Isahluko 5
Ofakazi abathathu kanye nomsebenzi uqobo lwawo kuzokuma njengobufakazi bobuqiniso beNcwadi kaMormoni.
1 Manje mina, Moroni, sengiwabhalile amazwi engangiyalwe ngawo, njengokukhumbula kwami; futhi sengikutshelile izinto engizigcine zilondekile; ngakho-ke ungazithinti ukuze uzihumushe; ngokuba leyonto wenqatshelwe yona, ngaphandle kokuthi emva kwesikhashana kuyoba ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu.
2 Futhi bheka, ungaba nenhlanhla yokuthi izingcwephe uzikhombise labo abayosiza ukuthi kumiswe lomsebenzi;
3 Futhi ziyokhonjiswa kwabathathu ngamandla kaNkulunkulu; ngalokho-ke bayokwazi ngaphandle kokungabaza ukuthi lezi zinto ziyiqiniso.
4 Futhi ngomlomo wofakazi abathathu lezi zinto ziyomiswa; futhi ubufakazi babathathu, kanye nalomsebenzi, kuwo okuyokhonjiswa amandla kaNkulunkulu futhi kanjalo nezwi lakhe, uBaba, kanye neNdodana, kanye noMoya oyiNgcwele abafakaza ngalo—futhi konke lokhu kuyoma njengobufakazi ngokumelene nomhlaba ngosuku lokugcina.
5 Futhi uma kungukuthi bayaphenduka futhi beza kuBaba egameni likaJesu, bayokwamukelwa embusweni kaNkulunkulu.
6 Manje, uma ngingenalo igunya lalezi zinto, zenqabeni, ngokuba niyokwazi ukuthi nginegunya ngesikhathi seningibona, futhi siyokuma phambi kukaNkulunkulu ngosuku lokugcina. Amen.