Ngo-2022
URuthe noNawomi
ngoJuni 2022


“URuthe noNawomi,” Umyalezo waNyanga zonke we Friend (Umngani) ngoJuni 2022

“URuthe noNawomi”

Umyalezo Wanyanga Zonke we Friend (Umngani) ngoJuni 2022

URuthe noNawomi

Isithombe
uRuthe eshada, enomndeni kaNawomi

Imifanekiso yenziwe ngu-Apryl Stott

UNawomi nomndeni wakhe beza ezweni elisha ngenxa yendlala. Bahlangana nentombi ogama layo lalinguRuthe. URuthe wagana indodana kaNawomi.

Isithombe
uRuthe enomyeni wakhe ofayo

Emva kwalokho umyeni kaRuthe wafa. URuthe wadabuka kakhulu.

Isithombe
UNawomi

UNawomi naye wadabuka kakhulu. Wayengasenabo abomndeni wakhe ababezomnakekela. Wathatha isinqumo sokubuyela emuva ezweni ayevela kulo.

Isithombe
UNawomi noRuthe

UNawomi watshela uRuthe ukuba abuyele emuva emndenini wakubo. Kodwa uRuthe wayemthanda uNawomi. Wethembisa ukuthi wayezohamba noNawomi futhi amnakekele.

Isithombe
uRuthe ekhothoza

URuthe noNawomi babempofu. Ngakho-ke uRuthe wasebenza kanzima ukutholela yena noNawomi ukudla.

Isithombe
uBowazi noRuthe ensimini

Ngelinye ilanga indoda okuthiwa uBowazi yabona uRuthe eqoqa okusanhlamvu okwakusele kwenye yamasimu ayo.

Isithombe
uBowazi nesisebenzi

uBowazi wayenomusa. Watshela abasebenzi bakhe ukuba bashiyele uRuthe okunye ukudla.

Isithombe
URuthe, uBowazi, noNawomi, nomntwana

Kamuva uRuthe noBowazi bashada. Baba nomntwana womfana. UNawomi wasiza ukumnakekela.

Isithombe
umndeni uphakelana ukudla

Ngingasiza ukubanakekela abanye. Ngingakhombisa umusa kulabo abesweleyo.

Ikhasi Lokufaka Imibala

Ngingabanakekela Abanye

Isithombe
abantwana benomkhulu

Chofoza esithombeni ukuze usikopishe.

Umfanekiso wenziwe ngu-Apryl Stott

Ngubani ongamsiza na?

Shicilela