Ubizo LweMishini
Isahluko 3: Isimemo Sokubhabhadiswa nokuQiniswa


“Isahluko 3: Isimemo Sokubhabhadiswa nokuQiniswa,” Shumayelani Ivangeli Lami: Umhlahlandlela woKwabelana ngeVangeli likaJesu Kristu (ngo-2023)

“Isimemo Sokubhabhadiswa nokuQiniswa,” Shumayelani Ivangeli Lami

Isahluko 3

Isimemo Sokubhabhadiswa nokuQiniswa

Isithombe
Come into the Fold of God [Woza Emhlabini kaNkulunkulu], nguWalter Rane

Isisekelo Sezimfundiso

Sonke singabantwana baBaba oseZulwini. Size emhlabeni ukuze sibe nethuba lokufunda, ukukhula, futhi sifane Naye kakhulu ukuze sibuyele ebukhoneni Bakhe (bheka uMose 1:39). Asikwazi ukufana Naye noma sibuyele Kuye ngaphandle kosizo lwaphezulu. UBaba Wethu oseZulwini wathumela iNdodana Yakhe, uJesu Kristu, ukuba izosihlawulela futhi igqashule izibopho zokufa (bheka 3 Nefi 27:13–22).

Sizuza ukufinyelela emandleni kaKristu okuhlenga ngokubonisa ukholo Kuye ukuze siphenduke, sibhabhadiswe, sithole isipho soMoya oNgcwele ngokuqiniswa, futhi sibekezele kuze kube sekugcineni. Ukugcina isivumelwano sombhabhadiso kuyisinyathelo sokuqala sokuzibophezela kuNkulunkulu ukuze uMoya oNgcwele ukwazi ukuhlanza, ukuqinisa, futhi uguqule imvelo yethu ibe ngcono. Ukuthola leli thonya elingcwelisayo kubizwa ngokuthi ukuzalwa kabusha okungokomoya. (Bheka ku 2 Nefi 31:7, 13–14, 20–21; uMosiya 5:1–7; 18; 27:24; 3 Nefi 27:20; NgokukaJohane 3:5.)

Ukuzalwa kabusha ngokomoya kuqala lapho ubhabhadiswa ngamanzi nangoMoya. Umbhabhadiso uyisivumelwano esijabulisayo nesinikeza ithemba. Lapho sibhabhadiswa ngenhliziyo edabukileyo kanye nomoya ophukileyo, siqala ukuphila kabusha ngamandla kaNkulunkulu asekelayo. Emva kokuba sibhabhadiswe futhi siqiniswe, singaqhubeka nokuqiniswa ngokudla isidlo esingcwele ngokufanelekile. (Bheka ku 2 Nefi 31:13; uMosiya 18:7–16; uMoroni 6:2; IMfundiso neziVumelwano 20:37.)

Dlulisa Isimemo

Lapho uzizwa uholwa nguMoya, mema abantu ukuba babhabhadiswe futhi baqiniswe. Lokhu kungenzeka kunoma yisiphi isifundo.

Fundisa imfundiso yokubhabhadiswa futhi usize abantu baqonde imfundiso kaKristu (bheka isifundo 3). Fundisa ngokubaluleka kanye nenjabulo yesivumelwano sokubhabhadiswa, sokwamukela ukuthethelelwa kwezono, kanye nokwamukela isipho sikaMoya oNgcwele ngokuqiniswa.

Lungiselela abantu isimemo sokubhabhadiswa ngokuqinisekisa ukuthi bayakuqonda okufundisile kanye nesivumelwano abazosenza. Isivumelwano sombhabhadiso simi kanje:

  • Ukuzimisela ukuba sibizwe ngegama likaJesu Kristu.

  • Gcina imiyalelo kaNkulunkulu.

  • Sebenzela uNkulunkulu kanye nabanye.

  • Bekezela kuze kube sekugcineni. (Bheka isifundo 4.)

Ungase wabelane ngokulandelayo:

“Lapho sibhabhadiswa, ‘sifakaza phambi [kukaNkulunkulu] ukuthi [sesenze] isivumelwano Naye, sokumkhonza futhi sigcine imiyalo Yakhe.’ Lapho senza lesivumelwano, Uyathembisa ukuthi ‘uyokwehlisela uMoya wakhe ubemningi [kithi]’ (uMosiya 18:10).”

Isimemo sakho sokubhabhadiswa kumele sicace futhi siqonde. Ungase uthi:

“Uzosilandela isibonelo sikaJesu Kristu ngokubhabhadiswa ngumuntu ogcotshelwe ukwenza lesi simiso? Sizokusiza ukulungiselela ukubhabhadiswa. Sikholelwa ukuthi uzobe usulungile ngomhlaka [usuku]. Uzozilungiselela wena ngokwakho ukuba ubhabhadiswe ngalolusuku na?”

Njenganoma yisiphi isimemo osidluliselayo, thembisa izibusiso ezinkulu abantu abazozithola njengoba bemukela isimemo sokubhabhadiswa nokugcina izivumelwano ezihambisana naso. Yabelana ngobufakazi bakho ngalezizibusiso.

Fundisa ukuthi ukubhabhadiswa nokuqiniswa akuyona indawo yokugcina. Kunalokho, kuyiphuzu endleleni yokuguquka eletha ithemba, injabulo, kanye namandla kaNkulunkulu ngokugcwele ekuphileni komuntu (bheka uMosiya 27:25–26). Emva kokuba abantu sebebhabhadisiwe futhi baqiniswa, bangabheka phambili ekungcwelisweni nguMoya lapho beqhubeka endleleni yesivumelwano.

Uma kungenzeka, mema labo obafundisayo beze enkonzweni yokubhabhadiswa kanye nomhlangano wesidlo esingcwele lapho umuntu eqiniswa.

Amasu eSimemo Sokubhabhadiswa

Cabanga ngokufunda umlando ongokombhalo ongcwele wokubhabhadiswa kukaJesu (bheka NgokukaMathewu 3:13–17). Ungahle futhi ukhombise iBible video ekhombisa ukubhabhadiswa koMsindisi noma iBook of Mormon video yabafundi boMsindisi bebhabhadisa.

Ungakwazi futhi ukufunda indaba kaNefi yokubhabhadiswa kukaJesu (bheka ku 2 Nefi 31:4–12). Ukufunda ukulandisa kokubhabhadiswa kukaJesu Kristu kungabaqinisa labo abafundiswayo.

Ukufunda Imibhalo Engcwele

Funda lemibhalo engcwele elandelayo:

Bhala isifinyezo salokho okufundile.

Shicilela