambulo sokuqondisa iBandla lonke. INkosi iyamgqugquzela ukuthi azi ukuthi yibaphi abaPhostoli ababili okufanele ababize ukuze basebenze njengabeluleki bakhe. Basungula ubuMongameli bokuQala. Bobathathu bangabaprofethi, ababoni, nabembuli.

UmGwamanda wabaPhostoli abaliShumi namBili

Amalungu oGwamanda wabaPhostoli abaliShumi namBili angabaprofethi, ababoni, kanye nabembuli. Babizelwe ukuba ofakazi abakhethekile baJesu Kristu. Bahamba emhlabeni wonke ukuze bafundise futhi bafakaze Ngaye. (Bheka IMfundiso neziVumelwano 107:23, 33.)

ImiGwamanda yabangamaShumi ayisiKhombisa

Amalungu abangamaShumi ayisiKhombisa nawo abizelwe ukuba ngofakazi baJesu Kristu (bheka IMfundiso neziVumelwano 107:25). Basiza umGwamanda WabayiShumi namBili ukufundisa ivangeli futhi bakhe iBandla emhlabeni wonke.

Isithombe
abaholi belulekana ndawonye

Isithombe nguMachiko Horii

Abaholi Bendawo

Ubumongameli bakho besikhonkwane noma besigodi, ububhishobhi noma umongameli wegatsha, kanye nobumongameli bomgwamanda wamagosa kanye neNhlangano YokuSiza nabo bubizwe nguNkulunkulu. Bangakusiza ukuthi ufunde futhi uphile ivangeli. Ungafunda mayelana nolunye lwalolubizo esihlokweni esithi, “Ukukhonza Ezibizweni ZeBandla” ngoMashi 2022.

Shicilela