Ngo-2021
IThempeli laseKirtland
ngoSepthemba 2021


“IThempeli laseKirtland,” Friend(Umngani), ngoSepthemba 2021.

UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona yangoSepthemba 2021

IThempeli laseKirtland

Isithombe
UJoseph Smith ebona umbono weThempeli laseKirtland

UNkulunkulu watshela uJoseph Smith ukuba akhe ithempeli. Isambulo samkhombisa ukuthi lizobukeka kanjani. Liyoba yindlu kaNkulunkulu.

Isithombe
ukwakha iThempeli laseKirtland

AbaNgcwele basebenza ndawonye ukusiza ukwakha ithempeli. Amadoda akha izindonga ezinde. Abesifazane benza amakhethini nokhaphethi. Abantwana basiza ukuletha amathuluzi namanzi kwabasebenzayo.

Isithombe
abantu becula

Ngesikhathi ithempeli seliqediwe, abaNgcwele bangena phakathi. Bacula isihlabelelo futhi bamemeza bathi “Hosana!” UJoseph wenza umkhuleko wokulinikela (ukulibusisa) ithempeli.

Isithombe
UJesu Kristu evakashela iThempeli laseKirtland

Emva kwesonto, uJesu Kristu wavakashela uJoseph Smith no-Oliver Cowdery ethempelini. UJesu wathi uyalemukela ithempeli njengendlu Yakhe.

Isithombe
abantwana emagcekeni ethempeli

Namuhla kukhona amathempeli emhlabeni wonke jikelele! Ithempeli ngalinye liyindawo engcwele. Ngelinye ilanga ngizongena phakathi ngenze izethembiso noNkulunkulu.

Ikhasi Lokufaka Imibala

IThempeli Liyindawo Engcwele

Isithombe
umntwana abelana nomunye ngekhophi yeFriend (Umngani)

Chofoza isithombe ukuze usilande.

Umfanekiso wenziwe ngu-Apryl Stott

Kungani ithempeli likhethekile na?

Shicilela