Ubizo LweMishini
Isahluko 3: Funda futhi Ufundise iVangeli likaJesu Kristu


“Isahluko 3: Funda futhi Ufundise iVangeli likaJesu Kristu,” Shumayelani Ivangeli Lami: Umhlahlandlela woKwabelana ngeVangeli likaJesu Kristu (2023)

“Funda futhi Ufundise iVangeli likaJesu Kristu,” Shumayelani Ivangeli Lami

Isithombe
Ukubhabhadiswa kukaKristu, nguJoseph Brickey

Isahluko 3

Funda futhi Ufundise iVangeli likaJesu Kristu

Izifundo zakulesi sahluko ziphethe imfundiso ebalulekile, imigomo, kanye nemiyalelo yevangeli likaJesu Kristu. Lezi zifundo ziyilokhu abaprofethi abaphilayo kanye nabaphostoli abakuyale wena ukuba uzifunde futhi uzifundise. Zinikeziwe lapha ukuze usize abanye baqonde kahle imfundiso kaKristu.

Ingxenye yokuqala kulesahluko yisimemo sombhabhadiso. Ingxenye esele kulesahluko iqukethe lezifundo ezine ezilandelayo:

Funda imibhalo engcwele bese ubheka imfundiso kwisifundo ngasinye. Ngesikhathi wenza njalo, uMoya uzothula ubufakazi beqiniso olifundayo. Uzokusiza wazi okufanele ukusho futhi ukwenze ukusiza abanye bathole ubufakazi beqiniso. (Bheka IMfundiso Nezivumelwano 84:85.)

Abantu bazosondela ekwazini uMsindisi ngokuphelele ngesikhathi benza lokho Abameme ukuba bakwenze. Nikeza izimemo kwisifundo ngasinye, bese usiza abantu bazigcine izibopho zabo. Ngesikhathi abantu begcina izibopho zabo, bayaqala ukuphila ivangeli likaJesu Kristu futhi balungiselele ukwenza izivumelwano noNkulunkulu.

Fundisa zonke izifundo ngaphambili nangemuva kombhabhadiso. Abefundisi bevangeli abazinikele bayahola ekufundiseni lezifundo zikhathi zombili. Abefundisi bevangeli bewadi noma amanye amalungu ebandla abamba iqhaza lapho kungenzeka khona. Bheka izahluko 10 kanye nese-13 uma udinga ulwazi ngokuthi uwafaka kanjani amalungu ekufundiseni.

Zilungiselele Ukufundisa

Ngesikhathi ulungiselela ukufundisa, bheka ulwazi lomuntu ngamunye kuhlelo lokusebenza kwi-app ethi Shumayelani Ivangeli Lami. Yenza uhlelo lwesifundo olusekelwe yizidingo zomuntu. Cabanga ngokuthi yini yena angayazi futhi ayizwe ngesikhathi sakho sokuvakasha ukuzofundisa. UMoya uzokhulisa imizamo yakho ngesikhathi uthatha isikhathi sokulungiselela kanye nesokuhlela.

Nansi eminye imibuzo wena kanye nalo ofundisa naye eningayicabanga ngomkhuleko ngesikhathi nilungiselela ukufundisa.

  • Yisiphi isimemo esizosikhipha ukusiza umuntu akhe ukholo kuKristu futhi athuthuke? Izimemo ziyindlela yokwenza abantu baphenduke futhi bazizwe “[bes]emandleni oMkhululi” (Helamani 5:11). Cabanga ngokuthuthuka, isimo, kanye nezidingo zomuntu. Bese ukhipha isimemo esinye noma ezingaphezulu kuhlelo lwakho lwesifundo.

  • Yiziphi izimfundiso nemigomo ezizosiza umuntu agcine isibopho esimumeme ukuba asigcine na? Ngomkhuleko bheka ukuthi iyiphi imfundiso nemigomo engasiza abantu baqonde ukuthi kungani isibopho sabo sibalulekile kubo kanye naseNkosini.

  • Sizomsiza kanjani umuntu ukuba afunde imfundiso na? Ukulungiselela ukufundisa imfundiso, qoqa futhi ufinqe lokhu ozokufundisa usebenzisa izifundo 1–4. Khomba imibuzo, imibhalo engcwele, izibonelo, kanye nezokuxhumana ezifanele ezizosiza umuntu aqonde lokhu okufundisayo. Bheka isahluko 10 ukuthola ulwazi ngokuthi ungakwenza kanjani kube ngcono ukufundisa kwakho.

  • Yiziphi izibusiso uNkulunkulu azethembisile uma wamukela futhi ugcina izibopho na? Ngesikhathi uyifunda imfundiso, khomba izibusiso uNkulunkulu azithembisile. Ngesikhathi ufundisa, thembisa izibusiso futhi wethule ubufakazi ngazo.

  • Yimaphi amalungu angabamba iqhaza na? Emihlanganweni yenu yesonto yokuhlanganisa, bheka ukuthi yimaphi amalungu angakusiza ufundise futhi weseke umuntu. Ngaphambi kwesifundo, xoxisanani ngokubamba iqhaza kwabo. Bheka isahluko 10.

  • Yikuphi esingakwenza ukusiza abantu bagcine izibopho zabo emva kokuba sihambe na? Landelela ngokuxhumana nabo nsukuzonke ukusiza abantu bazigcine izibopho zabo. Bheka izindlela zokufaka amalungu ekusizeni labo obafundisayo bagcine izibopho zabo. Lokuxhumana kungabandakanya ukufunda isahluko kwiNcwadi kaMormoni noma eminye imibhalo engcwele. Uma omunye engasigcini isibopho sakhe sangaphambilini, kungangcono ukusiza ngaso leso sibopho ngaphambi kokuba unike esinye. Bheka isahluko 11.

  • Singabasiza kanjani kanconywana ngesikhathi esilandelayo na? Emva kwesimo sokufundisa ngasinye, hlolisisa isimo sabantu obafundisayo. Ngabe ukholo lwabo kuKristu luyakhula na? Ngabe bayawuzwa uMoya na? Ngabe bayaphenduka, benza futhi baphinde bagcine izibopho zabo na? Ngabe bayakhuleka, bafunda iNcwadi kaMormoni, futhi bayaya esontweni na? Akha amasu okubasiza.

Fundisa okuphuma eNhliziyweni Yakho ngokuHolwa uMoya

Ekhuluma nawo wonke amagosa kanye nodade, ubuMongameli BokuQala kanye nomGwamanda wabaPhostoli abayiShumi namBili bathi:

“Inhloso yethu ngukufundisa umlayezo wevangeli elibuyisiwe ngendlela yokuthi sivumele uMoya ukuba uhole bobabili abafundisi kanye nalabo abafundiswayo. Kusemqoka ukufunda imiqondo yezimfundiso, kepha lokhu akumele kufundiswe ngokuboniswa okuphindaphindekayo okungenamqondo. Umfundisi wevangeli kumele akhululeke ukusebenzisa amazwi akhe njengoba eholwa nguMoya. Akufanele anike into ayigcine ngokufunda ngekhanda, kepha akhulume okuphuma enhlizweni ngendlela yakhe. Angagudluka endleleni yalokhu anikwe kona ezifundweni, anikele ngalokho akukhuthazwe ukuba akwenze, ngendlela ezogculisa ukuthanda ukwazi kanye nezidingo [zomuntu]. Ngokukhuluma kwakhe ngesiqiniseko futhi nangamazwi akhe angethula ubufakazi ngeqiniso eliqukethwe yizimfundiso zakhe.”

Isithombe
abefundisi bevangeli behlangana nendoda

Fundisa futhi Umeme ngokweziDingo zoMuntu Siqu

Unokukhululeka kokufundisa izifundo yinoma ngayiphi indlela esiza abantu balungiselele ngokugcwele ukubhabhadiswa nokuqiniswa. Ukuthi yisiphi isifundo osifundisayo, ukuthi usifundisa nini, futhi singakanani isikhathi osinikezayo kuso kunqunywe kangcono izidingo zomuntu omfundisayo kanye nokuholwa uMoya. Isibonelo, uma ufundisa abantu abangenaso isizinda sobuKristu, ungahle uqale ngokubasiza bathuthukise ubudlelwane obukhulu noBaba oseZulwini kanye nokuqonda Isu Lakhe (bheka “Ukufundisa Abantu Abangenaso Isizinda sobuKristu” kwisahluko 10).

Yekelela uMoya ukuhole ukuthi yiziphi izimemo ongazipha nokuthi uziphe nini. Isimemo esihle ngesikhathi esifanele singagqugquzela abantu ukuba benze izinto ezingakha ukholo lwabo. Lezi zenzo zingaholela kwinguquko yenhliziyo enamandla (bheka uMosiya 5:2; Alima 5:12–14).

Fundisa izifundo ezilula, ezicacile, nezimfishane. Ngokuvamile, isikhathi sokufundisa akumele sibe ngaphezulu kwemizuzu engama-30, futhi ungafundisa umuntu ngisho emizuzwini emi-5.

Kuvame ukuthi udinge imihlangano embalwa ukuba ufundise imigomo esifundweni esisodwa. Abantu bazovama ukuqonda kanconywana umyalezo wakho uma ufundisa izifundo ezimfishane, ufundisa njalo, futhi ufundisa izingxenye ezincane zesifundo.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Yini oyikhonjisiwe ukuba uyifundise na?

Kungani kumele ufunde imfundiso kulezi zifundo na?

Shicilela