“Thatha uMoya njengoMholi Wakho,” Okwakha Intsha Okt. 2023
Umyalezo Wanyanga Zonke Okwakha Intsha, Ngo-Okthoba 2023
Thatha uMoya njengoMholi Wakho
Kuthathelwe kwi Nkulumo yengqungquthela yebandla lonke yango-Ephreli 2017.
UBaba wethu oseZulwini wayazi ukuthi emhlabeni siyobhekana nezinselela, usizi, kanye nezinxushunxushu; Wayazi ukuthi siyobhekana nemibuzo, ukudumazeka, izilingo nobuthakathaka. Ukusinika amandla aphilayo kanye nesiqondiso saphezulu, Wasinika uMoya oNgcwele.
Ngomsebenzi ongcwele, uMoya oNgcwele uyaphefumulela, ufakaze, ufundise, futhi usigqugquzele ukuthi sihambe ekukhanyeni kweNkosi. Sinomsebenzi ongcwele wokufunda ukubona umthelela Wakhe ezimpilweni zethu futhi siphendule.
Sikwenza kanjani lokho?
Okokuqala, siphokophela ukuphila impilo efanelwe uMoya.
Okwesibili, kufanele sizimisele ukwamukela uMoya.
Okwesithathu, kufanele siqaphele uMoya oNgcwele uma ufika.
Kufanele sithathe isinyathelo mayelana nesiyalo sokuqala.
Kwangathi singaluthathela phezulu ubizo lweNkosi lokuthi “yimani isibindi, ngokuba ngizonihola”(IMfundiso neziVumelwano 78:18). Usihola ngoMoya oNgcwele. Kwangathi singaphila eduze noMoya, siphendula ngokushesha emizweni yethu yokuqala, sazi ukuthi ivela kuNkulunkulu. Ngifakaza ngamandla oMoya oNgcwele ukuthi asiqondise, asivikele, futhi abe nathi njalo.
© 2023 by Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe ngesiNgisi: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly For the Strength of Youth Message, October 2023. Language. 19048 783