Ngo-2023
Kudingeka Abalamuli
NgoMeyi 2023


UMyalezo Wanyanga Zonke we Liyahona, yangoMeyi 2023

Kudingeka Abalamuli

Unalo ilungelo lokuzikhethela umbango noma ukubuyisana. Ngiyakunxusa ukuba ukhethe ukuba umlamuli, manje futhi njalo.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, kuyintokozo ukuba nani. Kulezi zinyanga eziyisithupha ezedlule, benihlezi nisemqondweni wami nasemikhulekweni yami. Ngiyakhulekela ukuthi uMoya oNgcwele uzokuholela kulokho iNkosi efuna ukuthi ukuzwe njengoba ngikhuluma nani manje.

Ngesikhathi sokuqeqeshwa emsebenzini kwami eminyakeni eminingi edlule, ngasiza udokotela owayenqamula umlenze ogcwele isilonda esithelelanayo kakhulu. Nokuhlinza kwakulukhuni. Ukwandisa kulesisimo esishubile, oyedwa weqembu wenza umsebenzi kabi, okwenza udokotela abhoke ngolaka. Ekuthukutheleni kwakhe, waphonsa ummese wakhe wokuhlinza owawugcwele amagcikwane. Wahlala phakathi engalweni yami!

Wonke umuntu owayesegunjini lokuhlinzela—ngaphandle kwalodokotela owayengabambeki—wayethuke kakhulu ngalokhu kwephula umthetho wokuhlinza. Ngokujabulisayo, angizange ngitheleleke. Kodwa lesahlakalo sashiya umcabango ohlala njalo kimi. Ngalelohora, ngazithembisa ukuthi noma kungaba yini eyokwenzeka egumbini lokuhlinza lami, angisoze ngavumela ukungalawuleki kwemizwa yami. Ngalolosuku ngafunga futhi ukuthi angisoze ngaphonsa lutho ngolaka—kungaba ummese wokuhlinza noma amazwi.

Ngisho kwayimanje, eminyakeni engamashumi kamuva, ngizothola ngizibuza ukuthi ngabe loya mmese wokuhlinza owawungcolile owawela phakathi engalweni yami wawunobuthi ngaphezu kombango onobuthi othelela izinkulumompendulwano zomphakathi wethu kanye nobudlelwano bomuntu siqu obuningi namuhla. Ubuntu nenhlonipho sekubonakala sengathi sebunyamalele kulenkathi yesahlukaniso nezimpikiswano ezivuthayo.

Inhlamba, ukubheka amaphutha, kanye nokukhuluma kabi ngabanye sekwaba imvamisa. Ochwepheshe, osopolitiki, abathokozisi, kanye nabathonya abaningi kakhulu bayathukana mihla namalanga. Ngikhathazeke kakhulu ukuthi abantu abaningi bakholelwa ekutheni lokhu kuyinto elungileyo ukulaxaza, ukunyundela, kanye nokuhlambalaza noma ubani ongavumelani nabo. Abaningi babukeka belindele ukulimaza idumela lomunye umuntu ngemibono engenamusa noma ukugxeka okudabukisayo.

Intukuthelo ayincengi. Ubutha abumakhi umuntu. Umbango awusoze waletha izixazululo eziphefumulelwe. Ngokudabukisayo, sibuye sibone umbango ngisho ngaphakathi ebandleni. Siyezwa ngalabo abagxeka abashade nabo nezingane zabo, nalabo abasebenzisa ukucasuka ukuze balawule abanye, nalabo abajezisa amalungu emindeni yabo “ngokungasho lutho.” Sizwa ngentsha nabantwana abahlukumezanayo, kanye nezisebenzi ezigxeka laba ezisebenza nabo.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, lokhu akumele kubenjalo. Njengabafundi baJesu Kristu, kumele sibe yizibonelo zokuziphatha thina kanye nabanye—ikakhulukazi uma sibona izinto ngokuhlukana. Enye yezindlela ezilula zokukhomba umlandeli oqotho kaJesu Kristu yindlela aphatha ngayo abanye abantu ngobubele.

Isithombe
umndeni ubuka ingqungquthela

INingizimu Afrika

UMsindisi wakucacisa lokhu kwintshumayelo Yakhe kubalandeli umhlaba jikelele. Wathi, “Babusisiwe abalamulayo”.1 “Uma umuntu ekumukula esihlathini sokunene, mphendulele nesinye.”2 Nangaphezu kwalokho, nangempela, Wasinika loyomlayezo oyingqungquthela kithi sonke: “Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo.”3

Ngaphambi kokushona Kwakhe, uMsindisi wayala Abapostoli Abayishumi Nambili Bakhe ukuba bathandane njengalokhu Yena ayebathandile.4 Waphinde wanezelela, “Ngalokhu bonke abantu bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami uma nithandana.”5

Umyalezo kaMsindisi ucacile: abafundi Bakhe beqiniso bayakha, bayaphakamisa, bayakhuthaza, bayavumisa, futhi bayakhusela—noma singabanzima kangakanani isimo. Abafundi baJesu Kristu bangabalamuli.6

Namhlanje yiPhasika. Sihlelela ukukhumbula isigigaba esibalulekile futhi esinomthelelo ngaphezu kwazo zonke ezake zaqoshwa emhlabeni, okuyiNhlawulo noVuko lweNkosi uJesu Kristu. Enye yezindlela ezinhle esingahlonipha ngayo uMsindisi ukuba umlamuli.7

INhlawulo kaJesu Kristu yenza ukuthi sikwazi ukunqoba bonke ububi—kanye nombango. Ungaphazami: umbango nangempela uwububi! UJesu Kristu wamemezela ukuthi abano “moya wokubanga” abasibo abakhe kodwa “abangoka develi, ongubaba wombango, futhi [udeveli] uphehla izinhliziyo zabantu ukuthi zibange ngolaka, omunye nomunye.”8 Labo abagqugquzela umbango bathatha ikhasi encwadini kaSathane, ukuthi bayakubona noma cha. “Akukho muntu ongasebenzela amakhosi amabili.”9 Angeke sikwazi ukusekela uSathane ngenkulumo yethu yokuhlasela siphinde sicabange ukuthi sisangakwazi ukhonza uNkulunkulu.

Isithombe
ubaba nendodana esiKhungweni Senkomfa

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, indlela esiphathana ngayo ibaluleke kakhulu! Indlela esikhuluma ngayo nangabanye emakhaya, nasebandleni, emsebenzini, naku-inthanethi ibalulekile. Namhlanje, ngiyacela ukuba sisebenzisane nabanye ngedlela engcono, futhi nengcwele. Ngiyanicela nilalelisise. “Uma kukhona noma yini elungile, ethandekayo, noma enobuntu, noma encomekayo”10 esingakusho ngomunye umuntu—kungaba phambi kwabo noma ngemumva komhlane wabo—lokho kumele kube indlela yethu yokuxhumana.

Uma umbhanqwana oshadile wasewadini lakho uhlukana, noma umfundisi wevangeli osemusha ebuya ngaphambi kokuqeda isikhathi sakhe, noma ijongosi lingabaza ngobufakazi lwalo, abadingi isahlulelo sakho. Badinga ukuzwa uthando olumsulwa lukaJesu Kristu oluvela emazwini nasezenzweni zakho.

Uma umngani ezinkundleni zokuxhumana enemibono eqinile ngezepolitiki noma imibono eyona yonke into okholelwa kuyo, impendulo enentukuthelo nehlabayo ephuma kuwe angeke isize. Ukwakha amabhuloho okubonisa kuyodinga okuningi kuwe, kodwa yilokho ngqo akudingayo umngani wakho.

Umbango uxosha Umoya—ngazo zonke izikhathi. Umbango uqinisisa lomcabango ongamanga wokuthi ukuphikisana kuyindlela yokuxazulula ukungezwani; kodwa akusoze kube njalo. Umbango uyisinqumo. Ukulamula kuyisinqumo. Unalo ilungelo lokuzikhethela umbango noma ukubuyisana. Ngiyakunxusa ukuba ukhethe ukuba umlamuli, manje futhi njalo.11

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, nangempela singawuguqula umhlaba—umuntu ngamunye nangokusebenzisana okukodwa ngesikhathi. Kanjani na? Ngokukhombisa indlela yokuphatha ukuhlukana kwemibono ngokwethembeka, ngokuhloniphana kanye nenkulumompendulwano enesizotha.

Ukuhlukana kwemibono kuyingxenye yempilo. Ngisebenzisana mihla namalanga nezinceku ezizimisele zeNkosi ezingaboni ngokufana ngodaba njalo. Ziyazi ukuthi ngiyafuna ukuzwa imicabango yazo kanye nemizwa yazo eqotho ngako konke esikukhulumayo—ikakhulukazi izindaba ezibucayi.

Isithombe
UMongameli uDallin H. Oaks noMongameli uHenry B. Eyring

Abeluleki bami ababili abahloniphekile, uMongameli uDallin H. Oaks noMongameli uHenry B. Eyring, bayisibonelo ngendlela abakhuluma ngayo imizwa yabo—ikakhulukazi mayiphambana. Lokhu bakwenza ngothando olumsulwa abanalo ngomunye nomunye. Akekho phakathi kwabo ophakamisa ukuthi wazi kangcono ngakho-ke kumele akuvikele ngokuqinile ukuma kwakhe. Akekho ofakaza isidingo sokuqhudelana nomunye. Ngoba omunye nomunye ugcwele isihe, “uthando olumsulwa lukaKristu,”12 izingxoxo zethu zingaholwa uMoya weNkosi. Ngiyawathanda futhi ngiyawahlonipha lamadoda amabili amakhulu!

Isithombe
UbuMongameli bokuQala kwingqungquthela

Isihe wukhambi lombango. Isihe yisipho somoya esisisizayo ukuthi sihlubule umuntu wemvelo, ozicabangela yedwa, oziphendulelayo, ozidlayo, futhi onomona. Isihe yiso isici esiyinhloko somlandeli oqotho kaJesu Kristu.13 Isihe sichaza umlamuli.

Uma sizithoba ngaphambi kwaNkulunkulu futhi sikhuleka ngawo wonke amandla ezinhliziyweni zethu, uNkulunkulu uyosibusisa ngesihe.14

Labo ababusiswe ngalesi sipho esingaphezu kwamandla banezinhliziyo ezinde futhi bamnene. Abanawo umhawu kubanye abantu futhi abahlali bezicabangela bona. Abacasuki kalula futhi abacabangi abanagqubu.15

Bafowethu nodadewthu, uthando lukaKristu olumsulwa yilo impendulo kulombango osigulisayo namuhla. Isihe siyasiqhuba ukuba “sithwalisane imithwalo omunye nomunye”16 kunokuba sithwalisane imithwalo. Uthando olumsulwa lukaKristu luyasivumela ukuba “sime njengofakazi baNkulunkulu ngazo zonke izikhathi nakuzo zonke izinto”17ikakhulukazi ezimweni ezinzima. Isihe siyasivumela sikhombise ukuthi amadoda nabesifazane baKristu bakhuluma bapinde benze kanjani—ikakhulukazi ezimweni ezibucayi.

Manje, angikhulumi “ngokuthula nganoma iyiphi intengo.”18 Ngikhuluma ngokuphatha abanye ngezindlela ezihambisana nokugcina izivumelwano ozenzayo mawuthatha isidlo esingcwele. Uyavuma ukuthi uyohlezi umkhumbula uMsindisi. Ezimweni ezibucayi futhi ezigcwele umbango, ngiyakumema ukuthi ukhumbule uJesu Kristu. Thandaza ukuze ubenesibindi nokuhlakanipha kokusho noma kokwenza lokho abezokwenza Yena. Njengoba silandela iNkosi yokuThula, sizoba abalamuli Bakhe.

Kuleliqophelo kungenzeka ukuthi uyacabanga ukuthi lomlayezo ungamsiza kakhulu othile omaziyo. Mhlawumbe unethemba ukuthi ungamsiza ukuba akuphathe kangcono. Ngiyethemba ukuthi kuzokwenzeka! Kodwa ngiyathemba futhi ukuthi uzozibheka wena phakathi enhlizweni yakho ukubona ukuba kukhona izingcezwana zokuzikhukhumalisa noma umhawu ovimbela wena ukuba ube ngumlamuli.19

Uma uzimisele ngokusiza ukubunganyela i-Israeli nokukhulisa ubudlelwane obuyoqhubekela phakade naphakade, manje yisikhathi sokulahlela phansi umunyu. Manje yisikhathi sokuyeka ukugcizelela ukuthi kukhala isicathulo sakho kuphela. Manje yisikhathi sokuyeka ukwenza izinto ezenza abanye bahambe phezu kwamaqanda ngenxa yokusaba ukukuphatha kabi. Manje yisikhathi sokgqiba izikhali zakho zempi.20 Uma isilulumagama sakho sigcwele inhlamba nokusola, manje yisikhathi sokuwasusa.21 Uzovuka uyindoda noma owesifazne kaKristu oqinile ngokmoya.

Ithempeli lingasisiza ekufuneni kwethu. Laphaya siyambeswa ngamandla kaNkulunkulu, okusinika amandla okunqoba uSathane, umshoshozeli wawo wonke umbango.22 Mkhiphe ebudlelwaneni bakho! Qaphela ukuthi siyasikhuza futhi isitha ngaso sonke isikhathi lapho silungisa ukungaqondisisani noma mesinqaba ukucasuka. Kunalokho, singakhombisa isihe esiwuphawu lwabafundi beqiniso baJesu Kristu. Abalamuli bayasinqoba isitha.

Njengabantu masibe ukukhanya obuyiqiniso egqumeni—ukukhanya “okungesitheliswe.”23 Masikhombise ukuthi ikhona indlela enokuthula, nenhlonipho yokuxazulula izinkinga eziyinkimbinkimbi nendlela ekhanyiselwe yokuxazulula izimpikiswano. Lapho ukhombisa isihe esivezwa abalandeli baJesu Kristu beqiniso, iNkosi izokhulisa imizamo yakho ngaphezu kwayo yonke imicabango ongaba nayo.

Isithombe
intombazane ibuka ingqungquthela

e-Uruguay

Inethi levangeli iyona nethi enkulu umhlaba jikelele. UNkulunkulu usimemile sonke ukuba size Kuye, “omnyama nomhlophe, oboshiwe nokhululekile, owesilisa nowesifazane.”24 Kukhona indawo yawo wonke umuntu. Kodwa, ayikho indawo yobandlululo, yokujezisana, noma umbango kwanoma yiluphi uhlobo.

Bafowethu nodadewethu bami abathandekayo, okuhle kuseza kulabo abachitha izimpilo zabo bakha abanye. Namhlanje ngiyanimema ukuthi nihlole ubufundi benu ngaphakathi komongo yendlela eniphatha ngayo abanye abantu. Ngiyanibusisa ukuthi nenze noma yikuphi ukulungiswa okudingakalayo ukuze ukuziphatha kwenu kuphakamise, kube nenhlonipho, futhi kumele umlandeli kaJesu Kristu weqiniso.

Ngiyanibusisa ukuba nifake ukunxusa esikhundleni sokulwisana, ukuzwelana esikhundleni sobutha, kanye nokuthula esikhundleni sombango.

UNkulunkulu uyaphila! UJesu unguKristu. Nguye inhloko yaleliBanda. Siyizinceku Zakhe. Uzosisiza ukuba sibe abalamuli Bakhe. Ngiyafakaza ngalokho egameni elingcwele likaJesu Kristu, amen.

Shicilela