Isahluko 6
UNefi ubhala ngezinto zikaNkulunkulu—Injongo kaNefi wukuvumisa abantu ukuthi beze kuNkulunkulu ka-Abrahama futhi basindiswe. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.
1 Manje mina, Nefi, anginiki umlando wobaba bami kulengxenye yombhalo wami; futhi angizukuwunikeza nanoma yingasiphi esinye isikhathi kulezi zingcwephe engibhala kuzo; ngokuba unikeziwe embhalweni ogcinwe ngubaba; ngakho-ke, angizukuwubhala kulomsebenzi.
2 Ngokuba kuyanganelisa ukusho ukuthi thina singabenzalo kaJosefa.
3 Futhi akubalulekile ukuthi ngicophelele ukunikeza indaba egcwele ngazo zonke izinto zikababa, ngokuba azinakulotshwa kulezi zingcwephe, ngokuba ngifuna isikhala ukuze ngibhale ngezinto zikaNkulunkulu.
4 Ngokuba inhloso yami ephelele kungukuthi ngivumise abantu ukuthi beze kuNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, kanye noNkulunkulu kaJakobe, futhi basindiswe.
5 Ngalokho-ke, izinto ezithokozisa umhlaba angizibhali, kodwa izinto lezo ezithokozisayo kuNkulunkulu kanye nakulabo okungesibo abezwe.
6 Ngalokho-ke, ngiyonikeza umyalelo enzalweni yami, wokuthi ayiyikugcwalisa lezi zingcwephe ngezinto ezingabalulekile kubantwana babantu.