Ngo-2021
IZwi lokuHlakanipha
Ngo-Agasti 2021


“IZwi lokuHlakanipha,” Friend (Umgani), ngo-Agasti 2021.

UMyalezo Wanyanga zonke we Friend (Umngani) ngo-Agasti 2021.

IZwi lokuHlakanipha

Isithombe
UJoseph Smith efundisa iqembu lamadoda

UJoseph Smith wayebamba imihlangano ukufundisa abantu ngevangeli. Ngezinye izikhathi amadoda ayebhema futhi ehlafuna ugwayi.

Isithombe
UJoseph no-Emma Smith

Lokhu kwakumkhathaza u-Emma Smith. Intuthu nogwayi kwakudala okukhulu ukungcola, futhi wayengazizwa kahle ngalokho. U-Emma noJoseph bazibuza ukuthi ngabe uNkulunkulu wayezizwa kanjani ngalokhu.

Isithombe
uJoseph Smith ekhuleka

UJospeh wakhuleka, futhi iNkosi yaphendula. INkosi yawexwayisa amalungu eBandla ngokubhema nongogwayi. Yathi wuyilungele imizimba yethu. Yabuye yabexwayisa futhi ngokuphuza itiye, ikhofi, notshwala.

Isithombe
imifino

UNkulunkulu wathi masidle izithelo, imifino nokunye ukudla okunempilo. Lezi zimfundiso sizibiza ngeZwi lokuHlakanipha.

Isithombe
intombazane idla

Ngingaliphila iZwi lokuHlakanipha. UBaba oseZulwini uzongibusisa njengoba nginakekela umzimba wami.

Ikhasi Lokufaka Imibala

Ngiyakwazi Ukunakekela Umzimba Wami

Isithombe
abantwana bedlala intambo

Wenzani ukunakekela umzimba wakho na?

Chofoza isithombe ukuze usilande.

Umfanekiso wenziwe ngu-Apryl Stott

Shicilela