“Ngaphambi Kokuba Size Emhlabeni,” Umyalezo Wanyanga Zonke we Friend (Umngani) ngoJanuwari 2022
“Ngaphambi Kokuba Size Emhlabeni”
UMyalezo Wanyanga Zonke we Friend (Umngani) ngoJanuwari 2022
Ngaphambi Kokuba Size Emhlabeni
Ngaphambi kokuba sizalwe, sasihlala ezulwini noBaba wethu oseZulwini. Wasifundisa ngesu Lakhe lentokozo.
UBaba oseZulwini wathi sizokuza emhlabeni sizothola imizimba. Sasizofunda futhi sikhethe phakathi kokuthile. Ngezinye izikhathi sasizokwenza amaphutha. Sasizodinga uMsindisi.
UMsindisi wayezositshengisa ukuthi kufanele siphile kanjani. Futhi lapho sikhetha khona okungalungile, sasizokwazi ukuphenduka.
UJesu wathi, “Ngilapha, thuma mina.” UBaba oseZulwini wakhetha Yena ukuthi abe nguMsindisi wethu. UJesu wathembisa ukuza emhlabeni ukuze asisindise.
Ngingamlandela uJesu. Ngelinye ilanga ngingakwazi ukubuyela emuva ngiyophila noBaba oseZulwini.
© 2022 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Ishicilelwe eMelika Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, January 2022. isiZulu. 18295 783